Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseKolose 2:9 - IsiZulu 2020

9 Ngokuba kuhlala kuye ngokomzimba konke ukuphelela kukaNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Ngokuba kuhlala kuye ngokomzimba ukugcwala konke kobuNkulunkulu;

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

9 Ngokuba kuhlezi kuye ukugcwala konke kobuNkulunkulu ngokomzimba.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ngokuba kuhlezi kuye ukugcwala konke kobuNkulunkulu ngokomzimba.

Gade chapit la Kopi




KwabaseKolose 2:9
20 Referans Kwoze  

Ngokuba kwaba kuhle ukuba ukuphelela konke kukaNkulunkulu kuhlale kuyo,


ULizwi waba ngumuntu, wahlala phakathi kwethu. Sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo yozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso.


Mina noBaba simunye.”


Akuthandabuzwa ukuthi inkulu imfihlakalo yenkolo yethu yokuthi: Owabonakaliswa engumuntu nje, wafakazelwa nguMoya, wabonwa yizingelosi, washunyayelwa kwabezizwe, bakholwa nguye emhlabeni, wenyuselwa enkazimulweni.


Kepha uma ngiyenza, nakuba ningakholwa yimi, kholwani-ke yimisebenzi, ukuze nazi futhi niqonde ukuthi uBaba ukimi, nami ngikuye.”


Kepha siyazi ukuthi iNdodana kaNkulunkulu isifikile, yasinika ukuqonda namandla ukuze simazi oyiqiniso. Sikuye oweqiniso, iNdodana yakhe, uJesu Khristu. Lo nguNkulunkulu weqiniso nokuphila okuphakade.


Ngalolo suku niyakukwazi ukuthi Mina ngikuBaba, nani nikimi, nami ngikini.


ukuze bonke babe munye, njengalokhu Wena Baba ukimi, nami ngikuwe, ukuba nabo babe kithina, ukuze izwe likholwe ukuthi ungithumile.


silindele ithemba elibusisiweyo nokubonakala kwenkazimulo kaNkulunkulu omkhulu noMsindisi wethu uJesu Khristu,


uMoya oNgcwele wehlela phezu kwakhe, enesimo somzimba wejuba; kwezwakala izwi livela ezulwini, lithi: “Wena uyiNdodana yami ethandekayo; ngithokozile ngawe.”


“Intombi iyakukhulelwa, izale indodana; bayakuyiqamba igama bathi ngu-Immanuweli,” okusho ukuthi: “UNkulunkulu unathi.”


Ngakho-ke iNkosi uqobo izokunika isibonakaliso: intombi izakukhulelwa, izale indodana, iyiqambe ngokuthi ngu-Imanuweli.


okungukuthi, uNkulunkulu ekuKhristu wenza ukuba izwe libuyisane naye, engababaleli iziphambeko, ebeka kithi izwi lokubuyisana.


Ngokuba bathathu ofakazi:


Kepha uJesu wayekhuluma ngethempeli elingumzimba wakhe.


Ngokuba ekugcwaleni kwakhe, sonke samukele umusa phezu komusa.


“Ngakho-ke njengalokhu singabozalo lukaNkulunkulu, akufanele ukuba sithi ubuNkulunkulu bufana negolide noma isiliva noma itshe, izinto eziqoshwe ngekhono nangesu lomuntu.


“Yathi inceku: ‘Nkosi, sekwenziwe lokho obuyale ngakho, kepha isekhona indawo.’


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite