Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseRoma 4:21 - IsiZulu 2020

21 eqinisekile ukuthi lokho akwethembisile, unamandla okukwenza.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 eqinisekile ukuthi lokho akwethembisile unamandla nokukwenza.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

21 Eqiniseka ngokugcwele ukuthi lokho akuthembisile unamandla futhi nokukwenza.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Eqiniseka ngokugcwele ukuthi lokho akuthembisile unamandla futhi nokukwenza.

Gade chapit la Kopi




KwabaseRoma 4:21
15 Referans Kwoze  

Ngokuba akukho lutho olungenzeke kuNkulunkulu.”


wabona ukuthi uNkulunkulu unamandla okuvusa kwabafileyo; ngokungathekisa singathi wabuye wayithola indodana yakhe kungathi ivela kwabafileyo.


“Awu, Nkosi Simakade, bheka, nguWena owenza amazulu nomhlaba ngamandla akho amakhulu nangezikhwepha zakho, akukho lutho olulukhuni kuwe.


Ngabe kukhona yini okulukhuni kakhulu okwehlula uSimakade na? Ngesikhathi engisinqumileyo ngonyaka ozayo, ngizobuya ngize lapha; ngizomfica uSara esenendodana.”


okungenxa yalo ngihlupheka. Kodwa anginamahloni, ngokuba ngiyamazi engikholwa kuye, futhi nginesiqiniseko sokuthi Yena unamandla okulondoloza lokho angithwese khona, kuze kufike lolo lusuku.


Ubusisiwe lowo owakholwa ukuthi kuzakufezeka lokho okwakhulunywa yiNkosi kuye.”


“Bheka, nginguSimakade uNkulunkulu wabantu bonke, kukhona yini okungehlulayo na?


Kepha uJesu wababheka, wathi kubo: “Kubantu lokhu akunakwenzeka, kodwa kuNkulunkulu zonke izinto zingenzeka.”


UNkulunkulu unamandla okuninika umusa wonke uchichime, ukuze nithi ninokwaneleyo ngezikhathi zonke, nichichime emisebenzini yonke emihle.


Lapho ungubani nje wena owehlulela inceku yomunye na? Kuphambi kwenkosi yayo ukuma noma ukuwa kwayo, kodwa iyakumiswa, ngokuba iNkosi inamandla okuyimisa.


Ngiyakholwa ukuthi nakufa, nakuphila, nazingelosi, nababusi, nakho okukhona, nakho okuzayo, namandla,


UNkulunkulu wethu usezulwini, wenza konke ngokuthanda kwakhe.


Bonke laba bafa bekholiwe, bengazamukeliswanga izithembiso, kodwa bezibonile, bazithakasela zikude, bevumile ukuthi bangabafokazi nezihambi emhlabeni.


Njengokuba abaningi bezamile ukulanda ngokuhlelekileyo ngalezo zindaba ezigcwaliseke phakathi kwethu,


Omunye uqhakambisa olunye usuku kunolunye, omunye azithathe ngokufana zonke izinsuku; makube yilowo nalowo aqiniseke emqondweni wakhe ngakucabangayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite