Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseGalathiya 4:18 - IsiZulu 2020

18 Kepha kuhle ukuba nentshisekelo ngokuhle, kodwa makungabi nxa ngikhona kini kuphela.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Kepha kuhle ukushisekelelwa ngento enhle njalonjalo, kungabi nxa ngikhona kini kuphela,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

18 Kodwa kuhle ukutshiseka entweni enhle njalonjalo, kungabi nxa ngilani kuphela.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Kodwa kuhle ukutshiseka entweni enhle njalonjalo, kungabi nxa ngilani kuphela.

Gade chapit la Kopi




KwabaseGalathiya 4:18
13 Referans Kwoze  

Ngakho-ke bathandekayo bami, njengalokhu nalalela ngezikhathi zonke, hhayi nje uma ngikhona, kodwa ikakhulu manje njengokuba ngingekho; fezani ukusindiswa kwenu ngokwesaba nangokuthuthumela.


“ ‘Bonke engibathandayo ngiyabasola, ngibayale. Ngakho-ke yiba ngoshisayo, uphenduke.


owazinikela ngenxa yethu, ukuze asihlenge ebubini bonke, azihlambululele isizwe esingesakhe, esinokushisekela imisebenzi emihle.


Okubalulekile, hambani ngokufanele ivangeli likaKhristu, ukuze kuthi noma ngiza ukuzonibona noma ngizwa ngani ngingekho, ngizwe ukuthi nimi niqinile emoyeni munye, nangomphefumulo munye; nilwela inkolo yevangeli.


Niyazi ukuthi ngenxa yokuba buthaka enyameni, ngashumayela ivangeli kini okokuqala,


Ngakho-ke bazalwane bami abathandekayo, yibani ngabagxilileyo, abangaxegiyo, abavame njalo emsebenzini weNkosi, nazi ukuthi ukusebenza kwenu akusilo ize eNkosini.


Ukushisekela kwami kungidlile, ngokuba izitha zami zikhohliwe ngamazwi akho.


Abafundi bakhe bakhumbula ukuthi kulotshwe ukuthi: “Ukushisekela indlu yakho kuyakungidla.”


Wembatha ukulunga njengebhantshi lensimbi, nesigqoko sensindiso ekhanda lakhe; wagqoka izingubo zokuphindisela zaba ngezokwembatha; wazisonga ngokushisekela njengengubo.


Ngokuba ukushisekela indlu yakho kungidlile, izinhlamba zabakuthukayo zehlele phezu kwami.


ngifisa sengathi ngabe nginani manje, ukuze lishintshe iphimbo lokukhuluma kwami, ngenxa yokuba ngikhathazekile kakhulu ngani.


Bakhombisa intshisekelo ngani engenabuhle, bafuna ukunahlukanisa nami ukuze nihungeke nilandele bona.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite