Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseGalathiya 5:24 - IsiZulu 2020

24 Kepha abakaKhristu bayibethele imvelo eyonakeleyo nokuhuheka nezinkanuko zayo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 Kepha abakaKristu Jesu babethele esiphambanweni inyama kanye nokuhuheka nezinkanuko.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

24 AbakaKristu babethele esiphambanweni inyama kanye nokuhuheka nezinkanuko.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

24 AbakaKristu babethele esiphambanweni inyama kanye nokuhuheka nezinkanuko.

Gade chapit la Kopi




KwabaseGalathiya 5:24
20 Referans Kwoze  

Sazi lokhu ukuthi umuntu wethu omdala wabethelwa kanye naye esiphambanweni, ukuze umzimba wesono wenziwe ize, singabe sisakhonza isono,


Kepha yembathani iNkosi uJesu Khristu, ninganakekeli inyama yenu, kuvuswe izinkanuko.


Ngokuba uma nihamba ngokwenyama, nizakufa noma kanjani, kodwa uma nibulala imisebenzi yomzimba ngoMoya, nizakuphila.


Kepha nina anibuswa yinyama yemvelo, kodwa nikuye uMoya, inqobo nje uma uMoya kaNkulunkulu ehlala kini. Kepha uma umuntu engenaye uMoya kaKhristu, lowo kasiye owakhe.


Kepha mina makungabi bikho lutho olunye engizincoma ngalo, ngaphandle kwesiphambano seNkosi yethu uJesu Khristu, okungaye izwe selabethelwa kimi, nami kulo.


Bathandekayo, ngiyanincenga njengabafokazi nezihambi ukuba nidede ezinkanukweni zenyama ezilwa nomphefumulo.


Nina-ke ningabakaKhristu, uKhristu ungokaNkulunkulu.


Ake nibheke nje lokhu okuphambi kwenu. Uma umuntu ezazi kahle ukuthi ungokaKhristu, makakuqonde lokhu ngokwakhe ukuthi njengokuba yena engokaKhristu, nathi sinjalo.


Kepha uma ningabakaKhristu, seningabolibo luka-Abhrahama, niyizindlalifa ngokwesithembiso.


Kepha yilowo nalowo ngokwesigaba sakhe: uKhristu kuqala, bese kuba ngabakaKhristu ekubuyeni kwakhe,


ukukhonza izithombe, ukuthakatha, ubutha, ukulwa, umona, ulaka, ubugovu, ukwehlukana, ukuba maqembuqembu,


Ukudla kungokwesisu, nesisu singesokudla, kodwa uNkulunkulu uyakushabalalisa kokubili. Umzimba akusiwo owobufebe, ungoweNkosi, neNkosi ingeyomzimba.


Ngiyaphila, kodwa akuseyimi ophilayo, kepha uKhristu ophila kimi, ngakho-ke ukuphila engikuphilayo manje enyameni, ngikuphila ngokukholwa yiNdodana kaNkulunkulu eyangithanda, yazinikela ngenxa yami.


Ngokuba nonke ningabantwana bakaNkulunkulu ngokukholwa kuJesu Khristu.


Akusekho mJuda namGriki, oboshiweyo nokhululekileyo; akusekho owesilisa nowesifazane, ngokuba nonke nimunye kuKhristu uJesu.


Ngenxa yalokho, mina Pawula ngiyisiboshwa sikaKhristu uJesu ngenxa yenu, nina bezizwe.


ukuthi abezizwe bayizindlalifa kanye nathi, bamzimba munye nathi, nokuthi bangabahlanganyeli besithembiso kanye nathi kuKhristu uJesu ngevangeli;


ngokwecebo laphakade alenzayo ngoKhristu uJesu iNkosi yethu;


enasokelwa kuye, hhayi ngokusoka okwenziwa ngezandla ngokukhumula umzimba wenyama, kodwa ngokusoka kukaKhristu;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite