Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Kwabase-Efesu 3:2 - IsiZulu 2020

2 Uma impela senizwile ngohlelo lomusa kaNkulunkulu angiphe wona ngenxa yenu,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 uma ngabe senizwile ngohlelo lomusa kaNkulunkulu engiwuphiweyo ngenxa yenu

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

2 Uma nizwile ngokwesimiso somusa kaNkulunkulu engiwuphiwe kini;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Uma nizwile ngokwesimiso somusa kaNkulunkulu engiwuphiwe kini;

Gade chapit la Kopi




Kwabase-Efesu 3:2
27 Referans Kwoze  

ngokwevangeli lenkazimulo kaNkulunkulu odumisekayo, engaphathiswa lona mina.


Ngamiselwa lona ukuba ngibe ngummemezeli, umphostoli, nomfundisi,


okungaye samukela umusa nobuphostoli ukuze kube khona ukulalela kokukholwa ezizweni zonke ngenxa yegama lakhe,


Kepha yilowo nalowo phakathi kwethu, uphiwe umusa ngokwesilinganiso sesipho sikaKhristu.


Umuntu makasazi ukuthi siyizikhonzi zikaKhristu nabaphathi bezimfihlakalo zikaNkulunkulu.


azokuphelelisa ngesikhathi esifanele, ukuhlanganisa konke kuKhristu, konke okusezulwini nokusemhlabeni;


Phela nizwile ngenkambo yami yakuqala ebuJudeni, ukuthi ngalihlupha kakhulu kangakanani ibandla likaNkulunkulu, ngilichitha.


“Wathi kimi: ‘Hamba, ngokuba ngizakukuthuma kwabezizwe.’ ”


UPawula noBharnabha bakhuluma ngesibindi, bathi: “Bekuswelekile ukuba izwi likaNkulunkulu lishunyayelwe kini kuqala, kepha njengalokhu nilinqaba, nizisholo nina ngokwenu ukuthi anifanele ukuphila okuphakade, bhekani-ke, sesiphendukela kwabezizwe.


Kwathi bekhonza iNkosi, bezila ukudla, uMoya oNgcwele wathi: “Ngahlukaniseleni uBharnabha noSawula ukuba baye emsebenzini engibabizele wona.”


Kepha iNkosi yathi kuye: “Hamba, ngokuba lo uyisitsha sami esikhethiweyo sokuphatha igama lami phambi kwabezizwe, emakhosini, nakubantu bakwa-Israyeli.


Ngamiselwa mina ukuba ngibe ngummemezeli nomphostoli walokho; ngikhuluma iqiniso, angisengi ezimithiyo; yebo, umfundisi wabezizwe ekukholweni naseqinisweni.


futhi bangazinaki izinganekwane nezindaba zolibo lwemindeni ezingapheliyo, ezidala impikiswano kunokuba ziqhakambise isimiso sikaNkulunkulu ngokukholwa.


elifikile kini, njengalokhu likhona ezweni lonke, lithela izithelo, landa, njengalokhu kwenzeka naphakathi kwenu, kusukela ngosuku enalizwa ngalo, nawazi umusa kaNkulunkulu ngeqiniso,


ngokuba sizwile ngokukholwa kwenu kuKhristu uJesu nangothando eninalo kubo bonke abangcwele,


uma nimzwile nafundiswa kuye, njengokuba iqiniso likuJesu,


Mina engimncinyane kunabo bonke abangcwele, ngaphiwa lo musa wokushumayeza abezizwe ivangeli lengcebo kaKhristu engaphenyekiyo.


Ngokuba ngomusa engiwuphiweyo ngithi kulowo nalowo kini akangazicabangi ukuthi mkhulu, kunalokho afanele ukukucabanga; kodwa acabange kube ngokuqonda, njengalokhu uNkulunkulu abele yilowo nalowo isilinganiso sokukholwa.


Ngikhuluma kini nina bezizwe, njengokuba ngingumphostoli kwabezizwe, ngidumisa umsebenzi wami,


engenziwa isikhonzi salo ngokwesipho somusa kaNkulunkulu engiwuphiwe ngokokusebenza kwamandla akhe.


Ngikhanyisele bonke abantu ukuthi luyini uhlelo lwemfihlakalo ebifihliwe kwaphakade kuNkulunkulu owadala konke,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite