Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseGalathiya 4:9 - IsiZulu 2020

9 Lokhu manje seniyamazi uNkulunkulu noma seniyaziwa nguNkulunkulu, kungani pho seniphindela ezintweni ezingelutho, senifuna futhi ukuba yizigqila zazo na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 kepha manje, njengalokhu senimazi uNkulunkulu, yebo, phezu kwalokho, niyaziwa nguNkulunkulu, kukanjani ukuba nibuyele ezifundisweni zobungane ezilulana nezingelutho, enithanda ukuphinda nibe yizigqila zazo na?

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

9 Kepha manje lokhu senimazi uNkulunkulu, noma kunalokho naziwa nguNkulunkulu, senibuyela kanjani ezimisweni ezibuthakathaka neziwubala, enithanda ukubuye nibe yizigqila zazo na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Kepha manje lokhu senimazi uNkulunkulu, noma kunalokho naziwa nguNkulunkulu, senibuyela kanjani ezimisweni ezibuthakathaka neziwubala, enithanda ukubuye nibe yizigqila zazo na?

Gade chapit la Kopi




KwabaseGalathiya 4:9
30 Referans Kwoze  

Kepha uma umuntu ethanda uNkulunkulu, lowo-ke uyaziwa nguye.


Nilutheke kangako yini ukuba nithi niqale kuMoya, kodwa senigcina ngemisebenzi yenyama na?


Phela lokho okwakwehlula umthetho, ngokuba inyama yemvelo iwuthene amandla, uNkulunkulu wakwenza ngokuthumela iNdodana yakhe inesimo somzimba wesono, ukuze ibhekane ngqo nesono, sinqotshwe isono enyameni,


Kepha siyazi ukuthi iNdodana kaNkulunkulu isifikile, yasinika ukuqonda namandla ukuze simazi oyiqiniso. Sikuye oweqiniso, iNdodana yakhe, uJesu Khristu. Lo nguNkulunkulu weqiniso nokuphila okuphakade.


“Wena Solomoni, ndodana yami, mazi uNkulunkulu kayihlo, umkhonze ngenhliziyo epheleleyo nangomphefumulo ovumayo, ngokuba uSimakade uhlola zonke izinhliziyo, uqonda zonke izizindlo zemicabango. Uma umfuna, uyakufunyanwa nguye, kodwa uma umshiya uyakukulahla kuze kube phakade.


Ngokuba lapho sebephunyukile ekungcoleni kwaleli lizwe ngokwazi iNkosi yethu noMsindisi uJesu Khristu kodwa baphinde babanjwa yikho, kwabehlula, futhi isiphetho sabo sibasibi kakhulu kunesiqalo.


Kukhona ngakolunye uhlangothi ukwesulwa komthetho wokuqala ngenxa yokuba ubuthakathaka, futhi ungasizi ngalutho,


Nokho isisekelo esiqinileyo sikaNkulunkulu simi siqinile, sinalolu phawu oluthi: “INkosi iyabazi abangabayo,” nokuthi: “Yilowo nalowo ophatha igama likaKhristu makadede kukho ukungalungi.”


ukuba uNkulunkulu weNkosi yethu uJesu Khristu, uYise wenkazimulo, aniphe umoya wokuhlakanipha nokwambulelwa, ukuze nimazi kangcono Yena,


Ngokuba nguNkulunkulu owathi: “Akuvele ukukhanya ebumnyameni kukhanye,” nguYena owakhanyisa ezinhliziyweni zethu ukuze zikhanyelwe wulwazi lwenkazimulo kaNkulunkulu ebusweni bukaKhristu.


Ngokuba manje sibona esibukweni kalufifi, kepha lapho sobukana ubuso nobuso, ngokuba manje ngazi ingxenye, kepha lapho ngiyokwaziwa ngokupheleleyo, njengokuba bengaziwa ngokupheleleyo.


USimakade wathi kuMose: “Ngizokwenza nalokho okucelileyo, ngokuba ufumene umusa emehlweni ami, futhi ngikwazi ngegama.”


Ngokuba labo ayebazi phambilini, wabamisa kwaphambilini ukuba bafane nesimo seNdodana yakhe, ukuze yona ibe yizibulo kubazalwane abaningi;


Ukuphila okuphakade yilokhu ukuba bazi Wena wedwa, Nkulunkulu oqinisileyo, nomthumileyo, uJesu Khristu.


Izimvu zami ziyalizwa iphimbo lami; ngiyazazi, ziyangilandela.


“Mina ngingumelusi omuhle. Ngiyazazi ezami, nezami ziyangazi,


“Konke ngikunikwe nguBaba. Akekho owazi iNdodana, kuphela uYise, futhi akekho owazi uYise, kuphela iNdodana, nalowo iNdodana ethanda ukumambulela.


Ngokuba umhlaba uyakugcwala ukwazi inkazimulo kaSimakade, njengamanzi esibekela ulwadle.


Abasayukufundisana, kube yilowo nalowo afundise umakhelwane wakhe, noma umfowabo, athi: ‘Yazi uSimakade,’ ngokuba bonke bayakungazi, kusukela kwabancane kuya kwabadala,” kusho uSimakade, “ngokuba ngiyakubathethelela ububi babo, nesono sabo angisayukusikhumbula.”


khona uyakuqonda ukuthi kuyini ukumesaba uSimakade, uthole ulwazi ngoNkulunkulu.


Abalaziyo igama lakho bethembela kuwe; Simakade awubalahli labo abakufunayo.


Ngokuba uSimakade uyayazi indlela yabalungileyo, kepha indlela yababi iyakubhujiswa.


mawuzwe Wena usezulwini, indawo yakho ohlala kuyo, wenze njengakho konke owezizwe akucelile kuwe, ukuze bonke abantu bomhlaba balazi igama lakho, bakwesabe Wena njengabantu bakho, u-Israyeli, baze bazi ukuthi igama lakho libiziwe phezu kwale ndlu engiyakhileyo.


Phaphamani, niziphathe kahle, yekani ukona, ngokuba abanye kabamazi uNkulunkulu; lokhu ngikusho ukuze nibe namahloni.


ngokuba niyakubekezela uma umuntu enenza izigqila, enichutha, enibamba, ezikhukhumeza, nalapho enimukula ebusweni.


Nathi ngokunjalo, siseyizingane, sasiyizigqila phansi kwezimfundiso zomhlaba.


Kepha iwayini elisha lithelwa ezimvabeni ezintsha.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite