Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseKolose 2:12 - IsiZulu 2020

12 nimbelwe kanye naye ngombhabhadiso, okungawo futhi navuswa kanye naye ngokukholwa ngamandla kaNkulunkulu owamvusa kwabafileyo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 nimbelwe kanye naye ngombhapathizo, okungawo futhi navuswa kanye naye ngokukholwa ngamandla kaNkulunkulu owamvusa kwabafileyo.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

12 Nangcwatshwa kanye naye embhapathizweni, okungawo futhi navuswa kanye naye ngokholo lwamandla kaNkulunkulu owamvusa kwabafileyo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Nangcwatshwa kanye naye embhapathizweni, okungawo futhi navuswa kanye naye ngokholo lwamandla kaNkulunkulu owamvusa kwabafileyo.

Gade chapit la Kopi




KwabaseKolose 2:12
31 Referans Kwoze  

Lawo manzi angumfanekiso wombhabhadiso enisindiswa ngawo manje, okungesikho ukukhuculula insila emzimbeni, kodwa isithembiso kuNkulunkulu esivela kunembeza omsulwa, ngokuvuka kukaJesu Khristu,


Ngokuba nonke enabhabhadiselwa kuKhristu, nembatha uKhristu.


Lowo uNkulunkulu wamvusa eseyiqede nya iminjunju yokufa, ngokuba kwakungeke kwenzeke ukuba abanjwe ngukufa.


UKhristu ahlale ezinhliziyweni zenu ngokukholwa, ukuze nigxile, nisekelwe othandweni,


kodwa nangenxa yethu esiyakubalelwa khona, thina esikholwa nguye owavusa uJesu iNkosi yethu kwabafileyo,


yinye iNkosi, yinye inkolo, munye umbhabhadiso,


Ngokuba ngomusa nisindisiwe ngokukholwa; lokhu akuveli kini, kodwa kuyisipho sikaNkulunkulu,


Kodwa manje uKhristu uvusiwe kwabafileyo, uwulibo lwabaleleyo.


sibhekile kuJesu ongumqalisi nomphelelisi wokukholwa kwethu, owathi esikhundleni sentokozo ayibekelweyo, wathwala isiphambano engalinaki ihlazo, wahlala ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu.


nemfundiso ngombhabhadiso, ngokubeka izandla, ukuvuka kwabafileyo, nokwehlulelwa okuphakade.


Ngokuba nina nabelwe ngenxa kaKhristu, hhayi nje ukuba nikholwe kuye, kodwa nokuba nihlupheke ngenxa yakhe,


ngokuba konke okubonakalayo kungukukhanya. Ngalokho kuthiwa: “Phaphama wena oleleyo, uvuke kwabafileyo, uKhristu uzakukukhanyisa.”


engenziwa isikhonzi salo ngokwesipho somusa kaNkulunkulu engiwuphiwe ngokokusebenza kwamandla akhe.


Ngokuba thina sonke sabhabhadiswa ngaMoya munye, ukuba sibe mzimba munye, noma ngabe singabaJuda noma singamaGriki, noma siyizigqila noma singabakhululekileyo; sonke saphuziswa Moya munye.


Kanjalo nani bazalwane bami, nafa maqondana nomthetho ngomzimba kaKhristu, ukuba nibe ngabomunye, lowo owavuswa kwabafileyo, ukuze sithele izithelo kuNkulunkulu.


Ekufikeni kwabo, baliqoqa ibandla, balilandisa ngakho konke uNkulunkulu akwenzile ngabo, nokuthi uvulele nabezizwe isango lokukholwa.


Abaphostoli base bethi eNkosini: “Yandisa ukukholwa kwethu.”


Lo Jesu, uNkulunkulu wamvusa; thina sonke singofakazi balokho.


engiyisebenzelayo futhi ngokukhandleka, ngilwa ngokusebenza kwakhe okusebenza kimi ngamandla.


Nani-ke ebenifile ngeziphambeko zenu nokungasokwa kwenyama yenu, wanenza ukuba niphile kanye naye, esithethelela zonke iziphambeko zethu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite