Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseRoma 8:7 - IsiZulu 2020

7 Ngokuba ukucabanga komuntu esenyameni kungubutha kuNkulunkulu, lokhu akuwuthobeli umthetho kaNkulunkulu, futhi akusoze kwawuthobela,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Ngokuba ukunaka kwenyama kungubutha kuNkulunkulu; ngokuba akuwuthobeli umthetho kaNkulunkulu, yebo, futhi kungekwenze;

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

7 Ngokuba ukunaka kwenyama kungubutha kuNkulunkulu, ngokuba akuwuthobeli umthetho kaNkulunkulu, futhi kungekwenzeki.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ngokuba ukunaka kwenyama kungubutha kuNkulunkulu, ngokuba akuwuthobeli umthetho kaNkulunkulu, futhi kungekwenzeki.

Gade chapit la Kopi




KwabaseRoma 8:7
28 Referans Kwoze  

Umuntu wemvelo akakwamukeli okukaMoya kaNkulunkulu, ngokuba kungubuwula kuye, futhi angekuqonde lokho; kuqondisiswa ngokomoya.


Ziphingi, anazi yini ukuthi ukuthanda izwe kungubutha kuNkulunkulu na? Ngakho-ke lowo othanda ukuba ngumngani wezwe, uzenza isitha sikaNkulunkulu.


nokho ngiyawuthanda umthetho kaNkulunkulu ngokomuntu ongaphakathi.


“Ngokuba yilesi isivumelwano engiyakusenza nendlu ka-Israyeli emva kwalezo zinsuku,” kusho iNkosi: “ngiyakufaka imithetho yami engqondweni yabo, ngiyilobe ezinhliziyweni zabo, ngiyoba nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami.


abangabakhapheli, abanamawala, abakhukhumele, abathanda injabulo kunokuthanda uNkulunkulu,


Nani ekade ningabafokazi nezitha engqondweni ngemisebenzi emibi,


ukuze izimfanelo ezinhle ezifunwa ngumthetho zifezeke kithi, thina esingahambi ngokwenyama, kodwa ngokukaMoya.


Ngokuba uma sathi siseyizitha, sathola ukubuyisana noNkulunkulu ngokufa kweNdodana yakhe, kuyacaca bha ukuthi siyakusindiswa ngokuphila kwayo sesikutholile ukubuyisana.


Njengalokhu benqaba ukukubona, kuyinto enhle ukumazi uNkulunkulu, uNkulunkulu wabayekela ekungaqondini kwabo ukwenza okungemukelekile.


Izwe ngeke linizonde nina, kodwa Mina liyangizonda, ngokuba ngifakaza ngalo ukuthi imisebenzi yalo mibi.


Ngakho-ke umthetho siwenza ize yini ngenxa yokukholwa na? Qha akunjalo, kodwa siyawuqinisa umthetho.


Banyembenya abanye, bazonda uNkulunkulu; bayizidlova, bayazidla, bayazigabisa, bangabaqambi bokubi, nabangabalaleli abazali;


Nzalo yezinyoka, ningakukhuluma kanjani okuhle nibe nibabi na? Ngokuba umlomo ukhuluma okuchichima enhliziyweni.


Banamehlo agcwele ukulangazelela ukuphinga, futhi awakuyeki ukona. Bayenga ababuthakathaka, banenhliziyo eyejwayele ukuba nomhobholo, bangabantu abaqalekisiweyo.


“Ngakho-ke oweqa owodwa kule miyalelo emincinyane, afundise abantu kanjalo, uyakuthiwa omncinyane embusweni wezulu; kepha oyigcinayo, ayifundise, lowo uyakuthiwa mkhulu embusweni wezulu.


UmKhushe angasiguqula yini isikhumba sakhe, nengwe amabala ayo na? Nani-ke ningekwenze okuhle, nina eniqeqeshelwe ukwenza okubi.


UJehu, indodana kaHanani, umboni, waphuma wayomhlangabeza, wafike wathi enkosini uJehoshafathi: “Kungani usiza ababi, uthanda abazonda uSimakade na? Ngakho-ke intukuthelo kaSimakade izokwehlela phezu kwakho.


Isiwula sithi enhliziyweni yaso: “Akekho uNkulunkulu.” Bonakele, benze izinto ezinengekayo eziphambene nobulungiswa. Akukho noyedwa owenza okuhle.


Kwabangenamthetho ngaba njengongenamthetho, noma ngingesiye ongenamthetho kuNkulunkulu, kodwa ngiphansi komthetho kaKhristu, ukuze ngizuze abangenamthetho.


Ungazikhothameli, ungahungeki ukuba uzikhonze, ngokuba Mina Simakade uNkulunkulu wakho, nginguNkulunkulu onomhawu, ngihambela ububi bawoyise kubantwana, kuso isizukulwane sesithathu nesesine sabangizondayo,


Makungabi bikho muntu onephuca umvuzo wenu, othanda ukuzenza othobile ekhonza izingelosi, ephike ngemibono yakhe, ezikhukhumeza ngeze ngengqondo yakhe yemvelo,


bese ubhokela uNkulunkulu ngolaka, ukhulume amazwi anje ngomlomo wakho na?


ukuze ngibambe indlu ka-Israyeli ededileyo kimi ngenhliziyo yayo ngenxa yazo zonke izithombe zayo.” ’ ”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite