Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseGalathiya 3:5 - IsiZulu 2020

5 Ngabe oninika uMoya aveze imisebenzi yamandla phakathi kwenu ukwenza lokho ngenxa yemisebenzi yomthetho noma ngokuzwa izwi lokukholwa na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Ngakho yena oninikayo uMoya noveza imisebenzi yamandla phakathi kwenu ukwenza ngemisebenzi yomthetho noma ngezwi lokukholwa na?

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

5 Ngakho yena oniphayo uMoya nowenza imisebenzi yamandla phakathi kwenu ukwenza ngemisebenzi yomthetho noma ngezwi lokukholwa na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ngakho yena oniphayo uMoya nowenza imisebenzi yamandla phakathi kwenu ukwenza ngemisebenzi yomthetho noma ngezwi lokukholwa na?

Gade chapit la Kopi




KwabaseGalathiya 3:5
14 Referans Kwoze  

Ngifuna ukwazi lokhu kuphela kini, ukuthi namamukela uMoya ngemisebenzi yomthetho noma ngokuzwa izwi lokukholwa na?


Lokhu nifuna ubufakazi bokuthi nguKhristu yini okhuluma kimi, Yena akabuthakathaka ukubhekana nani, kodwa unamandla kini.


Nokho-ke, bahlala isikhathi eside, befundisa ngesibindi ngeNkosi eyafakazela izwi lomusa wayo, ngokubanika ukuba benze izibonakaliso nezimangaliso ngezandla zabo.


Impela izibonakaliso zobuphostoli zenziwe kini ngokubekezela konke, ngezibonakaliso, ngezimangaliso, nangemisebenzi yamandla.


ngokuba izikhali esilwa ngazo akusizo ezenyama, kodwa ngoNkulunkulu zinamandla okubhidliza izinqaba, zichithe imidlinzo emibi,


ngamandla ezibonakaliso nezimangaliso, ngamandla kaMoya kaNkulunkulu, njengokuba ngasuka eJerusalema, ngazungeza izwe ngaze ngafika e-Ilirikhu, ngishumayela ivangeli likaKhristu ngokupheleleyo.


pho inkonzo kaMoya ayiyukuba nenkazimulo enkulu kunayo na?


omunye uphiwa ukwenza imisebenzi yamandla, omunye ukuphrofetha, omunye ukwehlukanisa omoya, omunye ukukhuluma izilimi ngezilimi, omunye ukuhumusha izilimi.


Ngakho-ke ukukholwa kuvela ngokuzwa, ukuzwa kuvela ngezwi likaKhristu.


Kepha lowo onika ohlwanyelayo inhlwanyelo nesinkwa sokudliwa, uyakuninika ngokuphindiwe inhlwanyelo yenu, aphinde andise isivuno sokulunga kwenu,


Ngokuba ngiyazi ukuthi imikhuleko yenu nokungisiza kwenu okukhulu ngokukaMoya kaJesu Khristu, kuzakwelekelela ekukhululweni kwami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite