Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Kwabase-Efesu 2:3 - IsiZulu 2020

3 esasikade sihamba sonke phakathi kwabo ezinkanukweni zenyama yethu eyonakeleyo, senza intando yenyama eyonakeleyo neyemicabango; sasingabantwana bolaka ngokwemvelo njengabo bonke abanye.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 esasikade sihamba phakathi kwabo sonke ezinkanukweni zenyama yethu, senza intando yenyama neyengqondo; ngemvelo sasingabantwana bolaka njengabo abanye.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

3 Esasihamba phakathi kwabo sonke ezikhathini ezidlule ngezinkanuko zenyama yethu, sifeza izinkanuko zenyama nezengqondo; futhi ngemvelo sasingabantwana bolaka njengabanye.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Esasihamba phakathi kwabo sonke ezikhathini ezidlule ngezinkanuko zenyama yethu, sifeza izinkanuko zenyama nezengqondo; futhi ngemvelo sasingabantwana bolaka njengabanye.

Gade chapit la Kopi




Kwabase-Efesu 2:3
54 Referans Kwoze  

Ngokuba nathi kade sasiyiziwula, singalaleli, sidukiswa, siyizigqila zezinkanuko nokutamasa okunhlobonhlobo, siphila ebubini, sinomona, sizondwa futhi sizondana.


Njengabantwana abalalelayo, ningahuhwa-ke yizinkanuko zakuqala ngenxa yokungazi kwenu.


ukuba nikhumule umuntu omdala ongowenkambo yakuqala, owonakele ngenxa yezinkanuko zenkohlakalo,


Kepha yembathani iNkosi uJesu Khristu, ninganakekeli inyama yenu, kuvuswe izinkanuko.


Ngakho-ke isono masingabusi emzimbeni wenu ofayo, nize nithobele izinkanuko zawo,


Impela ngazalelwa ebubini, umame wangikhulelwa esonweni.


Ngokuba konke okusezweni; inkanuko yemvelo yomuntu, inkanuko yamehlo, ukuzigabisa ngalokhu kuphila, akuveli kuYise, kodwa ezweni.


lezi enanikade nihamba kuzo ngokwendlela yaleli lizwe, ngokombusi wamandla omkhathi, ongumoya osebenza kubantwana bokungalaleli,


Nina-ke ningabakayihlo usathane, nithanda ukufeza izifiso zakhe. Yena wayengumbulali kwasekuqaleni, akami eqinisweni, ngokuba iqiniso alikho kuye. Uma ekhuluma amanga, usuke ekhuluma into yakhe, ngokuba ungumqambimanga noyise wamanga.


Bathandekayo, lokhu sinalezo zithembiso, masizihlambulule kukho konke ukungcola kwenyama nokomoya, siphelelise ubungcwele ngokwesaba uNkulunkulu.


Ngubani okwenze waba ngcono kunabanye wena na? Yini onayo ongayiphiwanga na? Uma-ke uyiphiwe, pho kungani uzigabisa kube sengathi awuyamukeliswanga na?


Ngokuba ngiyazi ukuthi kimi, okungukuthi emzimbeni wami, akuhlali lutho oluhle, ngokuba ukuthanda ukwenza okulungileyo kukhona kimi, kodwa ukwenza okuhle akukho.


kodwa liminyaniswe yiminako yalesi sikhathi: ukukhohlisa kwengcebo, nokunxanela ezinye izinto. Lokhu kuyangena kuliminyanise izwi, bese liba ngelingatheliyo.


USimakade wabona ukuthi ububi babantu sebubukhulu emhlabeni nokuthi izizindlo zezinhliziyo zabo zihlala zizimbi njalo,


Ngokuba njengalokhu nina kade ningamlaleli uNkulunkulu, kodwa manje nihawukelwe ngenxa yokungalaleli kwabezizwe.


Uma uNkulunkulu ebethanda ukubonakalisa ulaka lwakhe nokuveza amandla akhe, ababekezelela labo ababemiselwe ulaka lwakhe, ukuba babhujiswe,


abangazalwanga ngagazi, ngandlela yemvelo noma ngantando yendoda, kodwa bazalwa nguNkulunkulu.


Thina sonke sidukile njengezimvu; yilowo nalowo uphendukele endleleni yakhe. USimakade wehlisela phezu kwayo ububi bethu sonke.


Pho umuntu angaba kanjani ngolungileyo kuNkulunkulu, nozelwe ngowesifazane, abe ngohlanzekileyo na?


Ngubani ongaveza okuhlanzekile kokungcolile na? Akekho noyedwa.


Iphunga lalowo mnikelo lamthokozisa uSimakade, wayesethi enhliziyweni yakhe: “Umhlaba angisayukuphinde ngiwuqalekise ngenxa yabantu. Umuntu vele unemicabango emibi kusukela ebuncaneni bakhe. Ngeke ngiphinde ngikubhubhise ngozamcolo konke okuphilayo njengalokhu ngenzile.


Ngokuba bakhuluma udwadwa, kuthi ngamazwi ayize, bayenge ngezinkanuko zenyama nangamanyala adlangileyo, labo abasanda kuphunyuka kulabo abaphambukileyo.


Banamehlo agcwele ukulangazelela ukuphinga, futhi awakuyeki ukona. Bayenga ababuthakathaka, banenhliziyo eyejwayele ukuba nomhobholo, bangabantu abaqalekisiweyo.


Kodwa labo abathanda ukuceba, bawela esilingweni, ogibeni, nasezinkanukweni zobuwula eziningi ezilimazayo, ezikhalakathisela abantu ekufeni nasekubhujisweni,


Kepha umbhalo ukuvalela konke phansi kwesono, ukuze isithembiso ngokukholwa kuJesu Khristu samukeliswe labo abakholwayo.


Ngakho-ke uNkulunkulu wabanikela ezinkanukweni zezinhliziyo zabo ukuba baqhubeke ekungcoleni, bathela ngehlazo imizimba yabo.


Nginibhalela futhi umyalo omusha, oyiqiniso kuye nakini, ngokuba ubumnyama buyedlula nokukhanya kweqiniso sekuvele kuyakhanya.


othe ezizukulwaneni ezidlulileyo, waziyeka izizwe zonke ukuba zihambe ngezindlela zazo.


Kuthe lapho u-Adamu eseqede iminyaka eyi-130, wazala indodana eyayifana naye, wayiqamba igama wathi nguSethi.


Ngokuba uma abezizwe ababengenawo umthetho ngokwemvelo, benza okomthetho, labo abangenamthetho, bangumthetho ngokwabo,


Ngakho-ke kakhulu kangakanani sesilungisisiwe ngegazi lakhe, siyakusindiswa ngaye olakeni.


Ngokuba uma sathi siseyizitha, sathola ukubuyisana noNkulunkulu ngokufa kweNdodana yakhe, kuyacaca bha ukuthi siyakusindiswa ngokuphila kwayo sesikutholile ukubuyisana.


Nani ekade ningabafokazi nezitha engqondweni ngemisebenzi emibi,


Kepha asithandi, bazalwane, ukuba ningabi nakwazi ngabalalayo, ukuze ningadabuki njengabanye abangenalo ithemba.


Ngakho-ke masingalali njengabanye, kodwa masiqwashe, sizithibe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite