Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseRoma 3:5 - IsiZulu 2020

5 Kepha uma ukungalungi kwethu kubonakalisa ukulunga kukaNkulunkulu, pho siyakuthini na? Singasho yini ukuthi uNkulunkulu kalungile ngokuba ethululele ulaka lwakhe phezu kwethu na? Ngikhuluma njengomuntu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Kepha uma ukungalungi kwethu kubonakalisa ukulunga kukaNkulunkulu, siyakuthini na? Imbala uNkulunkulu ungongalungile yini owehlisa ulaka na? Ngikhulumisa okomuntu.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

5 Kepha uma ukungalungi kwethu kubonakalisa ukulunga kukaNkulunkulu, siyakuthini na? UNkulunkulu ungalungile yini ophindiselayo? (Ngikhuluma njengendoda.)

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Kepha uma ukungalungi kwethu kubonakalisa ukulunga kukaNkulunkulu, siyakuthini na? UNkulunkulu ungalungile yini ophindiselayo? (Ngikhuluma njengendoda.)

Gade chapit la Kopi




KwabaseRoma 3:5
32 Referans Kwoze  

Ngikhulumisa okomuntu ngenxa yobuthakathaka benyama yenu. Ngokuba njengalokhu nanikela izitho zenu ukuba zibe yizinceku zamanyala, nokungalungi kwaba ngukungalungi; kanjalo nikelani manje izitho zenu zibe yizinceku zokulunga, kube ngukungcweliswa.


Bazalwane, ngikhulumisa okwabantu, ukuthi akukho muntu ongesula noma anezele esivumelwaneni esenziwe saqiniswa ngumuntu.


Ngabe ngikusho lokho ngokubona kwabantu na? Umthetho nawo kawusho yini kanjalo na?


Pho sizakuthini na? Ngabe umthetho uyisono na? Qha nakanye, kepha ngabe angisazanga isono ukuba kwakungekho umthetho, ngokuba ngangingekwazi nokufisa ukuba umthetho awushongo ukuthi: “Ungafisi.”


Ngakho-ke siyakuthi uzuzeni u-Abhrahama ukhokho wethu ngokwenyama na?


Kepha ngenxa yobulukhuni bakho, nenhliziyo engaphendukiyo, uziqongelelela ulaka ngosuku lwentukuthelo nolokwambulwa kokwehlulela okuqotho kukaNkulunkulu,


USimakade unguNkulunkulu onomhawu, nophindiselayo; uSimakade uyaphindisela, uthukuthele uyabila, ngolaka lwakhe uyaphindisela kwabamelene naye, Uzithukuthelela njalo izitha zakhe.


Thokoza ngawo wena zulu, nani bangcwele, nani baphostoli, nani baphrofethi, ngokuba uNkulunkulu uwahlulele, waniphindiselela kuwo.’ ”


Bahlabelela igama likaMose, inceku kaNkulunkulu negama leWundlu, bathi: “Mikhulu, iyamangalisa imisebenzi yakho, Nkosi Nkulunkulu, Somandla; zilungile, ziqinisile izindlela zakho, wena Nkosi yezizwe.


Uma njengomuntu ngalwa nezilo e-Efesu, pho nginanzuzoni ngalokho na? Uma abafileyo bengavuswa, masidle, siphuze, ngokuba ngomuso sizakufa.


Bathandekayo, ningaphindiseli, kodwa dedelani ulaka lukaNkulunkulu, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Ingeyami impindiselo, ngiyakuphindisela,” kusho iNkosi.


Sizakuthini na? Siqhubeke sihlale esonweni ukuze kuvame umusa na?


Kepha siyazi ukuthi lokho okushiwo ngumthetho ukukhuluma kulabo abaphansi komthetho ukuze yonke imilomo ithuliswe, umhlaba wonke ubhekane necala kuNkulunkulu.


Kepha uma iqiniso likaNkulunkulu livama ngenxa yamanga ami, kube yinkazimulo kuye, pho ngisahlulelelwani mina njengesoni na?


Impela mazingafi ngamvunye, abalungileyo nababi. Makube kude nawe ukwenza into efana naleyo. UMehluleli womhlaba wonke angakwenza kanjani okungalungile na?”


Ngabe uNkulunkulu uyabuhlanekezela ubulungiswa, uSomandla aphendukezele ukulunga na?


Kepha uNkulunkulu ubonakalisa ukusithanda kwakhe ngalokhu, ukuthi siseyizoni, uKhristu wasifela.


Sesiyakuthini ngalokho na? Uma uNkulunkulu emi ngakithi, ngubani ongamelana nathi na?


Pho sesiyakuthini na? Siyakuthi abezizwe abangakufunisisanga ukulunga bafumene ukulunga, ukulunga okutholakala ngokukholwa.


Kepha kukho konke sizibonakalisa sinjengezikhonzi zikaNkulunkulu ekubekezeleni okukhulu, osizini, ekwesweleni, ekubandezekweni,


Ake nibheke nje ukuthi ukudabukiswa kwenu nguNkulunkulu kwanenza naba nokukhuthala okukhulu kanjani; yebo, nokuziphendulela, ukuthukuthela, ukwesaba, ukulangazela, ukushisekela nokuphindisela. Kukho konke nizibonakalise nimhlophe kule ndaba.


Ngokuba uma ngivuselela lokho engangikubhidlizile, ngiyafakaza ukuthi ngiyisephulamthetho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite