Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseRoma 16:4 - IsiZulu 2020

4 abadela ukuphila kwabo ngenxa yokuphila kwami, akubongi mina kuphela kodwa namabandla onke abezizwe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 abadela ukuphila kwabo ngenxa yokuphila kwami, engibabongayo, kungeyimi ngedwa, kodwa namabandla onke abezizwe.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

4 ababeke phansi izintamo zabo ngenxa yokuphila kwami, engibabongayo, kungeyimi ngedwa, kodwa namabandla onke abezizwe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Ababeke phansi izintamo zabo ngenxa yokuphila kwami, engibabongayo, kungeyimi ngedwa, kodwa namabandla onke abezizwe.

Gade chapit la Kopi




KwabaseRoma 16:4
17 Referans Kwoze  

Uthando silwazi ngalokhu ukuthi Yena wakudela ukuphila kwakhe ngenxa yethu. Kanjalo nathi sifanele ukudela ukuphila kwethu ngenxa yabazalwane.


ngokuba, ngenxa yomsebenzi kaKhristu, ucishe wafa edela impilo yakhe, ukuze agcwalise okusileleyo ekungisizeni kwenu.


Ngokuba nina bazalwane nalingisa amabandla kaNkulunkulu aseJudiya akuKhristu uJesu, ngokuba nani nahlushwa ngabesizwe sakini, njengalokhu nawo ahlushwa ngabaJuda.


Maqondana nomnikelo oqoqelwa abangcwele, njengalokhu ngawayala amabandla aseGalathiya, nani-ke yenzani kanjalo.


Kunye nje kuphela, ukuba yilowo nalowo ahambe njengalokhu iNkosi imabele, kube yilowo nalowo njengalokhu uNkulunkulu embizile. Ngiwayala kanjalo onke amabandla.


ngokuba akwandile ukuba umuntu angafela olungileyo, kodwa hleze kube khona ongazidela afele umuntu oqotho.


Ngakho-ke amabandla akhula ekukholweni, anda ngesibalo imihla ngemihla.


Wadabula eSiriya naseKhilikhiya, ehamba eqinisa amabandla.


Akekho onothando olwedlula olokuba umuntu adele ukuphila kwakhe ngenxa yabangani bakhe.


Ngakho-ke usho kanje uSimakade, uthi: “Niyabona-ke, lo mndeni ngiwuhlelela inhlekelele, eningayukukhipha izintamo zenu kuyo, futhi aniyukuhamba ngokuziqhayisa, ngokuba kuyakuba yisikhathi esibi.


Wangifulathelisela izitha zami, nabangizondayo ngabaqothula.


Lapho bewaletha lawo makhosi kuJoshuwa, uJoshuwa wabiza wonke amadoda akwa-Israyeli wathi ezinduneni zamabutho ezazihambe naye: “Sondelani, nibeke izinyawo zenu ezintanyeni zalawa makhosi.” Zasondela-ke, zabeka izinyawo zazo ezintanyeni zawo.


UJohane, kuwo amabandla ayisikhombisa ase-Asiya: makube kinina umusa nokuthula okuvela kuye okhona, nowayekhona nozayo, nakoMoya abayisikhombisa abaphambi kwesihlalo sakhe sobukhosi,


Ngakho-ke ibandla laba nokuthula kulo lonke iJudiya, eGalile, naseSamariya, lakheka, lihamba ngokuyesaba iNkosi, nangenduduzo kaMoya oNgcwele, likhula kakhulu.


abantu abadele ukuphila kwabo ngenxa yegama leNkosi yethu uJesu uKhristu.


Khonzani kuPhriska no-Akhwila, izisebenzi, kanye nami kuKhristu uJesu,


Khonzani nasebandleni elisendlini yabo naku-Efenethu, othandekayo kimi, owulibo lwabase-Asiya kuKhristu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite