Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseRoma 8:1 - IsiZulu 2020

1 Kanjalo akusekho ukulahlwa kwabakuKhristu uJesu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Kanjalo akusekho ukulahlwa kwabakuKristu Jesu.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

1 Ngakho-ke akusekho ukulahlwa kwabakuKristu Jesu, abangahambi ngokwenyama kodwa ngokukaMoya.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ngakho-ke akusekho ukulahlwa kwabakuKristu Jesu, abangahambi ngokwenyama kodwa ngokukaMoya.

Gade chapit la Kopi




KwabaseRoma 8:1
32 Referans Kwoze  

Ngokuba uma umuntu ekuKhristu, uyisidalwa esisha, okwakuqala kudlulile; sekuvele okusha.


UKhristu wasihlenga esiqalekisweni somthetho ngokwenziwa abe yisiqalekiso ngenxa yethu, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Baqalekisiwe bonke abalengiswa emthini,”


Ngakho-ke lokhu sesilungisisiwe ngokukholwa, sinokuthula kuNkulunkulu ngeNkosi yethu uJesu Khristu,


Kepha ngoNkulunkulu, nikuJesu Khristu owenzelwe thina, waba ngukuhlakanipha kwethu okuvela kuNkulunkulu nokulunga, nokungcweliswa kanye nokuhlengwa,


Kanti ngubani ozakulahla ngecala na? NguKhristu uJesu owafayo, yebo owavuswa kwabafileyo, ongakwesokunene sikaNkulunkulu, nguYena osinxuselayo.


“Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: olizwayo izwi lami, akholwe ngongithumileyo, unokuphila okuphakade. Akayi ekwehlulelweni, kepha udlulisiwe ekufeni, wangena ekuphileni.


Hlalani kimi, nami kini. Njengokuba igatsha lingezithele izithelo ngokwalo, kuphela uma lisemvinini, kanjalo nani, kuphela uma nihlala kimi.


ngifunyanwe kuye ngingenakho ukulunga okungokomthetho, kodwa lokho okuvela ngokukholwa nguKhristu, ngisho ukulunga okuvela kuNkulunkulu ngokukholwa,


Asikho isikhali esenzelwa wena esiyakuphumelela; uyakumisa lonke ulimi olukuvukelayo ekwehlulelweni; lokhu kuyifa lezinceku zikaSimakade nokumelwa kwazo okuvela kimi,” kusho uSimakade.


Bonke abaholwa nguMoya kaNkulunkulu, labo-ke bangabantwana bakaNkulunkulu,


Njengalokhu ku-Adamu bonke bayafa, kanjalo-ke nakuKhristu bonke bayaphiliswa.


Kepha ngithi: hambani ngoMoya, khona aniyukuzifeza izinkanuko zemvelo yenu eyonakeleyo.


ukuze izimfanelo ezinhle ezifunwa ngumthetho zifezeke kithi, thina esingahambi ngokwenyama, kodwa ngokukaMoya.


nakuphakama, nakujula, nanoma yini enye edaliweyo; akuyukuba namandla okusehlukanisa nothando lukaNkulunkulu olukuKhristu uJesu, iNkosi yethu.


Uma siphila ngoMoya, masenze futhi okuhambisana noMoya.


Akusekho mJuda namGriki, oboshiweyo nokhululekileyo; akusekho owesilisa nowesifazane, ngokuba nonke nimunye kuKhristu uJesu.


Ngalolo suku niyakukwazi ukuthi Mina ngikuBaba, nani nikimi, nami ngikini.


Uma-ke ngenza lokho engingakuthandiyo akuseyimi engenza lokho, kodwa yisono esihlala kimi.


Kodwa manje akuseyimi engikwenzayo, kepha yisono esihlala kimi.


Ngiyamazi umuntu owayekuKhristu, okwathi eminyakeni eli-14 eyedlulile, noma wayesemzimbeni, angazi, noma wayengaphandle komzimba, angazi; nguNkulunkulu owaziyo; lo muntu wahlwithwa, wenyuselwa ezulwini lesithathu.


Nikhonze ku-Anidroniku noJuniya abayizihlobo zami, ababeyiziboshwa kanye nami, abaqavile kubaphostoli, nababekuKhristu ngaphambi kwami.


Khonzani kuPhriska no-Akhwila, izisebenzi, kanye nami kuKhristu uJesu,


futhi ehamba ngezimiso zami, egcina izehlulelo zami ukuze enze iqiniso; ungolungileyo, impela uyakuphila nokuphila,” kusho iNkosi uSimakade.


Isipho asinjengakho ukona kwamuntu munye, ngokuba uma ukwehlulela kwaba ngoyedwa, kube ngukulahlwa, isipho somusa sona saba ngeziphambeko eziningi, kube ngukulungisiswa.


Ngokuba umthetho kaMoya wokuphila okuKhristu uJesu ungikhululile emthethweni wesono nowokufa.


Kepha nina anibuswa yinyama yemvelo, kodwa nikuye uMoya, inqobo nje uma uMoya kaNkulunkulu ehlala kini. Kepha uma umuntu engenaye uMoya kaKhristu, lowo kasiye owakhe.


Uma-ke uMoya walowo owavusa uJesu kwabafileyo ehlala kini, lowo owamvusa uKhristu uJesu kwabafileyo uyakuyiphilisa nemizimba yenu efayo ngaye uMoya wakhe ohlala kini.


Ngokuba nonke ningabantwana bakaNkulunkulu ngokukholwa kuJesu Khristu.


UPawula, umphostoli kaKhristu uJesu ngokwentando kaNkulunkulu, kubo abangcwele abase-Efesu nakubo abakholwa nguKhristu uJesu:


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite