Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseGalathiya 5:19 - IsiZulu 2020

19 Imisebenzi yemvelo eyonakeleyo isobala, yilena: ubufebe, ukungcola, amanyala,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Kepha imisebenzi yenyama isobala, engukuthi: ubufebe, nokungcola, namanyala,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

19 Kepha imisebenzi yenyama isobala, okuyiyona; ubufebe, ubufebe, ukungcola, ubufebe,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Kepha imisebenzi yenyama isobala, okuyiyona; ubufebe, ubufebe, ukungcola, ubufebe,

Gade chapit la Kopi




KwabaseGalathiya 5:19
30 Referans Kwoze  

“Kepha amagwala, abangakholwayo, abanengekayo, ababulali, izifebe, abathakathi, abakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabuli; lokho-ke ngukufa kwesibili.”


Ohlwanyela imisebenzi yakhe yemvelo eyonakeleyo, uyakuvuna ukubhubha kuyo imvelo eyonakeleyo; kodwa ohlwanyela kuMoya, uyakuvuna ukuphila okuphakade kuMoya.


Ngokuba nathi kade sasiyiziwula, singalaleli, sidukiswa, siyizigqila zezinkanuko nokutamasa okunhlobonhlobo, siphila ebubini, sinomona, sizondwa futhi sizondana.


ngokuba niphila ngokwenkambiso yabantu. Uma nje kusekhona kini umhawu nokuphikisana, anisibo yini abenyama? Anihambisi yini okwabantu na?


Ngokuba uma nihamba ngokwenyama, nizakufa noma kanjani, kodwa uma nibulala imisebenzi yomzimba ngoMoya, nizakuphila.


Ngokuba abokwenyama banaka okwenyama, kepha abakaMoya banaka okukaMoya.


Ngaphandle kukhona izinja, abathakathi, izifebe, ababulali, abakhonza izithombe, nabo bonke abathanda nabenza amanga.


Ngakho-ke balekelani ubufebe. Zonke izono umuntu azenzayo zenzeka ngaphandle komzimba, kodwa ofebayo ungcolisa owakhe umzimba.


Ngokuba imvelo eyonakeleyo ikhanuka okuphambene noMoya, noMoya okuphambene nemvelo eyonakeleyo. Lezi zinto ziyamelana, ukuze ningakwenzi lokho enikufisayo.


Ngokuba nina bazalwane nabizelwa enkululekweni, ningayisebenzisi-ke inkululeko njengezaba zokwenza imisebenzi yenyama, kodwa khonzanani ngothando.


Kepha nina anibuswa yinyama yemvelo, kodwa nikuye uMoya, inqobo nje uma uMoya kaNkulunkulu ehlala kini. Kepha uma umuntu engenaye uMoya kaKhristu, lowo kasiye owakhe.


Ngokuba ngiyazi ukuthi kimi, okungukuthi emzimbeni wami, akuhlali lutho oluhle, ngokuba ukuthanda ukwenza okulungileyo kukhona kimi, kodwa ukwenza okuhle akukho.


Ngokuba sisesenyameni, izinkanuko zezono ezavela ngomthetho, zasebenza ezithweni zethu ukuze zithele izithelo zokufa.


Lokho okuzelwe ngokwenyama kuyinyama; nalokho okuzelwe nguMoya, kungumoya.


Angenzi njengabantu abaningi, ngokuba ngithobela izwi lakho, ngiyazigwema izindlela zezidlova.


Phela lokho okwakwehlula umthetho, ngokuba inyama yemvelo iwuthene amandla, uNkulunkulu wakwenza ngokuthumela iNdodana yakhe inesimo somzimba wesono, ukuze ibhekane ngqo nesono, sinqotshwe isono enyameni,


Kepha makabongwe uNkulunkulu ngoJesu Khristu iNkosi yethu. Ngakho-ke mina ngokwami ngikhonza umthetho kaNkulunkulu ngengqondo, kodwa umthetho wesono ngomzimba.


Ukuganana makuhlonishwe yibo bonke, umbhede mawungangcoliswa, ngokuba uNkulunkulu uyakuzehlulela izifebe nabaphingayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite