Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseRoma 7:1 - IsiZulu 2020

1 Kanti anazi yini bazalwane, ngikhuluma kwabawaziyo umthetho, ukuthi umthetho uyabusa phezu komuntu ngaso sonke isikhathi esaphila na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Kanti anazi yini, bazalwane, ngokuba ngikhuluma kwabawazi umthetho, ukuthi umthetho uyabusa phezu komuntu ngesikhathi sonke esekhona na?

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

1 Anazi yini, bazalwane, ngokuba ngikhuluma kwabawaziyo umthetho, ukuthi umthetho uyabusa phezu komuntu ngesikhathi sonke esaphila na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Anazi yini, bazalwane, ngokuba ngikhuluma kwabawaziyo umthetho, ukuthi umthetho uyabusa phezu komuntu ngesikhathi sonke esaphila na?

Gade chapit la Kopi




KwabaseRoma 7:1
12 Referans Kwoze  

ngokuba isono asiyukubusa phezu kwenu, phela anikho phansi komthetho, kodwa niphansi komusa.


Kepha manje sikhululiwe emthethweni, sifile maqondana nalokho okwakusithiya ukuba sikhonze emoyeni omusha, hhayi ngendlela endala yomthetho.


Kanti anazi yini ukuthi sonke esabhabhidiselwa kuKhristu uJesu, sabhabhadiselwa kukho ukufa kwakhe na?


Bazalwane, isifiso senhliziyo yami nokunxusa kwami kuNkulunkulu ngukuba abakwa-Israyeli basindiswe.


Ngokuba imiyalo iyisibani, nomthetho ungukukhanya, nokusola ngokuyala kuyindlela yokuphila,


Ngitsheleni nina enifuna ukuba phansi komthetho, aniwuzwa yini umthetho na?


ngokuba ngangifisa ukuba ngoqalekisiweyo, ngisuswe kuKhristu ngenxa yabazalwane bami abangabakithi ngokobuzwe,


Ngabe ngikusho lokho ngokubona kwabantu na? Umthetho nawo kawusho yini kanjalo na?


Angithandi bazalwane, ukuba ningazi ukuthi kukangakanani ngihlela ukuza kini, kodwa ngithiyeka kuze kube manje ukuba nakini ngibe nesithelo phakathi kwenu njengalokhu nginaso kwezinye izizwe.


“Wena-ke Ezra, makuthi ngokuhlakanipha uNkulunkulu akuphe khona, uqoke abehluleli nezimantshi abayokwehlulela bonke abantu bakini abasesifundazweni esisentshonalanga yeYufrathe; makube ngabantu abawaziyo umthetho kaNkulunkulu wenu, abangawaziyo kufanele bawufundiswe.


Ngokuba isiphetho somthetho nguKhristu, kube ngukulunga kubo bonke abakholwayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite