Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseRoma 15:3 - IsiZulu 2020

3 ngokuba noKhristu akazithokozisanga Yena, kodwa njengokulotshiwe ukuthi: “Inhlamba yabakuthukayo yehlela phezu kwami.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 ngokuba noKristu akazithokozisanga yena, kepha kunjengokuba kulotshiwe ukuthi: “Ukuthuka kwabakuthukayo kwehlela phezu kwami.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

3 Ngokuba noKristu akazithokozisanga yena; kodwa, njengokulotshiweyo ukuthi: Ukuthuka kwabakuthukayo kwehlela phezu kwami.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngokuba noKristu akazithokozisanga yena; kodwa, njengokulotshiweyo ukuthi: Ukuthuka kwabakuthukayo kwehlela phezu kwami.

Gade chapit la Kopi




KwabaseRoma 15:3
19 Referans Kwoze  

Ngokuba ukushisekela indlu yakho kungidlile, izinhlamba zabakuthukayo zehlele phezu kwami.


Wazithoba, elalela kwaze kwaba sekufeni, yebo, ekufeni kwesiphambano.


UJesu wathi kubo: “Ukudla kwami kungukuba ngenze intando yongithumileyo, nokuba ngiwuphothule umsebenzi wakhe.


Ngokuba ngehle ezulwini, hhayi ukuzokwenza intando yami, kodwa intando yalowo ongithumileyo.


“Mina angenzi lutho ngokwami, ngehlulela njengokuba ngizwa, futhi ukwehlulela kwami kuqotho, ngokuba angifuni yona eyami intando, kodwa intando yongithumileyo.


Ngokuba niyawazi umusa weNkosi yethu uJesu uKhristu ukuthi, ngenxa yenu waba mpofu nakuba ayecebile, ukuze ngobuphofu bakhe nina nicebe.


Ongithumileyo unami, kangishiyanga ngingedwa, ngokuba ngenza njalo okuthandekayo kuye.”


Wabuye wahamba okwesibili, wakhuleka wathi: “Baba, uma le ndebe ingenakudlula kimi ngingakayiphuzi, mayenziwe intando yakho.”


Kwanele uma umfundi enjengomfundisi wakhe, nenceku injengenkosi yayo. Uma umninindlu bembize ngokuthi uBhelzebhule, kakhulu kangakanani abendlu yakhe.


Ukwethukwa kuyephulile inhliziyo yami, ngagula kakhulu, ngafisa ukuzwelwa, kodwa angitholanga baduduzi.


Ukuba bengingayenzanga imisebenzi phakathi kwabo, engazange yenziwe muntu omunye, ngabe abanasono; kepha manje bayibonile, bangizonda Mina kanye noBaba.


Uma niyigcina imiyalo yami, niyakuhlala othandweni lwami, njengalokhu nami ngiyigcinile imiyalo kaBaba, ngihlala othandweni lwakhe.


Waqhubeka ibangana, wawa ngobuso, wakhuleka wathi: “Baba, uma kungenzeka, mayedlule kimi le ndebe, kodwa kungabi njengokuthanda kwami, kube njengokuba uthanda wena.”


Ngisho nabaphangi ababebethelwe esiphambanweni kanye naye, bamhlaza kanjalo.


Mawube kini lowo mqondo owawukhona nakuKhristu uJesu,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite