Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Kwabase-Efesu 1:5 - IsiZulu 2020

5 Wakumisa phambilini ukuba sibe ngabantwana kuye ngoJesu Khristu, njengalokhu kwaba kuhle kuye ngentando yakhe,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 wasimisela ngaphambili ukuba sibe ngabantwana kuye ngoJesu Kristu, njengalokho kwaba kuhle kuye ngentando yakhe,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

5 esimisele ngaphambili ukuthi sibe ngabantwana kuye ngoJesu Kristu, njengokwakufisa kwentando yakhe;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 esimisele ngaphambili ukuthi sibe ngabantwana kuye ngoJesu Kristu, njengokwakufisa kwentando yakhe;

Gade chapit la Kopi




Kwabase-Efesu 1:5
32 Referans Kwoze  

kuye futhi sabelwa ifa, njengokuba sasikumiselwe ngaphambilini ngokwecebo lalowo owenza konke ngokwentando yakhe,


Ake nibheke uthando olungaka asinike lona uBaba, ukuba kuthiwe singabantwana bakaNkulunkulu, futhi siyibo. Nokho izwe alisazi, ngokuba naye alimazanga.


Kepha bonke abamemukelayo, labo abakholwa egameni lakhe, wabapha igunya lokuba babe ngabantwana bakaNkulunkulu,


Akusikho nje lokho kuphela, kodwa nathi uqobo lwethu esinolibo lokuqala lukaMoya, siyabubula phakathi kwethu; silindele ngethemba elikhulu isimo sobuntwana, ukukhululwa komzimba wethu.


Ngokuba nonke ningabantwana bakaNkulunkulu ngokukholwa kuJesu Khristu.


ngibe nguYihlo, nina nibe ngamadodana, namadodakazi ami,” kusho iNkosi uSomandla.


Onqobayo uyakudla ifa lalezo zinto, futhi ngiyakuba nguNkulunkulu kuye, yena abe yindodana kimi.


“Kepha abantu bakwa-Israyeli bayakuba ngangesihlabathi solwandle esingenakulinganiswa nakubalwa. Lapho bekuthiwa khona kubo: ‘Aniseyibo abantu bami,’ kuyakuthiwa kubo: ‘Ningamadodana kaNkulunkulu ophilayo.’


esazisa imfihlakalo yentando yakhe ayimisile kuye ngokuthanda kwakhe,


kungesona isizwe nje kuphela, kodwa ukuba aqoqele ndawonye abantwana bakaNkulunkulu abahlakazekileyo, babe munye.


“Mina bengicabanga ukuthi: “ ‘Ngizakukubeka kanjani phakathi kwabantu, ngikuphe izwe elinxanelekayo, ifa elihle kakhulu ezizweni!’ Ngathi niyakungibiza nithi: ‘Baba,’ ningaguquki ekungilandeleni.


Ngenxa yalokho, siyanikhulekela njalo, ukuze uNkulunkulu wethu anenze nifanele ukubizwa kwenu, akuphelelise ngamandla konke okuhle enikuthandayo nomsebenzi wokukholwa,


Ngaleso sikhathi uJesu wathokoza kuMoya oNgcwele, wathi: “Ngiyakubonga, Baba, Nkosi yezulu nomhlaba, ngokuba ukufihlile lokhu kwabahlakaniphileyo nabanokuqonda, wakwembulela izingane; yebo, Baba, ngokuba kwaba kuhle phambi kwakho ukuba kube kanjalo.


Ngokuba njengalokhu ngokuhlakanipha kukaNkulunkulu izwe lingazange limazi uNkulunkulu ngokuhlakanipha kwalo, lokho kwaba kuhle kuNkulunkulu ukusindisa abakholwayo ngobuwula bentshumayelo.


UJesu wathi kuye: “Ungangithinti, ngokuba angikenyukeli kuBaba. Kepha hamba uye kubazalwane bami, ubatshele ukuthi ngenyukela kuBaba noYihlo, kuNkulunkulu wami noNkulunkulu wenu.”


bonke abakhileyo emhlabeni bashaywa into engelutho; wenza ngokuthanda kwakhe empini yasezulwini naphakathi kwabakhileyo emhlabeni; akekho ongavimbela isandla sakhe, noma athi kuye: “Wenzani na?”


Yebo, Baba, ngokuba kwaba kuhle phambi kwakho ukuba kube njalo.


Amadoda aseNineve ayakusukuma kanye nalesi sizukulwane ngosuku lokwehlulela, asilahle ngecala. Ngokuba aphenduka lapho ngokushumayela kukaJona. Lapha kukhona omkhulu kunoJona.”


Ngokuba uNkulunkulu nguye osebenza kini ukuba nithande, futhi nenze ngokwentando yakhe.


UPawula, obizwe ngokwentando kaNkulunkulu ukuba abe ngumphostoli kaJesu Khristu, benoSostene umzalwane,


akazange alale naye, waze wazala indodana; wayiqamba igama wathi nguJesu.


Awungibizile yini khona manje, uthi kimi: ‘Baba, Wena ungumngani wobusha bami,’ na?


“Ungesabi, mhlambi omncane, ngokuba kuyintando kaYihlo ukuba aninike umbuso.


Bekuzwa lokho abezizwe bathokoza, balidumisa izwi leNkosi, bakholwa bonke labo ababemiselwe ukuphila okuphakade.


Ngokuba kwaba kuhle ukuba ukuphelela konke kukaNkulunkulu kuhlale kuyo,


UNkulunkulu efakaza kanye nabo ngezibonakaliso, ngezimangaliso, ngemisebenzi yamandla enhlobonhlobo, nangokwabelwa kukaMoya oNgcwele ngokwentando yakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite