Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseGalathiya 4:14 - IsiZulu 2020

14 nanxa ubuthaka bami babuyijoka kini, kodwa anizange ningicunukele noma ningenyanye. Nangamukela ngokungathi ngiyingelosi kaNkulunkulu, kwangathi nginguKhristu uqobo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 nokulingwa kwenu ngenyama yami anikudelelanga, aninengwanga yikho, kodwa nangamukela ngokungathi ngiyingelosi kaNkulunkulu, ngokungathi nginguKristu Jesu.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

14 Ukulingwa kwami okwakusenyameni yami anikudelelanga, anikuyekanga; kodwa nangamukela njengengelosi kaNkulunkulu, njengoKristu Jesu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Ukulingwa kwami okwakusenyameni yami anikudelelanga, anikuyekanga; kodwa nangamukela njengengelosi kaNkulunkulu, njengoKristu Jesu.

Gade chapit la Kopi




KwabaseGalathiya 4:14
23 Referans Kwoze  

“Onamukelayo nina, uyangamukela Mina; nongamukelayo Mina, wamukela ongithumileyo.


Ngenxa yalokhu, nathi sibonga uNkulunkulu singaphezi, ngokuba nithe ukulamukela izwi likaNkulunkulu enalizwa ngathi, anilamukelanga njengezwi labantu, kodwa njengoba liyizwi likaNkulunkulu isibili, elisebenza kini nina enikholwayo.


Ningakhohlwa wukuphatha kahle izihambi, ngokuba abanye benu ngokwenza kanjalo baphatha kahle izingelosi bengazi.


Singamanxusa kaKhristu ngokungathi uNkulunkulu unxusa ngathi; siyanincenga esikhundleni sikaKhristu sithi: “Buyisanani noNkulunkulu.”


Phela izindebe zomphristi kufanele zilondoloze ulwazi; abantu kumele bafune imfundiso emlonyeni wakhe, ngokuba uyisithunywa sikaSimakade Wamabandla.


Ngalolo lusuku uSimakade uyakubavikela abakhileyo eJerusalema; okhubekayo kubo ngalolo lusuku uyakuba njengoDavide, indlu kaDavide ibe njengoNkulunkulu, ifane nengelosi kaSimakade phambi kwabo.


“Iyihlebile inceku yakho enkosini yami, inkosi, kepha inkosi yami, inkosi, ifana nesithunywa sikaNkulunkulu, ngakho-ke yenza okuhle emehlweni akho.


“Yayisithi incekukazi yakho: ‘Izwi lenkosi yami, inkosi, malibe ngelokuthula, ngokuba inkosi yami, inkosi, injengengelosi kaNkulunkulu ukuba ilalele okuhle nokubi; uSimakade uNkulunkulu wakho makabe nawe.’ ”


Ngakho-ke okwalayo lokhu akali umuntu, kodwa wala uNkulunkulu, okunguYena oninika uMoya wakhe oNgcwele.


Niyazi ukuthi ngenxa yokuba buthaka enyameni, ngashumayela ivangeli kini okokuqala,


Thina siyiziwula ngenxa kaKhristu, kodwa nina nihlakaniphile kuKhristu. Thina sibuthakathaka, kepha nina ninamandla. Nina niyadunyiswa, kodwa thina siyadunyazwa.


Izinto zezwe ezibukelwa phansi, izinto ezidelelwayo, nezinto ezingekho, uNkulunkulu wazikhetha, ukuba achithe ngazo ezikhona,


Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: owamukela noma ngubani engimthumileyo, wamukela Mina; owamukela Mina, wamukela ongithumileyo.”


“Onizwayo nina, uyangizwa Mina; onganemukeli nina, akangamukeli Mina; ongangemukeli Mina, akamemukeli ongithumileyo.”


“INkosi iyakuphendula, ithi kubo: ‘Ngiqinisile ngithi kini, njengokuba nakwenza lokho kulaba bafowethu abancane, nakwenza kimi uqobo.’


Nalowo oyakwemukela umntwana onje abe munye ngegama lami, uyangamukela Mina.


Ngase ngithi: “Ukuhlakanipha kungcono kunamandla,” ngisho noma ukuhlakanipha komuntu ompofu kwedeleleka, namazwi akhe engashaywa mkhuba.


Ngimncane, ngedelelekile; nokho iziyalezo zakho angizilibali.


Labo abahleli kahle bayibukela phansi ingozi, ilungiselelwe abanezinyawo ezishelelayo.


Ngokuba nonke ningabantwana bakaNkulunkulu ngokukholwa kuJesu Khristu.


Akusekho mJuda namGriki, oboshiweyo nokhululekileyo; akusekho owesilisa nowesifazane, ngokuba nonke nimunye kuKhristu uJesu.


Pho selushonephi loluya gqozi enaninalo na? Ngiyaqinisa ukuthi naningawakhipha amehlo enu niwanike mina uma kwakunokwenzeka.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite