Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseRoma 10:2 - IsiZulu 2020

2 Ngokuba ngiyabafakazela ukuthi banayo intshisekelo kaNkulunkulu, kodwa engasuki ekwazini,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Ngokuba ngiyabafakazela ukuthi bashisekela uNkulunkulu kodwa kungengokuqonda;

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

2 Ngokuba ngiyabafakazela ukuthi banentshiseko ngoNkulunkulu, kodwa kungengokokwazi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Ngokuba ngiyabafakazela ukuthi banentshiseko ngoNkulunkulu, kodwa kungengokokwazi.

Gade chapit la Kopi




KwabaseRoma 10:2
22 Referans Kwoze  

Sebekuzwile lokho bamdumisa uNkulunkulu, bathi kuye: “Uyabona, mzalwane, ukuthi ziningi kangakanani izinkulungwane zalabo asebekholwa, ezikhona phakathi kwabaJuda, futhi bonke bayizishisekeli zomthetho!


Ngangiyisishisekeli esizingela ibandla, ngokokulunga okusemthethweni ngingongasolekiyo.


Ikakhulukazi ngikhulekela ukuba uthando lwenu lwande kakhulu, lujule ekwazini nasekuqondeni konke,


lokhu bengakwazi ukulunga kukaNkulunkulu, bafuna ukumisa okwabo ukulunga; abakuthobelanga ukulunga kukaNkulunkulu.


Futhi akukuhle ukuba umuntu angabi nalwazi; oshesha ngezinyawo uyaduka.


Ngangilishoshozela ebuJudeni, elidlula abaningi kontanga nasesizweni sakithi, ngiwashisekela kakhulu kunabo amasiko okhokho bami.


okuyibona unkulunkulu waleli lizwe eyiphuphuthekisile ingqondo yabangakholwa, ukuze lingakhanyi kubo ivangeli lenkazimulo kaKhristu ongumfanekiso kaNkulunkulu.


Wayesethi uJehu: “Hamba nami ukuze ubone indlela engimshisekelela ngayo uSimakade.” Base bemgibelisa enqoleni yakhe.


Ngokuba nguNkulunkulu owathi: “Akuvele ukukhanya ebumnyameni kukhanye,” nguYena owakhanyisa ezinhliziyweni zethu ukuze zikhanyelwe wulwazi lwenkazimulo kaNkulunkulu ebusweni bukaKhristu.


“Mina ngiyindoda engumJuda ezalwa eTharsu eKhilikhiya, kodwa ngakhulela kuwo lo muzi, ngasezinyaweni zikaGamaliyeli, ngafundiswa ngesineke ngomthetho wobaba, ngishisekela uNkulunkulu njengalokhu nani ninjalo namuhla.


Abaqondi lutho bonke abenza okubi, abadla abantu bami sengathi badla isinkwa, bengakhuleki kuSimakade.


Ngokuba ngingafakaza ukuthi anikela engaphoqiwe ngokwamandla awo nangaphezu kwamandla awo.


bamemeza bathi: “Madoda akwa-Israyeli, yelekelelani! Nguye lo muntu ofundisa bonke ezindaweni zonke okuphambene nesizwe, nomthetho, nale ndawo, futhi ufike namaGriki wawangenisa ethempelini, wayingcolisa le ndawo engcwele.”


Pho selushonephi loluya gqozi enaninalo na? Ngiyaqinisa ukuthi naningawakhipha amehlo enu niwanike mina uma kwakunokwenzeka.


Ngokuba ngiyamfakazela ukuthi uyanisebenzela kakhulu nina, nabaseLawodikheya, nabaseHiyerapholi.


Bamlalela kwaze kwaba kuleli lizwi, base bekhamuluka bethi: “Msuseni onje emhlabeni, ngokuba akafanele ukuba aphile.”


Ngalolo lusuku uSimakade uyojezisa uLeviyathani ngenkemba yakhe enonya, elukhuni nemandla. ULeviyathani yinkanyamba esheshayo, futhi ethandelayo, uyobulala nenkanyamba yasolwandle ehlala khona.


Bayakunikhipha emasinagogeni; yebo, isikhathi siyeza lapho bonke abanibulalayo beyakuthi basebenzela uNkulunkulu.


Bazalwane, isifiso senhliziyo yami nokunxusa kwami kuNkulunkulu ngukuba abakwa-Israyeli basindiswe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite