Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseGalathiya 5:3 - IsiZulu 2020

3 Ngiyaphinda ngiyafakaza kubantu bonke ukuthi osokayo uphoqelekile ukuba awufeze wonke umthetho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ngiyaphinda ngiqinisa kumuntu wonke osokayo ukuthi unecala lokugcina umthetho wonke.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

3 Ngokuba ngiyaphinda ngiyafakaza kumuntu wonke osokayo ukuthi unecala lokwenza umthetho wonke.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngokuba ngiyaphinda ngiyafakaza kumuntu wonke osokayo ukuthi unecala lokwenza umthetho wonke.

Gade chapit la Kopi




KwabaseGalathiya 5:3
19 Referans Kwoze  

Ngokuba bonke abayeme emisebenzini yomthetho, baphansi kwesiqalekiso, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Baqalekisiwe bonke abangabambeleli, bakwenze konke njalo okulotshwe encwadini yomthetho.”


Ngokuba ukusoka kuyasiza uma uwugcina umthetho, kodwa uma uyisephulamthetho, ngokusoka kwakho ufana nongasokile.


“ ‘Makaqalekiswe ongawagcini amazwi alo mthetho, ukuba awenze.’ “Bonke abantu bayothi: ‘Amen.’ ”


Ngakho-ke ngiyafakaza eNkosini, ngithi ningabe nisahamba njengalokhu kuhamba abezizwe ngobuze bengqondo yabo,


Kuyothi lapho sebehlelwe yizinhlekelele nezinhlupheko eziningi, leli hubo liyoba ngufakazi omelene nabo, ngokuba aliyukukhohlakala emilonyeni yozalo lwabo, lokhu ngiyayazi imicabango yabo abayicabangayo namhlanje, ngaphambi kokuba ngibangenise ezweni engafunga ngalo kubo.”


“Ngiyanexwayisa namuhla ukuthi uma nje nike namkhohlwa uSimakade uNkulunkulu wenu, nalandela abanye onkulunkulu, nabakhonza, nakhuleka kubo, niyakubhubha nokubhubha.


Nibuye nithi: ‘Yilowo ofunga i-althare akulutho lokho, kodwa ofunga umnikelo ophezu kwalo uzibophile.’


Thina sibonile, futhi siyafakaza ukuthi uYise wayithuma iNdodana ukuba ibe nguMsindisi wezwe.


ukuze kungabi bikho noyedwa owonayo ngalokhu, aphambe umfowabo; ngokuba iNkosi ingumphindiseli kukho konke lokho, njengokuba sanitshela phambilini, futhi sagcizelela.


Ngifakaza kubaJuda nakumaGriki ukuba baphendukele kuNkulunkulu nokuba bakholwe yiNkosi yethu uJesu.


Wafakaza nangamanye amazwi amaningi, ebancenga ethi: “Zisindiseni kulesi sizukulwane esonakeleyo.”


ngokuba nginabafowethu abayisihlanu, ukuze abaxwayise, funa nabo beze kule ndawo yobuhlungu.’


“Maye, kini baholi abayizimpumputhe, enithi: ‘Umuntu ofunga ithempeli akusho lutho lokho, kodwa lowo ofunga igolide lasethempelini uzibophile!’


Amakhosi ethu, abaholi bethu, abaphristi nokhokho abawugcinanga umthetho wakho; abayinakanga imiyalelo yakho nalapho ubaxwayisa.


Kwehla abathile bevela eJudiya, bafundisa abazalwane ukuthi: “Uma ningasokwa ngomthetho kaMose, ningesindiswe.”


Mina Pawula ngithi kini: uma nisoka, uKhristu akanalusizo lwalutho kini.


KuKhristu ukusoka nokungasoki akusho lutho, kodwa ukukholwa okuvezwa wuthando.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite