Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseKolose 2:15 - IsiZulu 2020

15 Wabephuca izikhali ababusi nabanamandla, wabathela ngehlazo obala, ebanqoba ngesiphambano.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 ebaphucile ababusi nabanamandla izikhali wabathela ngehlazo obala, ebanqoba ngaso.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

15 Esephucile imibuso namandla, wabukisa ngabo obala, ebanqoba ngawo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Esephucile imibuso namandla, wabukisa ngabo obala, ebanqoba ngawo.

Gade chapit la Kopi




KwabaseKolose 2:15
25 Referans Kwoze  

Ngakho-ke njengalokhu abantwana bahlanganyela igazi nenyama, naye uqobo wahlanganyela khona lokho, ukuze ngokufa kwakhe ambhubhise onamandla phezu kokufa; uSathane,


Ngakho kuthi: “Esenyukele phezulu wathumba ababethunjiwe, wapha abantu izipho.”


“Umuntu angangena kanjani endlini yesiqhwaga, aphange impahla yaso, uma engaqalanga ngokubopha isiqhwaga, andukuba aphange indlu yaso na?


Ngalokho ngiyakuyabela indawo nabakhulu, iyakuhlukanisa impango nabanamandla, ngokuba yawuthulula umphefumulo wayo ekufeni, yabalwa kanye nezelelesi; nokho yathwala izono zabaningi, yakhulekela aboni.


Ngokuba asibambene negazi nenyama, kodwa sibambene nemibuso, namandla, nababusi bezwe balobu bumnyama, nabomoya bobubi emkhathini.


ngokwahlulela, ngokuba umbusi waleli lizwe wahlulelwe.


Kepha wathi kubo: “Ngabona uSathane ewa ezulwini njengonyazi.


USathane owazidukisa waphonswa echibini lomlilo nesibabuli, lapho kukhona isilo nomphrofethi wamanga. Kulapho beyakuhlushwa khona imini nobusuku kuze kube phakade naphakade.


Wena wenyukele phezulu, wathumba abathunjiweyo, wapha abantu izipho, nakulabo abebehlubukile, ukuze uSimakade uNkulunkulu ahlale khona.


Ngizokwenza ubutha phakathi kwakho nowesifazane, ngizonenza nizondane nenzalo yowesifazane. Inzalo yowesifazane iyochoboza ikhanda leyakho, nenzalo yakho ishaye isithende senzalo yakhe.”


ngokuba konke kwadalwa ngayo; okusezulwini nokusemhlabeni, okubonwayo nokungabonwayo, nakuba kuyizihlalo zobukhosi, noma imibuso, noma izikhulu, noma iziphathimandla; konke kwadalwa ngayo, kwadalelwa Yona.


Kepha uma onamandla kunaso esihlasela, asinqobe, uyasiqhwaga izikhali zaso ebesigabe ngazo, bese eyaba impango yaso.


okuyibona unkulunkulu waleli lizwe eyiphuphuthekisile ingqondo yabangakholwa, ukuze lingakhanyi kubo ivangeli lenkazimulo kaKhristu ongumfanekiso kaNkulunkulu.


Udrago omkhulu, inyoka endala okuthiwa nguMhlebi noSathane, odukisa umhlaba wonke; waphonswa phansi emhlabeni nezingelosi zakhe ezazinaye.


Kwathi ukuba uJesu awemukele uviniga, wayesethi: “Kufeziwe;” wagebisa ikhanda, wafa.


andukuba kufike umhla wokuphela, lapho ebuyisela umbuso kuNkulunkulu uYise, esechithile bonke ababusi, bonke abasemagunyeni, nabanamandla.


Kepha makabongwe uNkulunkulu osihola njalo odwendweni lokunqoba ngoKhristu, nothaphukisa ngathi iphunga lokwazi kwakhe ezindaweni zonke.


ukuze ngebandla baziswe manje ababusi nabanamandla emazulwini ukuhlakanipha okuninginingi kukaNkulunkulu,


Nina niphelelisiwe kuye, oyinhloko yemibuso yonke namandla,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite