Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Kwabase-Efesu 1:12 - IsiZulu 2020

12 ukuze thina esethembele kuKhristu ngaphambilini, sibe ludumo lwenkazimulo yakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 ukuze sibe ludumo lwenkazimulo yakhe, thina esethemba ngaphambili kuKristu;

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

12 ukuze sibe ludumo lwenkazimulo yakhe, thina esathemba kuqala kuKristu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 ukuze sibe ludumo lwenkazimulo yakhe, thina esathemba kuqala kuKristu.

Gade chapit la Kopi




Kwabase-Efesu 1:12
21 Referans Kwoze  

ukuze kudunyiswe inkazimulo yomusa wakhe asinike wona ngesihle ngothandiweyo,


Kepha thina simelwe ukumbonga njalo uNkulunkulu ngani, bazalwane abathandwa yiNkosi, ngokuba uNkulunkulu wanikhetha ukuba nibe ngabokuqala ukusindiswa ngokungcwelisa kukaMoya nangokukholwa yiqiniso,


makube kuye udumo ebandleni nakuKhristu uJesu ezizukulwaneni zonke, phakade naphakade. Amen.


Ezinsukwini zalo, uJuda uyakusindiswa, u-Israyeli ahlale elondekile; nanti igama eliyakubizwa ngalo, lokuthi: USIMAKADE UNGUKULUNGA KWETHU.


Ngizifunge Mina, izwi liphumile emlonyeni wami ngokulunga, aliyukubuyela emuva: wonke amadolo, ayoguqa kimi nezilimi zonke ziyofunga.


UNkulunkulu uyinsindiso yami; ngiyakumethemba, angiyukwesaba, ngokuba uSimakade, Yena ungamandla ami nezikhwepha zami; uyinsindiso yami.”


Wasizala ngezwi leqiniso ngokuthanda kwakhe, ukuze sibe ngamazibulo ezidalwa zakhe.


Ngalolo lusuku impande kaJese iyakuma njengebhanela lezizwe; abezizwe bayoyifuna, nendawo yayo iyokuba nodumo.


Yangeni indodana, funa ithukuthele, bese nibhubha endleleni, ngokuba ulaka lwayo luvutha masinyane. Kepha babusisiwe bonke abaphephela kuyo.


ukuze esikhathini esizayo abonakalise kithi ingcebo emangalisayo yomusa wakhe ngobubele bakhe, kuKhristu uJesu.


“Inhliziyo yenu mayingakhathazeki. Kholwani nguNkulunkulu, nikholwe nayimi.


KuSimakade zonke izizukulwane zika-Israyeli ziyolungisiswa, zibe nodumo.


okungaye nikholwa kuNkulunkulu, Yena owamvusa kwabafileyo, wamnika inkazimulo, ukuze ukukholwa kwenu nethemba lenu kube kuNkulunkulu.


okungenxa yalo ngihlupheka. Kodwa anginamahloni, ngokuba ngiyamazi engikholwa kuye, futhi nginesiqiniseko sokuthi Yena unamandla okulondoloza lokho angithwese khona, kuze kufike lolo lusuku.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite