Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseRoma 1:11 - IsiZulu 2020

11 Ngokuba ngilangazelela ukunibona ukuze nginabele isipho esithile sokomoya ukuba niqiniswe,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Ngokuba ngilangazelela ukunibona ukuze nginabele isipho esithile somusa sokomoya ukuba niqiniswe,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

11 Ngokuba ngilangazelela ukunibona, ukuze nginabele isipho esithile somoya, ukuze niqiniswe;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Ngokuba ngilangazelela ukunibona, ukuze nginabele isipho esithile somoya, ukuze niqiniswe;

Gade chapit la Kopi




KwabaseRoma 1:11
32 Referans Kwoze  

Ngakho-ke ngihlose ukuba nginikhumbuze njalo ngalezo zinto, nakuba nivele nizazi, futhi nimile naqina eqinisweni elikhona.


Manje, kuye onamandla okuniqinisa ngokwevangeli lami nangentshumayelo kaJesu Khristu, ngokwambulwa kwemfihlakalo eyayifihliwe kusukela ngezikhathi zaphakade.


Kepha iNkosi ithembekile, iyakuniqinisa, inilondoloze komubi.


Ngiyazi ukuthi lapho ngiza kini, ngizakufika nokugcwala kwesibusiso sikaKhristu.


NgoSilvanu, umzalwane othembekile kithi, nginibhalele ngamafuphi ukunikhuthaza, nokufakaza ukuthi yiwo ngokwempela umusa kaNkulunkulu enimi kuwo.


Kepha uNkulunkulu womusa wonke owanibizela enkazimulweni yakhe yaphakade ngoKhristu, emva kokuhlupheka isikhashana, Yena luqobo uyakunihlumelela, anisekele, aniqinise, animise nisimeme.


angazigqugquzela izinhliziyo zenu, aniqinise emisebenzini yonke nasemazwini onke amahle.


UPawula esebekile izandla phezu kwabo, uMoya oNgcwele wehlela phezu kwabo, base bekhuluma ngezilimi, futhi baphrofetha.


Ngakho-ke amabandla akhula ekukholweni, anda ngesibalo imihla ngemihla.


Bavuka ekuseni, baphuma baya ehlane eThekhowa. Ngesikhathi bephuma, uJehoshafathi wasukuma, wathi: “Ngilaleleni, Juda nani zakhamuzi zaseJerusalema! Methembeni uSimakade uNkulunkulu wenu, niyakuqiniswa. Bethembeni abaphrofethi bakhe, niyakuphumelela.”


ukuze izinhliziyo zenu zisimame, zingabi nakusoleka ebungcweleni phambi kukaNkulunkulu uBaba wethu, ekufikeni kweNkosi yethu uJesu kanye nabo bonke abangcwele bayo.


Sathumela uThimothewu umzalwane wethu, isikhonzi sikaNkulunkulu kanye nathi evangelini likaKhristu, ukuba aniqinise, anikhuthaze ekukholweni kwenu,


Ngakho-ke bazalwane bami abathandekayo nengibalangazelela kakhulu, ntokozo yami nomqhele wami, yimani nigxile eNkosini, bathandwa.


Lokhu ulangazelela ukunibona nonke, ukhathazekile ngenxa yokuba nizwile ukuthi ubegula.


UNkulunkulu ungufakazi wami ukuthi nginilangazelela kangakanani nonke ngenxa yesihe sikaJesu Khristu.


benilangazelela; bayanikhulekela ngenxa yomusa kaNkulunkulu okini omkhulu kakhulu.


Kepha nguNkulunkulu osimise kanye nani kuKhristu, nowasigcobayo,


nokuthi ngize ngifike kini ngokuthokoza, ngentando kaNkulunkulu, ngiphumule kanye nani.


Kepha manje, njengokuba ngingasenayo indawo kula mazwe, futhi sekuyiminyaka eminingi ngilangazelela ukuza kini,


Kwathi sekwenzekile lokho, uPawula wanquma emoyeni wakhe ukuya eJerusalema, esenqamulile eMakhedoniya nase-Akhaya, wathi: “Uma sengifinyelele lapho kufanele ukuba ngiyobona neRoma.”


Inhliziyo yenkosi uDavide yalangazelela ukubona u-Absalomu, lokhu yayisize yaduduzeka ibona ukuthi impela u-Amnoni ufile.


Ningadukiswa yizimfundiso ezehlukahlukeneyo nezingaziwayo, ngokuba kuhle ukuba inhliziyo iqiniswe ngomusa, kungabi ngokudla okungabasizanga nalabo abaphila ngakho.


Uma kufika umuntu eshumayela omunye uJesu esingakaze sinishumayeze Yena, noma namukela omunye umoya eningawemukeliswanga, noma elinye ivangeli elehlukile eningalemukeliswanga, niyashesha ukukubekezelela lokho.


UDavide womela amanzi, wayesethi: “Ngubani ozakunginika amanzi asemthonjeni eBhethlehema ongasesangweni, ngiphuze na?”


Noma ngabe weqe ngoba usukhumbule ekhaya kini, pho kungani untshontshe onkulunkulu bami na?”


okungukuthi sikhuthazane, omunye ngokukholwa komunye, okwenu nokwami.


Ngenxa yaleli themba, ngahlela ukuba ngize kini kuqala, ukuze nithole umusa ngokuphindiwe, ngokunivakashela kwami;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite