Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseGalathiya 4:25 - IsiZulu 2020

25 UHagari manje uyintaba iSinayi ese-Arabhiya, efanayo neJerusalema manje, ngokuba lisebugqileni nabantwana balo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 Kepha uHagari lo uyintaba yaseSinayi e-Arabiya, eqondene neJerusalema lakalokhu, ngokuba lisebugqileni nabantwana balo.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

25 Ngokuba u-Agari lo uyintaba yaseSinayi e-Arabiya, imelela iJerusalema elikhona manje, lisebugqileni kanye nabantwana bayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Ngokuba u-Agari lo uyintaba yaseSinayi e-Arabiya, imelela iJerusalema elikhona manje, lisebugqileni kanye nabantwana bayo.

Gade chapit la Kopi




KwabaseGalathiya 4:25
12 Referans Kwoze  

Ngokuba anizanga entabeni ethintekayo nevutha umlilo, nasekufiphaleni, nasebumnyameni, nasesivunguvungwini,


Angenyukelanga ngisho naseJerusalema kubaphostoli ababephambi kwami, kodwa ngaya e-Arabhiya ngase ngibuyela eDamaseku.


athi: “Madoda aseGalile, nimeleni nigqolozele ezulwini na? UJesu lo, osuswe kini wenyuselwa ezulwini, uyakubuya kanjalo, njengalokhu nimbonile eya ezulwini.”


Zikuqumbe phansi othulini, wena nabantu abanawe; aziyukushiya litshe phezu kwelinye phakathi kwakho. Ngokuba awusazanga isikhathi sokuhanjelwa kwakho.”


“Jerusalema! Jerusalema! Wena obulala abaphrofethi, ukhande ngamatshe labo abathunyelwe kuwe, kukaningi ngilangazelela ukuqoqa abantu bakho njengesikhukhukazi sikhoselise amachwane aso phansi kwamaphiko aso, kodwa anivumanga.


“Jerusalema, Jerusalema, wena obulala abaphrofethi, ubakhande ngamatshe labo abathunyelwe kuwe, kukaningi kangakanani ngilangazelela ukuqoqa abantwana bakho, ngibakhusele phansi kwamaphiko njengesikhukhukazi sikhusele amachwane aso phansi kwamaphiko aso, kodwa anivumanga.


Izinqola zempi zikaNkulunkulu ezinamandla eziyizinkulungwane ezingamashumi amabili, izinkulungwane ngezinkulungwane iNkosi iphakathi kwazo, iSinayi isendaweni engcwele.


umhlaba wazamazama, izulu laconsa phambi kukaNkulunkulu, neSinayi yazamazama phambi kukaNkulunkulu, uNkulunkulu ka-Israyeli.


Izintaba zathuthumela phambi kukaSimakade waseSinayi, phambi kukaSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli.


wathi: “USimakade weza evela eSinayi, wabakhanyisela evela eSeyiri, wakhazimula entabeni iPharanu. Weza nezigidi zabangcwele; ebaphathele umthetho ovuthayo esandleni sakhe sokunene.


Lokhu kungukufanekisa nje, ngokuba laba bayizivumelwano ezimbili. Esinye ngesasentabeni iSinayi esiletha ubugqila, esinguHagari.


Kepha iJerusalema eliphezulu likhululekile, lingumama wethu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite