Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseKolose 2:6 - IsiZulu 2020

6 Ngakho-ke njengalokhu nimamukele uKhristu uJesu iNkosi, hambani nikuye,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Ngakho-ke njengalokho nimamukele uKristu Jesu iNkosi, hambani nikuye,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

6 Ngakho njengalokho namamukele uKristu Jesu iNkosi, hambani kuye;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Ngakho njengalokho namamukele uKristu Jesu iNkosi, hambani kuye;

Gade chapit la Kopi




KwabaseKolose 2:6
22 Referans Kwoze  

ukuze nihambe ngokufanele iNkosi, niyithokozise ngakho konke, nithela izithelo kuyo yonke imisebenzi elungileyo, nikhula ekumazini uNkulunkulu,


Lowo othi uhlala kuye, kufanele ahambe njengalokhu ahamba Yena.


Elokugcina, bazalwane, siyaninxusa, sinigqugquzela eNkosini uJesu ukuba njengalokhu nakwemukela kithi ukuthi nifanele niziphathe, futhi nimthokozise kanjani uNkulunkulu, njengalokhu nivele nenza kanjalo, khuthalani-ke kakhulu ukwenza lokho.


Ngiyaphila, kodwa akuseyimi ophilayo, kepha uKhristu ophila kimi, ngakho-ke ukuphila engikuphilayo manje enyameni, ngikuphila ngokukholwa yiNdodana kaNkulunkulu eyangithanda, yazinikela ngenxa yami.


ngokuba sihamba ngokukholwa, hhayi ngokubona.


Konke enikwenzayo, noma kungezwi noma kungomsebenzi, kwenzeni konke egameni leNkosi uJesu, nimbonge uNkulunkulu uYise ngaye.


Bathandekayo, ngisha amashushu ngifuna ukunilobela ngensindiso esiyihlanganyele sonke, ngikuthola kubalulekile ukuba nginilobele, nginikhuthaze ukuba nilulwele ukholo olwabekwa kwabakanye kwabangcwele.


Kepha siyazi ukuthi iNdodana kaNkulunkulu isifikile, yasinika ukuqonda namandla ukuze simazi oyiqiniso. Sikuye oweqiniso, iNdodana yakhe, uJesu Khristu. Lo nguNkulunkulu weqiniso nokuphila okuphakade.


Okubalulekile, hambani ngokufanele ivangeli likaKhristu, ukuze kuthi noma ngiza ukuzonibona noma ngizwa ngani ngingekho, ngizwe ukuthi nimi niqinile emoyeni munye, nangomphefumulo munye; nilwela inkolo yevangeli.


Ngokuba singabahlanganyela kuKhristu, uma impela sibambisisa ithemba lethu lokuqala kuze kube sekupheleni.


Ngakho-ke mina siboshwa eNkosini ngiyanikhuthaza ukuba nihambe ngokufanele ukubizwa enabizwa ngakho,


Izizwe eziningi ziyakufika zithi: “Wozani, masikhuphukele entabeni kaSimakade, nasendlini kaNkulunkulu kaJakobe, ukuze asifundise ezindleleni zakhe, size sikwazi ukuhamba emikhondweni yakhe, ngokuba eZiyoni kuyakuvela umthetho, nezwi likaSimakade eJerusalema.


UJesu wathi: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami.


Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: owamukela noma ngubani engimthumileyo, wamukela Mina; owamukela Mina, wamukela ongithumileyo.”


“Onamukelayo nina, uyangamukela Mina; nongamukelayo Mina, wamukela ongithumileyo.


Wena ndlu kaJakobe, woza sihambe ekukhanyeni kukaSimakade.


Kepha ngoNkulunkulu, nikuJesu Khristu owenzelwe thina, waba ngukuhlakanipha kwethu okuvela kuNkulunkulu nokulunga, nokungcweliswa kanye nokuhlengwa,


Ngokuba nonke ningabantwana bakaNkulunkulu ngokukholwa kuJesu Khristu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite