Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseRoma 10:5 - IsiZulu 2020

5 UMose waloba mayelana nokulunga okuza ngomthetho, ukuthi umuntu owenza ukulunga okuvela emthethweni, uyakuphila ngakho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Ngokuba uMose uloba ukuthi umuntu owenza ukulunga okuvela emthethweni uyakuphila ngakho.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

5 Ngokuba uMose ubhala ukulunga okungokomthetho, ukuthi umuntu ozenzayo lezo zinto uyakuphila ngazo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ngokuba uMose ubhala ukulunga okungokomthetho, ukuthi umuntu ozenzayo lezo zinto uyakuphila ngazo.

Gade chapit la Kopi




KwabaseRoma 10:5
11 Referans Kwoze  

Niyogcina izimiso zami nezehlulelo zami; uma nizenza, niyakuphila ngazo; nginguSimakade.


Wabexwayisa ukuba babuyele emthethweni wakho, kodwa baba nenkani, abaze bayilalela imiyalelo yakho nezehlulelo zakho. Bona bephula izimiso zakho, okuthi uma umuntu ezigcina aphile. Bakufulathela, baqinisa amakhanda, benqaba ukukulalela.


“ ‘Kepha nabantwana bangihlubuka, abahambanga ngezimiso zami, abazigcinanga izehlulelo zami ukuba bazenze ukuze umuntu aphile ngazo; bawangcolisa amasabatha ami, ngase ngithi ngizakuthululela intukuthelo yami kubo, ngiphelelise ulaka lwami phezu kwabo ehlane.


“ ‘Kepha indlu yakwa-Israyeli yangihlubuka ehlane; ayihambanga ngezimiso zami, yazilahla izehlulelo zami umuntu ayakuphila ngazo uma ezenza; amasabatha ami yawangcolisa kakhulu; ngase ngithi ngiyakuthulula ulaka lwami phezu kwabo ehlane, ngibaqothule.


Ngabanika izimiso zami, ngabazisa izehlulelo zami umuntu ayakuphila ngazo uma ezenza.


Kepha umthetho awusiwo owokukholwa, kodwa lowo owenza zonke lezi zinto uyakuphila ngazo.


ngafa mina; kwathi umyalo obungowokuphila, wafunyanwa ungowokufa kimi.


“Manje-ke, Israyeli, yizwani izimiso nezehlulelo enginifundisa zona ukuba nizenze, ukuze niphile, ningene, nilidle izwe uSimakade uNkulunkulu wokhokho benu aninika lona.


Bekani izindlebe, nizwe, nize kimi, uyophila umphefumulo wenu; ngiyokwenza nani isivumelwano esiphakade, izenzo zomusa oqinisekileyo zikaDavide.


ngifunyanwe kuye ngingenakho ukulunga okungokomthetho, kodwa lokho okuvela ngokukholwa nguKhristu, ngisho ukulunga okuvela kuNkulunkulu ngokukholwa,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite