Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseGalathiya 5:7 - IsiZulu 2020

7 Benigijima kahle, pho ngubani onithiyile ukuba ningalilandeni iqiniso na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Benigijima kahle; pho, nithiywe ngubani ukuba ningalaleli iqiniso na?

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

7 Nigijime kahle; ngubani onivimbele ukuba ningalaleli iqiniso na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Nigijime kahle; ngubani onivimbele ukuba ningalaleli iqiniso na?

Gade chapit la Kopi




KwabaseGalathiya 5:7
17 Referans Kwoze  

Anazi yini ukuthi abagijimayo bencintisana, bagijima bonke, kodwa munye othola umklomelo na? Gijimani kanjalo, ukuze niwuthole.


Maye ziwula zamaGalathiya! Niluthwe ngubani nina enachazelwa ngoJesu Khristu ebethelwe esiphambanweni, kwaba sengathi nimbona ngamehlo na?


Ngakho-ke nathi, njengalokhu sinefu elingaka lawofakazi abasihaqileyo, masilahle konke okusindayo nesono esithandela kangaka kithi, sigijime ngokubekezela kulokhu kuncintisana esikumiselweyo,


Senihlambululile imiphefumulo yenu ngokulalela iqiniso, ukuze uthando lwenu lobuzalwane lungabi nakuzenzisa; nithandane ngokuphelele, omunye nomunye, kuqubuka enhliziyweni emhlophe.


nakho konke okujulileyo okuziphakamisayo ukuze kumelane nokumazi uNkulunkulu, kepha sithumba yonke imicabango ukuze ilalele uKhristu.


Kepha kulabo okwathi ngenxa yokuzazi bona, abangalilalela iqiniso, kepha balalela ukungalungi, bayobhekana nolaka nentukuthelo.


kepha kanampande ngaphakathi; ulibamba nje okwesikhashana, kuthi lapho kufika ukuhlupheka nokuzingelwa ngenxa yezwi, akhubeke ngokushesha.


iselangabini lomlilo, ukuba ijezise labo abangamaziyo uNkulunkulu nabangalilaleli ivangeli leNkosi yethu uJesu.


Kepha makabongwe uNkulunkulu ukuthi nina enaniyizinceku zesono, senilalela ngenhliziyo indlela yemfundiso enanikelwa kuyo,


okuthe esephelelisiwe waba ngumthombo wensindiso yaphakade kubo bonke abamlalelayo.


Kepha manje esibonakalisiwe ngemibhalo yabaphrofethi, ngokomyalo kaNkulunkulu ongunaphakade, yazisiwe ezizweni zonke, kube ngukulalela kokukholwa.


ngokuba anginakuba nasibindi sokusho utho ngaphandle kwezinto uKhristu azenze ngami, kube ngukulalela kwabezizwe, ngezwi nangezenzo,


Kepha abalilalelanga bonke ivangeli. Ngokuba u-Izaya, uthi: “Nkosi, ngubani owakholwa ngumbiko wethu na?”


Ngokukholwa, u-Abhrahama walalela ebizwa ukuba aphume aye endaweni abezakuyamukeliswa, ibe yifa lakhe; waphuma engazi lapho eya khona.


Izwi likaNkulunkulu lasabalala, kwathi inani labafundi lakhula kakhulu eJerusalema, nesixuku esikhulu sabaphristi sayamukela inkolo.


Ngakhuphuka ngenxa yesambulo, ngabalandisa ivangeli engilishumayelayo phakathi kwabezizwe. Kepha lokho ngakukhuluma sesisodwa nalabo abadumileyo, funa mhlawumbe ngigijimele ize, noma sengaligijimela.


Nginethemba ngani eNkosini ukuthi aniyukucabanga ngenye indlela. Kepha noma ngabe ngubani lowo onikhathazayo, uyakuthwala ukwehlulelwa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite