Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseRoma 2:3 - IsiZulu 2020

3 Ngabe ucabanga wena muntu ukuthi ngokwehlulela labo abenza lezi zinto nawe ozenzayo, uyakuphepha yini ekwehluleleni kukaNkulunkulu na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ucabanga lokho yini wena muntu owahlulela abenza okunjalo, ubukwenza nawe, ukuthi uyakubalekela ukwahlulela kukaNkulunkulu na?

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

3 Ucabanga ukuthi wena muntu, owahlulela abenza izinto ezinjalo, nawe uzenza nazo, ucabanga ukuthi uyakubalekela ukwahlulela kukaNkulunkulu na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ucabanga ukuthi wena muntu, owahlulela abenza izinto ezinjalo, nawe uzenza nazo, ucabanga ukuthi uyakubalekela ukwahlulela kukaNkulunkulu na?

Gade chapit la Kopi




KwabaseRoma 2:3
22 Referans Kwoze  

Bonke abanhliziyo ezikhukhumezayo bayisinengiso kuSimakade; impela akayukuyeka ukubajezisa.


Bathi nakuba bezazi izimiso ezilungileyo zikaNkulunkulu zokuthi abenza lezi zinto bafanele ukufa, kabagcinanga nje ngokuzenza, kodwa babuye bavuna labo abazenzayo.


Uma bethi: “Ukuthula nokuhlala kahle,” khona ukubhujiswa kuyakubazuma njengemihelo ifikela okhulelweyo; kabasoze baphunyuka.


Kepha uJesu wathi kuye: “Mngani, ngubani ongibeke ukuba ngibe ngumehluleli noma ngumabi wefa lakwenu na?”


Emva kwesikhashana omunye wambona, wathi: “Nawe ungomunye wabo.” Kepha uPhethro, wathi: “Muntundini, angisiye.”


Ucabanga ukuthi bengingecele yini kuBaba angithumelele amaviyo ezingelosi angaphezu kwali-12 na?


“Zinyoka, nzalo yamabululu, niyakukubalekela kanjani ukulahlwa esihogweni na?


Wathi: “Ungesabi, muntu othandekayo; ukuthula makube kuwe; qina, yebo, mawuqine.” Lapho ekhuluma kimi, ngaqiniswa, ngathi: “Mayikhulume inkosi yami, ngokuba ungiqinisile.”


Ngokuba wedelele isifungo ngokwephula isivumelwano, wenza konke lokho nakuba ethembisile; ngakho-ke akayukuphunyuka.


Kepha inkosi yayivukela inkosi yaseBhabhele ngokuthumela izithunywa zayo eGibhithe, ukuba ithole amahhashi nabantu abaningi. Uyophumelela yini na? Uyophunyuka yini owenza lezi zinto? Uyophunyuka yini owephula isivumelwano na?


Impela omubi akayukuyekwa angajeziswa, kodwa isizukulwane sabalungileyo siyakuhlengwa.


Lokho ukwenzile, ngathula, ushaye sengathi Mina nginjengawe; ngizakukusola, ngikubeke icala.


“Ucabanga ukuthi lokhu kulungile yini na? Uthi: ‘Mina ngilungile phambi kukaNkulunkulu,’


Kepha abaholi babantu bakwa-Amoni bathi kuHanuni, inkosi yabo: “Uma ubheka, ucabanga ukuthi uDavide uthumele abazokududuza ngoba ehlonipha uyihlo na? Akungakho yini ukuba izinceku zakhe zizohlola umuzi, bese ziwubhubhisa na?”


Qaphelani ukuba ningamchithi okhulumayo; ngokuba labo abamchithayo lowo owayebaxwayisa emhlabeni, abazange baphunyuke, kakhulu kangakanani-ke thina esimfulathelayo oxwayisa esezulwini ukuba singaphunyuka na?


Pho thina siyakuphunyuka kanjani, uma sidebesela insindiso enkulu kangaka na? Lena eyashunyayelwa kuqala ngeNkosi, yaqiniswa kithina yilabo abayizwayo.


Kepha uPhethro wathi: “Muntundini, angazi ukuthi ukhuluma ngani.” Masinyane esakhuluma, lakhala iqhude.


Ungabavumeli baphunyule ngenxa yobubi babo, ngentukuthelo, qumba phansi izizwe, Nkulunkulu.


Ngakho-ke awunakuzilandulela wena muntu owehlulelayo, noma ngabe ungubani, ngokuba ngalokho owehlulela ngakho omunye, uzehlulela wena; ngokuba zona lezo zinto obehlulela ngazo, ingani wena kanye uyakwenza khona lokho.


Kepha siyazi ukuthi ukwehlulela kukaNkulunkulu kungokweqiniso kulabo abenza izinto ezinjalo.


Maye, muntu ndini! Ungubani-ke wena ukuba uqagulisane noNkulunkulu na? Okubunjiweyo kungasho yini kumbumbi ukuthi: “Wangenzelani ngaba njena na?”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite