Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseRoma 2:6 - IsiZulu 2020

6 oyakuklomelisa lowo nalowo ngokwemisebenzi yakhe:

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 oyakuvuza yilowo nalowo ngokwemisebenzi yakhe:

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

6 Oyakubuyisela kulowo nalowo ngokwemisebenzi yakhe;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Oyakubuyisela kulowo nalowo ngokwemisebenzi yakhe;

Gade chapit la Kopi




KwabaseRoma 2:6
25 Referans Kwoze  

nobubele bungobakho, Nkosi. Umuntu umvuza ngangokwenza kwakhe.


Umkhulu ngamasu, izenzo zakho zinkulu, amehlo akho ayazibona zonke izindlela zabantu, ukuze ubanike yilowo nalowo ngokwezindlela zakhe nanjengokwezithelo zemisebenzi yakhe.


Ngokuba thina sonke simelwe ukuba sibonakaliswe phambi kwesihlalo sikaKhristu sokwehlulela, ukuze yilowo nalowo amukeliswe njengalokho akwenzileyo esesemzimbeni; noma okuhle noma okubi.


Ngokuba iNdodana yomuntu iyakuza ngenkazimulo kaYise nezingelosi zayo; khona-ke iyakuvuza yilowo nalowo ngesenzo sakhe.


“Mina Simakade ngiyayiphenya inhliziyo, ngihlole nezinso; ukuba nginike yilowo nalowo njengokwezindlela zakhe, nanjengezithelo zezenzo zakhe.”


“Qaphelani, ngiyeza ngokushesha, ngiphethe umvuzo wami ukuba nginike yilowo nalowo ngokomsebenzi wakhe.


Ngabona abafileyo, abadala nabancane, bemi phambi kwesihlalo sobukhosi; kwase kuvulwa izincwadi; nenye incwadi yavulwa, okuyincwadi yokuphila. Abafileyo bahlulelwa ngalokho okwakulotshwe ezincwadini njengokwemisebenzi yabo.


Otshalayo noniselayo bayalingana, yilowo nalowo uyakwemukeliswa owakhe umvuzo ngangokomsebenzi wakhe.


Ngokuba uyabuyisela kumuntu njengokwenza kwakhe, enze bazuze yilowo nalowo ngokwezindlela zakhe.


“Ngakho-ke ngiyakunehlulela nina ndlu ka-Israyeli, yilowo nalowo ngokwezindlela zakhe, kusho iNkosi uSimakade. Buyani, phendukani, eziphambekweni zenu zonke, ukuze ububi bungabi yisikhubekiso kini.


Ngiyakubulala abantwana bakhe ngokufa; onke amabandla ayakukwazi ukuthi nginguye ophenya izingqondo, nezinhliziyo, futhi ngiyakumnika, yilowo nalowo wenu, ngokwemisebenzi yakhe.


Ngakho-ke ningahluleli lutho singakafiki isikhathi, ingakafiki iNkosi eyakukuveza ekukhanyeni lokho okufihlakeleyo kobumnyama, izidalule izizindlo zezinhliziyo; kulapho-ke yilowo nalowo eyakuthola khona ukubongwa kuNkulunkulu.


Uma uthi: “Bheka, besingakwazi lokhu;” akakuqondi yini lowo ohlola izinhliziyo na? Nolonda umphefumulo wakho akakwazi na? Futhi akayukuphindisela yini kumuntu ngokwemisebenzi yakhe na?


Ukukholwa onakho, yiba nakho phambi kukaNkulunkulu. Ubusisiwe ongazehluleli ngalokho akukhethayo,


Ngokuba inhliziyo yabo iceba ubudlova, nezindebe zabo zibhunga inkathazo.


Hamba manje, uhole abantu ubayise endaweni engakhuluma ngayo kuwe. Uyabona-ke, ingelosi yami izohamba phambi kwakho, kodwa lapho lufika usuku lokubajezisa, ngiyobajezisa ngenxa yesono sabo.”


Ngathi enhliziyweni yami: “UNkulunkulu uzobehlulela abaqotho nezikhohlakali, ngokuba yonke indaba nomsebenzi kubekelwe isikhathi sakho.”


Umphefumulo owonayo uyakufa. Indodana ayiyukukuthwala ukona kukayise, noyise akayukukuthwala ukona kwendodana. Olungileyo uyakuphila ngokulunga, nowonayo uyakujeziselwa ukona kwakhe.


Ngabahlakazela ezizweni, basatshalaliselwa emazweni; ngabehlulela ngangokuziphatha kabi kwabo nangezenzo zabo.


Ngakho-ke akuyona into enkulu uma nezikhonzi zakhe ziziguqula izikhonzi zokulunga, kodwa ukuphela kwazo kuyakuba njengokwemisebenzi yazo.


U-Aleksandru, umkhandi wethusi, wenza okubi okuningi kimi; iNkosi iyakuphindesela kuye ngokwemisebenzi yakhe.


Njengomnembi ngomcibisholo olimaza bonke, unjalo oqasha isiwula esizidlulelayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite