Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseGalathiya 5:17 - IsiZulu 2020

17 Ngokuba imvelo eyonakeleyo ikhanuka okuphambene noMoya, noMoya okuphambene nemvelo eyonakeleyo. Lezi zinto ziyamelana, ukuze ningakwenzi lokho enikufisayo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Ngokuba inyama ikhanuka okuphambene noMoya, kepha uMoya ukhanuka okuphambene nenyama; ngokuba lezi zinto ziyamelana, ukuze ningenzi lokho enikuthandayo.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

17 Ngokuba inyama ikhanuka okuphambene noMoya, noMoya ukhanuka okuphambene nenyama; lezi zinto ziphambene, ukuze ningenzi enikuthandayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Ngokuba inyama ikhanuka okuphambene noMoya, noMoya ukhanuka okuphambene nenyama; lezi zinto ziphambene, ukuze ningenzi enikuthandayo.

Gade chapit la Kopi




KwabaseGalathiya 5:17
35 Referans Kwoze  

Ngokuba uma nihamba ngokwenyama, nizakufa noma kanjani, kodwa uma nibulala imisebenzi yomzimba ngoMoya, nizakuphila.


Lokho okuzelwe ngokwenyama kuyinyama; nalokho okuzelwe nguMoya, kungumoya.


Lindani, nikhuleke ukuze ningangeni ekulingweni; umoya uyavuma, kodwa umzimba ubuthakathaka.”


Umphefumulo wami waphukile, ngokuba ngihlala ngilangazelela izehlulelo zakho.


Impela emhlabeni akekho umuntu owenza okulungile kodwa, ongoni ngalutho.


Ngiyakugijima ngendlela yemiyalo yakho, ngokuba uyakungivumela ukuba ngenze kanjalo.


Ngokuba sonke siyakhubeka ngezindlela eziningi. Uma umuntu engakhubeki ngezwi alikhulumayo, lowo ungophelele impela, umuntu okwazi ukubamba umzimba wakhe wonke ngokungathi ngetomu.


Kepha uJesu waphenduka wathi kuPhethro: “Buyela emuva kwami, Sathane; uyisikhubekiso kimi, ngokuba awukuqondi okukaNkulunkulu, kepha okwabantu.”


Wathi kubo: “Nilaleleni na? Vukani nikhuleke ukuba ningangeni ekulingweni.”


“Ongahambisani nami, umelene nami; ongaqoqi nami, uyahlakaza.


Ngabe pho umthetho umelene yini nezithembiso zikaNkulunkulu na? Phinde neze! Uma umthetho owanikezwa wawunamandla okunikeza ukuphila, ngabe salungisiswa ngawo umthetho.


Kepha wathi kuye: “Nkosi, ngikulungele ukuya nawe ejele nasekufeni.”


UJesu waphendula, wathi kuye: “Ubusisiwe wena Simoni kaJona, ngokuba inyama negazi akukwambulelanga lokhu, kodwa uBaba osezulwini.


Babusisiwe abalambele, bomele ukulunga, ngokuba bayakusuthiswa.


Ngase ngithi: “Maye kimi! Ngokuba ngiphelile, lokhu ngingumuntu ondebe zakhe zingcolile, futhi ngihleli phakathi kwabantu abazindebe zabo zingcolile. Ngokuba amehlo ami ayibonile iNkosi uSimakade Wamabandla.”


Uma Wena Simakade ungaqaphela iziphambeko, Nkosi, ngubani ongema na?


Ngiduka njengemvu elahlekileyo; funa inceku yakho, ngokuba angiyikhohlwa imiyalo yakho.


Bheka ukuthi ngizithanda kangakanani iziyalezo zakho, Simakade; ngiphilise ngokomusa wakho.


Izinyathelo zami ziqinise ezwini lakho; mangingabuswa nayinye inkohlakalo.


Ngilangazelela iziyalezo zakho; ngokulunga kwakho ngiphilise.


Ngihambise endleleni yemiyalo yakho, ngokuba ngiyathokoza ngayo.


Iziphambeko zingigabhile, uyazithethelela iziphambeko zethu.


USimakade wathi: “UMoya wami awuyukuhlala phakathi kwabantu kuze kube phakade, ngoba bayinyama nje. Iminyaka yabo yokuphila isizoba yi-120.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite