Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseGalathiya 6:14 - IsiZulu 2020

14 Kepha mina makungabi bikho lutho olunye engizincoma ngalo, ngaphandle kwesiphambano seNkosi yethu uJesu Khristu, okungaye izwe selabethelwa kimi, nami kulo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Kepha kimi makungabikho nakanye ukuzibonga, kuphela ngesiphambano seNkosi yethu uJesu Kristu, okubethelwe ngaye izwe kimi nami kulo izwe.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

14 Kepha mangingazibonga mina, kuphela ngesiphambano seNkosi yethu uJesu Kristu, okubethelwe ngaye izwe kimi, nami ezweni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Kepha mangingazibonga mina, kuphela ngesiphambano seNkosi yethu uJesu Kristu, okubethelwe ngaye izwe kimi, nami ezweni.

Gade chapit la Kopi




KwabaseGalathiya 6:14
37 Referans Kwoze  

Sazi lokhu ukuthi umuntu wethu omdala wabethelwa kanye naye esiphambanweni, ukuze umzimba wesono wenziwe ize, singabe sisakhonza isono,


Ngiyaphila, kodwa akuseyimi ophilayo, kepha uKhristu ophila kimi, ngakho-ke ukuphila engikuphilayo manje enyameni, ngikuphila ngokukholwa yiNdodana kaNkulunkulu eyangithanda, yazinikela ngenxa yami.


Ngokuba nganquma ukuthi angiyukukwazi okunye kini, kuphela uJesu Khristu, lowo obethelwe esiphambanweni.


Ngokuba singabasokile thina esikhonza ngoMoya kaNkulunkulu, sizigqaja kuKhristu uJesu, asilibekile ithemba lethu enyameni,


Ngokuba anginamahloni ngevangeli, ngokuba lingamandla kaNkulunkulu, kube yinsindiso kulowo nalowo okholwayo, kumJuda kuqala, nakumGriki;


Kepha abakaKhristu bayibethele imvelo eyonakeleyo nokuhuheka nezinkanuko zayo.


Ngakho-ke makungabi bikho kini ozigabisayo kubantu, ngokuba konke kungokwenu,


Ngakho-ke bazalwane bami abathandekayo, yibani ngabagxilileyo, abangaxegiyo, abavame njalo emsebenzini weNkosi, nazi ukuthi ukusebenza kwenu akusilo ize eNkosini.


labo abethembela engcebeni yabo, baqhoshe ngobuningi bomcebo wabo na?


“Ndodana yomuntu, yisho kumbusi waseThire, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “ ‘ “Uqhoshile enhliziyweni yakho, wathi: “ ‘ “Ngingunkulunkulu, ngihlala esihlalweni sonkulunkulu, phakathi olwandle.” “ ‘Ingani wena ungumuntu nje, awusiye unkulunkulu, nakuba wenze inhliziyo yakho yaba njengekankulunkulu.


owazinikela ngenxa yezono zethu ukuze asisindise kulesi sikhathi samanje esibi ngokwentando kaNkulunkulu uBaba wethu.


Kodwa thina sishumayela uKhristu obethelwe esiphambanweni, isikhubekiso kubaJuda nobuwula kwabezizwe.


Phinde, neze. Thina esafa maqondana nesono singabuye siphile kanjani kuso na?


Kepha engikwenzayo ngizoqhubeka ngikwenze, ukuze ngibancishe ithuba labo abafuna ithuba lokuba babonakale kungathi bayalingana nathi ngalokho abazincoma ngakho.


We siqhwaga, uziqhayiselani ngokubi na? Umusa kaNkulunkulu umi njalo.


Uzakuza, ababhubhise labo balimi, isivini asiqashise kwabanye.” Kuthe bekuzwa lokho bathi: “Qha, makungenzeki kanjalo.”


“Kepha manje, uma nathi sifuna ukulungisisiswa ngoKhristu, safunyanwa nathi siyizoni, ngabe uKhristu uyisikhonzi sesono na? Akunjalo neze.


Ngokuba mina ngafa kuwo umthetho, ukuze ngiphile noNkulunkulu ngibethelwe noKhristu.


Ngabe pho umthetho umelene yini nezithembiso zikaNkulunkulu na? Phinde neze! Uma umthetho owanikezwa wawunamandla okunikeza ukuphila, ngabe salungisiswa ngawo umthetho.


Abaningi enganitshela ngabo ngiphindelela, kumanje ngisanitshela ngabo ngikhala izinyembezi, bahamba beyizitha zesiphambano sikaKhristu.


Uma nafa kanye noKhristu, nakhululwa ezimfundisweni zokucathula kwezwe, pho kungani kungathi nisaphila ngokwezwe, nithobela izimfundiso ezithi:


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite