Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseKolose 3:9 - IsiZulu 2020

9 Ningaqambi amanga omunye komunye, ngokuba senikhumule umuntu omdala nezenzo zakhe;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 ningaqambelani amanga, lokhu nikhumule umuntu omdala kanye nezenzo zakhe,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

9 Ningaqambelani amanga, lokhu nikhumule umuntu omdala kanye nezenzo zakhe;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ningaqambelani amanga, lokhu nikhumule umuntu omdala kanye nezenzo zakhe;

Gade chapit la Kopi




KwabaseKolose 3:9
16 Referans Kwoze  

Ngakho-ke hlukanani namanga, nikhulume iqiniso, kube yilowo nalowo nomakhelwane wakhe, ngokuba singamalungu omunye elomunye.


ukuba nikhumule umuntu omdala ongowenkambo yakuqala, owonakele ngenxa yezinkanuko zenkohlakalo,


“ ‘Aniyukweba, aniyukuphathana ngobuqili, aniyukuqambelana amanga.


Nina-ke ningabakayihlo usathane, nithanda ukufeza izifiso zakhe. Yena wayengumbulali kwasekuqaleni, akami eqinisweni, ngokuba iqiniso alikho kuye. Uma ekhuluma amanga, usuke ekhuluma into yakhe, ngokuba ungumqambimanga noyise wamanga.


Sazi lokhu ukuthi umuntu wethu omdala wabethelwa kanye naye esiphambanweni, ukuze umzimba wesono wenziwe ize, singabe sisakhonza isono,


Insali yakwa-Israyeli ayiyukwenza okubi, ayiyukuwaqamba amanga, futhi akuyukutholakala emlonyeni wayo ulimi lwenkohliso. Impela iyakudla, ilale phansi, kungabi bikho oyethusayo.’ ”


Ngaphandle kukhona izinja, abathakathi, izifebe, ababulali, abakhonza izithombe, nabo bonke abathanda nabenza amanga.


Akukho lutho olungcolileyo oluyakungena kuwo nanini, owenza amanyala noqamba amanga, kuphela labo abalotshiwe encwadini yokuphila yeWundlu.


izifebe, abesilisa abalalanayo, abathumba abantu, abaqambimanga, abafunga amanga, nanoma yikuphi okunye okuphambene nemfundiso elungileyo;


“Kepha amagwala, abangakholwayo, abanengekayo, ababulali, izifebe, abathakathi, abakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabuli; lokho-ke ngukufa kwesibili.”


Kepha manje lahlani konke lokhu: ulaka, ukuthukuthela, ububi, ukuhlambalaza, nokukhuluma amahlazo ngemilomo yenu.


Wathi: “Ngempela bangabantu bami, abantwana abangenankohliso;” waba nguMsindisi wabo,


“Nakhu eniyakukwenza: khulumani iqiniso omunye komunye, kube nokwehlulela okuqotho nesinqumo esinokuthula emasangweni enu.


Olungileyo uyawazonda amazwi angamanga, kodwa isikhohlakali sidala amahloni nehlazo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite