Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseRoma 3:4 - IsiZulu 2020

4 Phinde, neze, kepha makwazeke ukuthi: uNkulunkulu uqinisile, kodwa bonke abantu bangabaqambimanga, njengokuba kulotshiwe ukuthi: “Ukuze uthiwe ungolungileyo emazwini akho, unqobe ekwahlulelweni kwakho.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Qha nakanye; kepha makube ngukuthi: UNkulunkulu uqinisile, wonke umuntu ungumqambimanga, njengokuba kulotshiwe ukuthi: “Ukuze uthiwe ungolungileyo emazwini akho, unqobe ekwahlulelweni kwakho.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

4 Makube njalo! njengokulotshiweyo ukuthi: Ukuze uthiwe ulungile emazwini akho, njalo unqobe ekwahlulelweni kwakho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Makube njalo! njengokulotshiweyo ukuthi: Ukuze uthiwe ulungile emazwini akho, njalo unqobe ekwahlulelweni kwakho.

Gade chapit la Kopi




KwabaseRoma 3:4
33 Referans Kwoze  

Ngonile kuwe, kuwe wedwa, ngenza okubi emehlweni akho. Wena ulungile nxa wehlulela, futhi kucacile ukwehlulela kwakho.


Ngisosizini, ngathi: “Bonke abantu banamanga.”


“Kepha manje, uma nathi sifuna ukulungisisiswa ngoKhristu, safunyanwa nathi siyizoni, ngabe uKhristu uyisikhonzi sesono na? Akunjalo neze.


ukuze ngezinto ezimbili ezingenakuguquleka, okungelula ukuba uNkulunkulu angaqamba amanga ngazo: thina esigijimile ukuyobamba ithemba esilimiselweyo, sifumane ukugqugquzeleka okukhulu.


nasethembeni lokuphila okuphakade, uNkulunkulu ongawaqambi amanga akwethembisa zingakabi bikho izikhathi zaphakade,


“Uyidwala, umsebenzi wakhe uphelele, zonke izindlela zakhe zingukulunga; unguNkulunkulu wokwethembeka ongenakonakala; ulungile, uqotho Yena.


Ngizolulanda kude ulwazi lwami, ngikunike uMenzi wami ukulunga.


Lowo owamukela ubufakazi bakhe, uyaqinisekisa ukuthi uNkulunkulu uqinisile.


Amazwi akho wonke ayiqiniso; zonke izehlulelo zakho ezilungileyo zimi kuze kube phakade.


“Nakuyo ingelosi yebandla laseFiladelfiya loba ukuthi: “ ‘Nakhu akushoyo ongcwele, oqinisileyo, onesihluthulelo sikaDavide, ovula kungavali muntu, novala kungavuli muntu, uthi:


Kepha siyazi ukuthi iNdodana kaNkulunkulu isifikile, yasinika ukuqonda namandla ukuze simazi oyiqiniso. Sikuye oweqiniso, iNdodana yakhe, uJesu Khristu. Lo nguNkulunkulu weqiniso nokuphila okuphakade.


Pho siyakuthini na? Ukuthi kukhona ukungalungi kuNkulunkulu na? Qha nakanye.


Ngiyakukhuleka phambi kwethempeli lakho elingcwele, ngibonge iGama lakho, ngenxa yomusa wakho neqiniso lakho, ngokuba phezu kwakho konke, uphakamisile iGama lakho nezwi lakho.


Uyakwethembeka kuJakobe ube nomusa ku-Abhrahama owafunga ngawo kobaba ezinsukwini zasemandulo.


Ngokuba uSimakade muhle, umusa wakhe umi phakade, nokwethembeka kwakhe, ezizukulwaneni ngezizukulwane.


Okholwa yiNdodana kaNkulunkulu unobufakazi ngaphakathi kuye. Ongakholwayo, umenze umqambimanga uNkulunkulu, ngokuba engakholwanga ngubufakazi uNkulunkulu abufakazile ngeNdodana yakhe.


Angiwushayi indiva umusa kaNkulunkulu, ngokuba uma ukulunga kuya ngomthetho, lokho kusho ukuthi uKhristu wafela ize.”


Pho senzenjani na? Siyakona yini ngokuba singekho phansi komthetho, kodwa siphansi komusa na? Qha akunjalo.


Ngakho-ke umthetho siwenza ize yini ngenxa yokukholwa na? Qha akunjalo, kodwa siyawuqinisa umthetho.


INdodana yomuntu yafika yadla, yaphuza, kodwa bathi: ‘Bhekani, umuntu oyisiminzi nenkolotshe, umngani wabathelisi nezoni.’ Kepha ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kubonakala ukuthi kuyiqiniso ngemiphumela yakho.”


Uyakuchitha yini ukwehlulela kwami, ungilahla ngecala ukuze wena ube ngolungileyo na?


Kepha mina makungabi bikho lutho olunye engizincoma ngalo, ngaphandle kwesiphambano seNkosi yethu uJesu Khristu, okungaye izwe selabethelwa kimi, nami kulo.


Ngalokho-ke ngithi: ngabe uNkulunkulu usilahlile yini isizwe sakhe na? Qha nakanye, ngokuba nami ngingumIsrayeli, wenzalo ka-Abhrahama, wesizwe sakwaBhenjamini.


Abantukazana bangumoya nje, nezikhulu zingamabunga, uma bekalwa isilinganiso siyenyuka, kodwa bonke balula kunomoya.


Kepha njengalokhu uNkulunkulu ethembekile, izwi lethu kini alisiye uyebo noqhabo.


Ngakho-ke ngithi: abakhubekanga ukuze bawe na? Qha akunjalo; kepha ngesiphambeko sabo, insindiso ifinyelele kwabezizwe ukuze kuvuswe isikhwele kubo.


Pho sizakuthini na? Ngabe umthetho uyisono na? Qha nakanye, kepha ngabe angisazanga isono ukuba kwakungekho umthetho, ngokuba ngangingekwazi nokufisa ukuba umthetho awushongo ukuthi: “Ungafisi.”


Phinde, neze. Thina esafa maqondana nesono singabuye siphile kanjani kuso na?


Uzakuza, ababhubhise labo balimi, isivini asiqashise kwabanye.” Kuthe bekuzwa lokho bathi: “Qha, makungenzeki kanjalo.”


Pho okuhle kwaba ngukufa kimi na? Phinde, akunjalo, kodwa isono, ukuze sibonakale ukuthi siyisono, sangibangela ukufa ngokusebenzisa okuhle, ukuba isono ngomyalo sibe sibi kakhulu.


Kanti anazi yini ukuthi imizimba yenu iyizitho zikaKhristu na? Pho ngizithatha kanjani izitho zikaKhristu, ngizenze izitho zesifebe na? Qha nakanye.


Akuthandabuzwa ukuthi inkulu imfihlakalo yenkolo yethu yokuthi: Owabonakaliswa engumuntu nje, wafakazelwa nguMoya, wabonwa yizingelosi, washunyayelwa kwabezizwe, bakholwa nguye emhlabeni, wenyuselwa enkazimulweni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite