Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseGalathiya 6:3 - IsiZulu 2020

3 Ngokuba uma kukhona ozishaya utho abe engelutho, uyazikhohlisa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ngokuba uma umuntu ezishaya utho, engelutho, uyazikhohlisa.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

3 Ngokuba uma umuntu ezishaya utho, engelutho, uyazikhohlisa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngokuba uma umuntu ezishaya utho, engelutho, uyazikhohlisa.

Gade chapit la Kopi




KwabaseGalathiya 6:3
17 Referans Kwoze  

Kunethemba ngesiwula kunozibona ehlakaniphile emehlweni akhe.


Makungabi bikho ozikhohlisayo: uma kukhona umuntu phakathi kwenu othi uhlakaniphile kulesi sikhathi, makabe yisiwula, ukuze ahlakaniphe.


Uma umuntu ecabanga ukuthi wazi okuthile, akakazi njengokuba kufanele ukuba azi.


Ngokuba ngomusa engiwuphiweyo ngithi kulowo nalowo kini akangazicabangi ukuthi mkhulu, kunalokho afanele ukukucabanga; kodwa acabange kube ngokuqonda, njengalokhu uNkulunkulu abele yilowo nalowo isilinganiso sokukholwa.


kungesikho ukuthi kukhona thina esingakukhomba sithi kuvela kithi, kodwa amandla ethu avela kuNkulunkulu,


Noma ngingaphrofetha, ngiqonde izimfihlakalo zonke, ngibe nokwazi konke, noma nginganokukholwa konke okungagudluza izintaba, kodwa uma ngingenalo uthando, angiyinto yalutho.


Uma sithi asinasono, siyazikhohlisa, neqiniso alikho kithi.


Nibe mqondo munye, nicabangelane ngokufanayo; ningazikhukhumezi, kodwa zihlanganiseni nabathobekileyo. Ningazishayi abahlakaniphileyo.


UmFarisi wema, wakhuleka wathi: ‘Nkulunkulu, ngiyakubonga ngokuba ngingenjengabo abanye abantu: izigebengu, izikhohlakali, iziphingi, nanjengalo mthelisi.


Yibani ngabalenzayo izwi, ningabi ngabalizwayo nje kuphela, nizikhohlisa.


Njengamafu nomoya ngaphandle kwemvula, unjalo umuntu ozincoma ngesipho angasiphiwanga.


Uma umuntu ethi uyakholwa, kodwa engabophi ulimi lwakhe kube sengathi ngetomu, kodwa ezikhohlisa enhliziyweni yakhe, ukukholwa kwalowo kuyize.


Kepha abantu ababi nabakhohlisi bazakudlebeleka ebubini, badukise, njengokuba bedukisiwe.


Sengize ngaba yisiwula; nina ningiphoqile. Ngokuba mina kufanele ngabe nginconywa yinina. Angisilele ngalutho kubaphostoli abaqavile kakhulu, noma ngingento yalutho.


Kodwa kulabo abacabanga ukuthi bawutho, nokuthi babe yini, kwakungelutho lokho kimi, ngokuba uNkulunkulu akakhethi buso bamuntu, ngokuba kimi labo abazibona beqavile, abanezelelanga lutho.


Ngokuba kulezi zinsuku ezedlule, kwasuka uThewuda wazenza umuntu omkhulu; waba nabalandeli, amadoda angaba ngama-400. Wabulawa, kwathi bonke abamlalelayo, bahlakazeka baphela nya.


Lapho bebona umusa engiwuphiweyo, uJakobe, noKhefase, noJohane: labo ababaziwa ngokuthi bayizinsika, banginika mina noBharnabha isandla sokunene sobudlelwano, ukuba thina sisebenze kwabezizwe, kodwa bona basebenze kwabasokileyo,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite