Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseKolose 2:3 - IsiZulu 2020

3 okufihlwe kuye wonke amagugu okuhlakanipha nawokwazi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 okufihlwe kuye amagugu onke okuhlakanipha nowokwazi.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

3 okufihlwe kuye yonke ingcebo yokuhlakanipha nolwazi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 okufihlwe kuye yonke ingcebo yokuhlakanipha nolwazi.

Gade chapit la Kopi




KwabaseKolose 2:3
21 Referans Kwoze  

Kepha kulabo ababiziweyo, abaJuda namaGriki sishumayela uKhristu, ongamandla kaNkulunkulu nokuhlakanipha kukaNkulunkulu.


Kepha ngoNkulunkulu, nikuJesu Khristu owenzelwe thina, waba ngukuhlakanipha kwethu okuvela kuNkulunkulu nokulunga, nokungcweliswa kanye nokuhlengwa,


Yeka ukujula kwengcebo, nokuhlakanipha, nokwazi kukaNkulunkulu! Yeka izehlulelo zakhe ezingaphenyekiyo, nezindlela zakhe ezingaqondakaliyo!


Ngakho-ke nathi, kusukela ngosuku esezwa ngalo, asiyeki ukunikhulekela sicela ukuba nigcwaliswe ngolwazi lwentando yakhe kukho konke ukuhlakanipha nokuqonda okungokomoya,


asiphe wona ngokwedlulele kukho konke ukuhlakanipha nokuqonda,


“Ngakho-ke ningabesabi, ngokuba akukho okusitshekelweyo okungayukwambulwa nokufihliweyo okungayukwaziwa.


Izwi likaKhristu malihlale kini njalo, nifundisane ngokuhlakanipha konke, niyalane ngamahubo, ngezihlabelelo nangamaculo okomoya; nimhubele uNkulunkulu ezinhliziyweni zenu ngokubonga.


uma ukufuna njengesiliva ukufunisisa njengengcebo efihliweyo,


“ ‘Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni. Onqobayo ngiyakumnika okwemana efihliweyo, ngimuphe itshe elimhlophe, futhi kulotshiwe etsheni igama elisha elingaziwa muntu, kuphela lowo olemukelayo.’


Kusithekile emehlweni abo bonke abaphilayo, kufihliwe nasezinyonini zezulu.


Ngokuba nafa, ukuphila kwenu kufihlwe noKhristu kuNkulunkulu,


Ngokuba kwaba kuhle ukuba ukuphelela konke kukaNkulunkulu kuhlale kuyo,


UMoya kaSimakade uyohlala phezu kwakhe, umoya wokuhlakanipha nowokuqonda, umoya wamasu nowamandla, umoya wokwazi nowokumesaba uSimakade.


U-Israyeli wonke wezwa ngaleso sehlulelo esasenziwe yinkosi, wayesaba inkosi ngokuba wabona ukuthi ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kwakunayo ekwehluleleni kwayo.


Welulekana nobani waze wamnika ukuqonda, wamfundisa indlela yobulungiswa, wamnika indlela yokwazi, wamazisa indlela yokuqonda na?


Ngenxa yalokho, lowo ongukuhlakanipha kukaNkulunkulu, wathi: ‘Ngiyakuthumela kubo abaphrofethi nabaphostoli, abanye benu bayakubabulala, abanye babazingele.’


OkunguYena esimshumayelayo, siluleka wonke umuntu, sibafundisa bonke abantu ngokuhlakanipha konke, ukuze sethule wonke umuntu ephelele kuKhristu,


Ngaleso sizathu-ke, khuthalelani ukwengeza ubuhle ekukholweni, nasebuhleni ukwazi,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite