Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseRoma 16:2 - IsiZulu 2020

2 ukuba nimamukele eNkosini njengokufanele abangcwele, nimsize kukho konke angahle akudinge kini, ngokuba ulusizo impela kwabaningi, ngisho nakimi imbala.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 ukuze nimamukele eNkosini njengokufanele abangcwele, nimsize noma kuyiphi into angase ayidinge kini, ngokuba yena ube ngumsizi wabaningi, nowami uqobo.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

2 ukuze nimamukele eNkosini njengokufanele abangcwele, nimsize kukho konke aniswele ngakho;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 ukuze nimamukele eNkosini njengokufanele abangcwele, nimsize kukho konke aniswele ngakho;

Gade chapit la Kopi




KwabaseRoma 16:2
25 Referans Kwoze  

Ngakho-ke mamukeleni eNkosini ngokuthokoza okupheleleyo, abanjalo-ke nibahloniphe,


Okubalulekile, hambani ngokufanele ivangeli likaKhristu, ukuze kuthi noma ngiza ukuzonibona noma ngizwa ngani ngingekho, ngizwe ukuthi nimi niqinile emoyeni munye, nangomphefumulo munye; nilwela inkolo yevangeli.


Uma kufika kini umuntu, engafundisi lesi sifundiso, ningamemukeli endlini yenu, futhi ningambingeleli.


Ngakho-ke uma singababambisene, memukele yena kungathi wemukela mina.


Ngimthumele kuwe, yena oyinhliziyo yami,


Kanjalo nabesifazane abadala mabaziphathe ngokufanele ubungcwele, bangabi yizinhlebi, nezigqila zewayini, kodwa babe ngabafundisi bokuhle,


Sengathi iNkosi ingamenza athole ububele ngalolo lusuku. Wena ukwazi kahle konke angenzela khona e-Efesu.


Kepha okufanele abesifazane abathi bayamesaba uNkulunkulu, ukuba bahlobe ngemisebenzi emihle.


Uyakhonza kini u-Aristarkhu oyisiboshwa kanye nami, noMakhu umzala kaBharnabha, enatshelwa ngaye. Uma efika kini, mamukeleni,


Kepha ubufebe, nakho konke ukungcola, noma umhobholo, makungaphathwa neze phakathi kwenu, njengoba kufanele abangcwele,


Uyakhonza kini uGayu ongingenise kwakhe, mina nebandla lonke. Uyakhonza kini u-Erastu, umphathisikhwama womuzi, noKwartu, umzalwane.


Nikhonze ku-Urbhanu, isisebenzi kanye nathi kuKhristu, nakuStakuwami othandekayo.


Khonzani kuMariya owanisebenzela kakhulu.


Ngalokho-ke yamukelanani, njengalokhu noKhristu wanamukela, kube ludumo kuNkulunkulu.


UPhethro wambamba ngesandla, wamsukumisa, wayesebiza abangcwele nabafelokazi, wambeka phambi kwabo ephile saka.


Wayesesuka uPhethro, wahamba nabo. Esefikile, bamyisa ekamelweni eliphezulu; bonke abafelokazi bema eduze kwakhe bekhala, bembonisa izembatho nezingubo ezazenziwe nguDokhasi esaphila.


EJopha kwakukhona owesifazane othile okholwayo, ogama lakhe linguThabitha, okungukuthi uma lihunyushwa uDokhasi; wayenemisebenzi eminingi emihle, futhi abela abampofu izipho.


“INkosi iyakuphendula, ithi kubo: ‘Ngiqinisile ngithi kini, njengokuba nakwenza lokho kulaba bafowethu abancane, nakwenza kimi uqobo.’


Kepha u-Ananiya waphendula wathi: “Nkosi, ngizwile ngabaningi ngaleyo ndoda konke okubi ekwenzile kwabangcwele bakho eJerusalema;


Kepha iNkosi yathi kuye: “Hamba, ngokuba lo uyisitsha sami esikhethiweyo sokuphatha igama lami phambi kwabezizwe, emakhosini, nakubantu bakwa-Israyeli.


Khonzani nakuFilologu, uJuliheya, uNerewu, nodadewabo, naku-Olimpa, nakwabangcwele bonke abakanye nabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite