Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseRoma 3:12 - IsiZulu 2020

12 bonke baphambukile, baphenduka into engenamsebenzi walutho; akekho namunye owenza okuhle, akukho noyedwa vo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 bonke baphambukile, baphenduke imbuqa bonkana; akakho owenza okuhle, akakho noyedwa.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

12 Baphambukile bonke, basebeyize kanyekanye; akakho owenza okuhle, akakho noyedwa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Baphambukile bonke, basebeyize kanyekanye; akakho owenza okuhle, akakho noyedwa.

Gade chapit la Kopi




KwabaseRoma 3:12
22 Referans Kwoze  

Bonke baphambukile, bonke bonakele; akekho owenza okuhle, akukho namunye.


Impela emhlabeni akekho umuntu owenza okulungile kodwa, ongoni ngalutho.


Sonke sesiphenduke saba njengongcolileyo; zonke izenzo zethu ezilungileyo sezifana nengubo engcolileyo. Sonke sesibune njengeqabunga, nobubi bethu busiphephula njengomoya.


Indlela yokuthula abayazi, nobulungiswa abukho emikhondweni yabo; bazenzele izindlela eziyizigwegwe, bonke abahamba ngazo abakwazi ukuthula.


Thina sonke sidukile njengezimvu; yilowo nalowo uphendukele endleleni yakhe. USimakade wehlisela phezu kwayo ububi bethu sonke.


Yilokhu kodwa engakuthola, ukuthi uNkulunkulu wabenza abantu baba qotho, kodwa bona bazisungulela amaqhinga amaningi.”


ngokuba naninjengezimvu ezidukileyo, kodwa manje senibuyele kumelusi nomphathi wemiphefumulo yenu.


Wayekade engenamsebenzi walutho kuwe, kodwa manje uselusizo kithi sobabili.


esasikade sihamba sonke phakathi kwabo ezinkanukweni zenyama yethu eyonakeleyo, senza intando yenyama eyonakeleyo neyemicabango; sasingabantwana bolaka ngokwemvelo njengabo bonke abanye.


UNkulunkulu wakubona konke ayekudalile ukuthi kwakukuhle kakhulu. Kwahlwa, kwabuye kwasa, kwaba ngusuku lwesithupha.


Leyo nceku engenamsebenzi walutho yiphonseni ebumnyameni obungaphandle, lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.’ ”


“Ngokuba abantu bami benzile okubi okubili: bangishiyile, Mina mthombo wamanzi aphilileyo; bazigubhela imithombokwakhiwa, imithombokwakhiwa evuzayo, engenakuwagcina amanzi.


Isiwula sithi enhliziyweni yaso: “Akekho uNkulunkulu.” Bonakele, benze izinto ezinengekayo eziphambene nobulungiswa. Akukho noyedwa owenza okuhle.


Basheshe baphambuka endleleni engabayala ngayo. Bazenzele ithole elibunjiweyo, balikhonza, balihlabela, bathi: ‘Nampa onkulunkulu bakho, Israyeli, abakukhipha eGibhithe.’ ”


Bonke baphambukile, bonke bakhohlakele, akukho noyedwa owenza okuhle, akukho noyedwa.


akekho onokuqonda, akekho ofuna uNkulunkulu;


Umphimbo wabo uyithuna elivulekileyo, bayakhohlisa ngezilimi zabo, isihlungu sezinyoka siphansi kwezindebe zabo;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite