Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseRoma 11:10 - IsiZulu 2020

10 amehlo abo mawafiphazwe ukuze angaboni; kuthi umhlane wabo uqhothe njalo.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 kufiphazwe amehlo abo ukuba angaboni, ugobe umhlane wabo njalo.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

10 Amehlo abo mawabe mnyama, ukuze bangaboni, futhi ugobe umhlane wabo njalo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Amehlo abo mawabe mnyama, ukuze bangaboni, futhi ugobe umhlane wabo njalo.

Gade chapit la Kopi




KwabaseRoma 11:10
13 Referans Kwoze  

Amehlo abo mawanqundeke ukuze bangaboni, izinkalo zabo ziqhaqhazele njalo.


Uma ngempela uNkulunkulu engazange aziyeke izingelosi ezona, kodwa wazilahla kwalasha, emigodini yesigayegaye sobumnyama, ziboshwe ngamaketango, ukuze zigcinwe lapho futhi zilethwe ekwehlulelweni,


abangqondo yabo ifiphazwe ngubumnyama, bahlukaniswa nokuphila kukaNkulunkulu ngenxa yokungazi kwabo nangenxa yobulukhuni benhliziyo yabo,


njengalokhu kulotshiwe ukuthi: “UNkulunkulu wabanika umoya wobuthongo obunzulu, namehlo okungaboni, nezindlebe ezingezwa, kuze kube lusuku lwanamuhla.”


Ngokuba kuthe bemazi uNkulunkulu, kabaze bamdumisa noma bambonge njengoNkulunkulu, kodwa balutheka ekucabangeni kwabo, ingqondo yabo nenhliziyo yabo yafiphazwa.


Bakhefuza amahlazo abo njengamaza adlangalalayo, bayantunta njengezinkanyezi ezigcinelwe ubumnyama baphakade.


Nezingelosi ezingayigcinanga indawo yazo yokubusa, kepha ezayishiya indawo yazo yokuhlala; uzigcine ziboshwe ngezinsinga ingunaphakade, ebumnyameni obuphakade, ukuze zehlulelwe ngosuku olukhulu.


Laba bayimithombo eshileyo nenkungu epheshulwa yisiphepho, bagcinelwe isigayegaye sobumnyama.


“Maye, kumelusi ongenamsebenzi, oshiya umhlambi wezimvu! Inkemba iyakumlimaza ingalo neso lakhe langakwesokunene. Ingalo yakhe iyakushwabana, neso lakhe lingaboni lutho!”


ngiyakunigweba ngenkemba, nonke niyokhothamela ukuhlatshwa, ngokuba ngesikhathi nginibiza, aniphendulanga; nalapho ngikhuluma, aningizwanga; kodwa nenze okubi emehlweni ami, nakhetha lokho engingathokozi ngakho.”


Ngiyoyibeka esandleni sabakuhluphayo, abathi kuwe: ‘Khothama, sihambe phezu kwakho;’ abenze umhlane wakho waba njengomhlabathi, nanjengomgwaqo kulabo abedlulayo.”


Itafula labo malibe wugibe kubo, nesihibe sezitha zabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite