Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseGalathiya 5:5 - IsiZulu 2020

5 Ngokuba thina, ngaye uMoya, silindele ithemba lokulungisiswa ngokukholwa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Ngokuba thina ngaye uMoya sihlalela ithemba lokulungisiswa ngokukholwa.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

5 Ngokuba thina ngoMoya silindele ithemba lokulunga ngokukholwa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ngokuba thina ngoMoya silindele ithemba lokulunga ngokukholwa.

Gade chapit la Kopi




KwabaseGalathiya 5:5
17 Referans Kwoze  

Ngizolindela uSimakade, umphefumulo wami uzolinda, ngiyalethemba izwi lakhe.


nilindele iNdodana yakhe ivela ezulwini, ayivusa kwabafileyo, enguJesu, osihlengayo olakeni oluzayo.


Mphefumulo wami, thula, ulindele uNkulunkulu kuphela, ngokuba ithemba lami livela kuye.


manje sengibekelwe umqhele wokulunga eyakungipha wona ngalolo lusuku iNkosi, umehluleli olungileyo, kungeyimi ngedwa, kodwa bonke abakuthandile ukubonakala kwayo.


silindele ithemba elibusisiweyo nokubonakala kwenkazimulo kaNkulunkulu omkhulu noMsindisi wethu uJesu Khristu,


ngifunyanwe kuye ngingenakho ukulunga okungokomthetho, kodwa lokho okuvela ngokukholwa nguKhristu, ngisho ukulunga okuvela kuNkulunkulu ngokukholwa,


Nkulunkulu, ngiyilindele ngokulangazelela insindiso yakho.


ukuze njengalokhu isono sabusa ngokufa, kanjalo nomusa ubuse ngokulunga, kube ngukuphila okuphakade ngoJesu Khristu iNkosi yethu.


Kodwa kufanele wena ubuyele kuNkulunkulu wakho, ube nokwethembeka nobuqotho, ulindele uNkulunkulu wakho njalo.


Ngiholele eqinisweni lakho, ungifundise, ngokuba Wena unguNkulunkulu wensindiso yami; ngethembele kuwe njalo.


Sengathi iNkosi ingaziqondisa izinhliziyo zenu othandweni lukaNkulunkulu nasekubekezeleni kukaKhristu.


Ngokuba ngaye sinokungena sobabili ngoMoya munye kuBaba.


Impela, akuyukujabha noyedwa kwabathembele kuwe; mabajabhe labo abaphambuka ngeze.


ukuze ningasesweli nesisodwa nje isiphiwo somusa, njengokuba nikulindele ngokushisekela ukwambulwa kweNkosi yethu uJesu Khristu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite