Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseKolose 4:3 - IsiZulu 2020

3 Nisikhulekele nathi ukuba uNkulunkulu asivulele umnyango wezwi ukuba sishumayele imfihlakalo kaKhristu engiboshwe ngenxa yayo,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Nathi nisikhulekele, ukuze uNkulunkulu asivulele umnyango wezwi ukuba sikhulume imfihlakalo kaKristu engiboshwe ngenxa yayo,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

3 nisikhulekele nathi, ukuba uNkulunkulu asivulele umnyango wenkulumo, ukuba sikhulume imfihlakalo kaKristu, engiboshiwe ngenxa yayo;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 nisikhulekele nathi, ukuba uNkulunkulu asivulele umnyango wenkulumo, ukuba sikhulume imfihlakalo kaKristu, engiboshiwe ngenxa yayo;

Gade chapit la Kopi




KwabaseKolose 4:3
27 Referans Kwoze  

Ekufikeni kwabo, baliqoqa ibandla, balilandisa ngakho konke uNkulunkulu akwenzile ngabo, nokuthi uvulele nabezizwe isango lokukholwa.


ngisho imfihlakalo ebifihlakele kusukela emandulo nasezizukulwaneni, kodwa manje yambuliwe kwabangcwele bakhe,


Kepha ekufikeni kwami eThrowa ukuba ngishumayele ivangeli likaKhristu, ngavulelwa umnyango yiNkosi,


engihlupheka ngenxa yalo kuze kube sekuboshweni njengeselelesi, kodwa izwi likaNkulunkulu aliboshiwe.


Nakuba kufanele ukuba ngicabange kanjalo ngani nonke, ngokuba nisenhliziyweni yami nonke, lokhu nina nonke nihlanganyele nami emseni, ekuboshweni kwami, ekulivikeleni nasekuliqiniseni ivangeli.


Ngakho-ke mina siboshwa eNkosini ngiyanikhuthaza ukuba nihambe ngokufanele ukubizwa enabizwa ngakho,


ngokuba ngivulelwe umnyango omkhulu wethuba lokusebenza; nakuba bebaningi abamelene nami.


Umuntu makasazi ukuthi siyizikhonzi zikaKhristu nabaphathi bezimfihlakalo zikaNkulunkulu.


UJesu waphendula, wathi kubo: “Yingokuba nina niphiwe ukwazi izimfihlakalo zombuso wezulu, kodwa bona kabakuphiwanga lokho.


Okunye-ke ngilungiseleni indawo lapho ngizogogobala khona, ngoba ngiyethemba ukuthi ngenxa yemikhuleko yenu, ngizobuyiselwa kini.


Ngokuba ngiyazi ukuthi imikhuleko yenu nokungisiza kwenu okukhulu ngokukaMoya kaJesu Khristu, kuzakwelekelela ekukhululweni kwami.


Sengathi iNkosi ingabenzela umusa abendlu ka-Onesiforu, ngokuba ubengihlumelela njalo futhi engenamahloni ngokuboshwa kwami.


Ngenxa yalokho, mina Pawula ngiyisiboshwa sikaKhristu uJesu ngenxa yenu, nina bezizwe.


Manje, kuye onamandla okuniqinisa ngokwevangeli lami nangentshumayelo kaJesu Khristu, ngokwambulwa kwemfihlakalo eyayifihliwe kusukela ngezikhathi zaphakade.


ukuthi wangambulela ngesambulo imfihlakalo, njengoba nganilobela kafushane ngaphambilini;


okuyothi uma niyifunda niqonde ukwazi kwami ngemfihlakalo kaKhristu.


Ngikhanyisele bonke abantu ukuthi luyini uhlelo lwemfihlakalo ebifihliwe kwaphakade kuNkulunkulu owadala konke,


Lo mkhonzo ngiwubhale ngesandla sami, mina Pawula. Khumbulani izibopho zami. Umusa mawube nani.


shumayela izwi, ulungele ukulishumayela, noma kuyisikhathi noma kungesiso. Sola, ukhuze, ugqugquzele ngakho konke ukubekezela nokufundisa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite