Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseRoma 8:2 - IsiZulu 2020

2 Ngokuba umthetho kaMoya wokuphila okuKhristu uJesu ungikhululile emthethweni wesono nowokufa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Ngokuba umthetho kaMoya wokuphila okuKristu Jesu ungikhululile emthethweni wesono nowokufa.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

2 Ngokuba umthetho kaMoya wokuphila kuKristu Jesu ungikhululile emthethweni wesono nokufa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Ngokuba umthetho kaMoya wokuphila kuKristu Jesu ungikhululile emthethweni wesono nokufa.

Gade chapit la Kopi




KwabaseRoma 8:2
29 Referans Kwoze  

ngokuba isono asiyukubusa phezu kwenu, phela anikho phansi komthetho, kodwa niphansi komusa.


INkosi inguye uMoya, lapho kukhona khona uMoya weNkosi kunenkululeko.


nokuthi senikhululiwe esonweni, naba yizinceku zokulunga.


okunguye owasenza safaneleka ukuba yizikhonzi zesivumelwano esisha kungesiso esomthetho, kodwa esikaMoya. Ngokuba incwadi ebhaliwe iyabulala, kodwa uMoya uyaphilisa.


Kulotshiwe futhi ukuthi umuntu wokuqala u-Adamu waba ngumuntu ophilayo. U-Adamu wokugcina waba ngumoya ophilisayo.


Ngakho-ke uma iNdodana inikhulula, niyakuba ngabakhululekileyo impela.


niyakulazi iqiniso, neqiniso liyakunikhulula.”


Kanjalo nani bazalwane bami, nafa maqondana nomthetho ngomzimba kaKhristu, ukuba nibe ngabomunye, lowo owavuswa kwabafileyo, ukuze sithele izithelo kuNkulunkulu.


Kepha manje senikhululiwe esonweni, naba ngabakhonza uNkulunkulu; seninazo izithelo enizithelayo, kube ngukungcweliswa, nesiphetho salokho ngukuphila okuphakade.


NguMoya ongophilisayo, inyama ayisizi ngalutho. Amazwi engiwakhulume kini angumoya, futhi angukuphila.


Kepha lowo oyakuphuza amanzi engiyakumnika wona, akayikoma naphakade. Ngokuba amanzi engiyakumnika wona ayakuba kuye ngumthombo wamanzi aphuphumsayo, kube ngukuphila kwaphakade.”


UJesu waphendula, wathi kuye: “Ukuba ubusazi isipho sikaNkulunkulu, nokuthi ngubani lo othi kuwe: ‘Ngiphuzise,’ ngabe ucele kuye, Yena ubezakukunika amanzi aphilayo.”


UKhristu wasikhulula ukuze sibe ngabakhululekileyo. Ngakho-ke yimani niqine, ningabe nisaboshelwa ejokeni lobugqila.


Ngokuba mina ngafa kuwo umthetho, ukuze ngiphile noNkulunkulu ngibethelwe noKhristu.


ukuze njengalokhu isono sabusa ngokufa, kanjalo nomusa ubuse ngokulunga, kube ngukuphila okuphakade ngoJesu Khristu iNkosi yethu.


Ngalokho ngithola ukuthi kunomthetho kimi, okuthi uma ngifuna ukwenza okuhle, okubi kube nami shaqa,


Buyisela kimi ukuthokoza kwensindiso yakho, ungiphase ngomoya ovumayo.


Wayesengikhombisa umfula wamanzi okuphila, ucwebezelisa okwekhristalu, uvela esihlalweni sobukhosi sikaNkulunkulu neseWundlu.


Ngakho-ke kuphi ukuzigabisa na? Akukho nhlobo. Ngenxa yamuphi umthetho na? Ngowemisebenzi na? Qhabo, kodwa ngomthetho wokukholwa.


Kwathi sekwedlule lezo zinsuku ezintathu nengxenye, umoya wokuphila ovela kuNkulunkulu wangena kubo, bema ngezinyawo zabo, behlelwa ukwesaba okukhulu labo abababonayo.


Kodwa ngibona omunye umthetho ezithweni zami, olwayo nomthetho osengqondweni yami, ungithumbela emthethweni wesono osezithweni zami.


Kanjalo akusekho ukulahlwa kwabakuKhristu uJesu.


Khonzani kuPhriska no-Akhwila, izisebenzi, kanye nami kuKhristu uJesu,


Thwalisanani imithwalo yenu, niwugcwalise kanjalo umthetho kaKhristu.


Kepha lowo obukisisa emthethweni opheleleyo, umthetho wenkululeko nohlala kuwo, engesiye nje olizwayo bese ekhohlwa, kodwa engowenzayo umsebenzi, lowo uyakuba ngobusisiweyo ekwenzeni kwakhe.


Lapho izidalwa zihamba, nawo ayehamba, kuthi lapho zima, nawo ame, nalapho izidalwa ziphakanyiswa emhlabeni, nawo aphakanyiswe kanye nazo, ngokuba umoya wezidalwa wawusemasondweni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite