Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseGalathiya 5:10 - IsiZulu 2020

10 Nginethemba ngani eNkosini ukuthi aniyukucabanga ngenye indlela. Kepha noma ngabe ngubani lowo onikhathazayo, uyakuthwala ukwehlulelwa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Nginethemba ngani eNkosini ukuthi aniyikuba nawo omunye umqondo; kepha onikhathazayo uyakuthwala ukwahlulelwa kwakhe, noma engubani.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

10 Ngilethemba ngani eNkosini, ukuthi aniyikucabanga ngenye indlela;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Ngilethemba ngani eNkosini, ukuthi aniyikucabanga ngenye indlela;

Gade chapit la Kopi




KwabaseGalathiya 5:10
28 Referans Kwoze  

Sengathi bangazithena bona labo abanihluphayo.


Thina sonke esipheleleyo masibe nokuqonda okunjalo. Kepha uma kwenzeka niba nokuqonda okwehlukileyo, nalokho uNkulunkulu uyakunambulela khona,


Kungeyikho ukuthi ngelinye nje, kodwa kukhona abanididayo, beqonde ukuhlanekezela ivangeli likaKhristu.


Ngilobe lezi zinto, ukuze kuthi uma ngifika, ngingezwiswa ubuhlungu yilabo obekufanele ngithokoze ngabo. Nginesibindi ngani nonke ukuthi ukuthokoza kwami kungokwenu nonke.


kulabo kukhona uHimenewu no-Aleksandru, engibanikele kuSathane, ukuze bayalwe ukuba bangahlambalazi.


Kusukela manje, mangingabe ngisakhathazwa muntu, ngokuba ngithwele emzimbeni wami izimpawu zikaJesu.


Bakhombisa intshisekelo ngani engenabuhle, bafuna ukunahlukanisa nami ukuze nihungeke nilandele bona.


Maye ziwula zamaGalathiya! Niluthwe ngubani nina enachazelwa ngoJesu Khristu ebethelwe esiphambanweni, kwaba sengathi nimbona ngamehlo na?


Kodwa kulabo abacabanga ukuthi bawutho, nokuthi babe yini, kwakungelutho lokho kimi, ngokuba uNkulunkulu akakhethi buso bamuntu, ngokuba kimi labo abazibona beqavile, abanezelelanga lutho.


Kukhona abazalwane mbumbulu abangena isinyenyela bezokuba yizinhloli zenkululeko esinayo kuKhristu uJesu, ukuze basenze izigqila.


Sihlala sikulungele ukujezisa konke ukungalaleli lapho ukulalela kwenu sekuphelele.


ukuba lowo muntu anikelwe kuSathane, kubhujiswe umzimba, ukuze kusindiswe umoya wakhe ngosuku lweNkosi uJesu.


Sizwile ukuthi abanye abavela kithi banikhathaze ngamazwi, balimaza imiphefumulo yenu, esingabathumanga ukuba bakwenze.


Ngikulobela lokhu ngoba ngineqiniso lokuthi uzongilalela, ngiyazi futhi ukuthi engikushilo ngenhla uzokwenza.


Sinesibindi eNkosini ngani ukuthi lokhu esiniyala ngakho niyakukwenza, nokuthi nizakuqhubeka nikwenze.


ngifisa sengathi ngabe nginani manje, ukuze lishintshe iphimbo lokukhuluma kwami, ngenxa yokuba ngikhathazekile kakhulu ngani.


Nginovalo ngani, funa ngikhandlekele ize ngenxa yenu.


Ngalokho, ngiloba lezi zinto ngingekho, ukuze kuthi uma sengifikile nginganiphathi ngesandla esiqinileyo, ngokwegunya iNkosi eyanginika lona, lokuba ngakhe, ngingabhidlizi.


Ngiyacela manje ukuba uma nginani kungadingeki ukuba ngibonise isibindi ngokubaqonda ngqo labo abathi sihamba ngokwenyama.


Sithumele kanye nabo umzalwane wethu esimfumene kaningi ekhuthele ezintweni eziningi, manje-ke ukhuthele kakhulu ngenxa yokunethemba kwakhe okukhulu.


Ngiyathokoza, ngokuba kukho konke nginesibindi kini.


Kanjalo thina kusukela manje, asisazi muntu ngokwenyama; nakuba besimazi uKhristu ngokwenyama, nokho manje asisamazi.


Kumfanele onjalo ukuba ajeziswe ngalokho ngabaningi,


Ngenxa yaleli themba, ngahlela ukuba ngize kini kuqala, ukuze nithole umusa ngokuphindiwe, ngokunivakashela kwami;


Benigijima kahle, pho ngubani onithiyile ukuba ningalilandeni iqiniso na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite