Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseGalathiya 3:22 - IsiZulu 2020

22 Kepha umbhalo ukuvalela konke phansi kwesono, ukuze isithembiso ngokukholwa kuJesu Khristu samukeliswe labo abakholwayo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Kepha umbhalo uvalele konke phansi kwesono, ukuze isithembiso ngokukholwa nguJesu Kristu siphiwe abakholwayo.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

22 Kepha umbhalo uvalile konke phansi kwesono, ukuze isithembiso ngokukholwa nguJesu Kristu siphiwe abakholwayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Kepha umbhalo uvalile konke phansi kwesono, ukuze isithembiso ngokukholwa nguJesu Kristu siphiwe abakholwayo.

Gade chapit la Kopi




KwabaseGalathiya 3:22
31 Referans Kwoze  

Ngokuba uNkulunkulu ubavalele bonke ekungalalelini ukuze abahawukele bonke.


Ngalokho-ke ungumxhumanisi wesivumelwano esisha, ukuze kuthi ngokufa okungenxa yokukhululwa eziphambekweni zesivumelwano sokuqala, ababiziweyo bazuze isithembiso sefa eliphakade.


Kodwa ngaphambi kokuba kufike ukukholwa, sasivalelwe phansi komthetho, sasiqashelwe yiwo kwaze kwembulwa ukukholwa.


Nasi-ke isithembiso Yena asethembisa sona: ukuphila okuphakade.


Okholwa yiNdodana unokuphila okuphakade, kodwa ongakholwa yiyo, akayukukubona ukuphila, kepha intukuthelo kaNkulunkulu ihlezi phezu kwakhe.”


Ngize emhlabeni njengokukhanya ukuba yilowo nalowo okholwa yimi angahlali ebumnyameni.


“Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: olizwayo izwi lami, akholwe ngongithumileyo, unokuphila okuphakade. Akayi ekwehlulelweni, kepha udlulisiwe ekufeni, wangena ekuphileni.


Ungayethwesi cala inceku yakho, ngokuba akukho namunye ophilayo olungile phambi kwakho.


Kepha thina njengokwesithembiso sakhe, silindele amazulu amasha nomhlaba omusha, okukhona kuwo ukulunga.


aniphe ngakho izithembiso eziyigugu nezinkulukazi, ukuze ngazo nibe ngabahlanganyeli besimo sobuNkulunkulu, nibalekele ukubhubha ngezinkanuko okusezweni.


UPawula, umphostoli kaKhristu uJesu ngokwentando kaNkulunkulu nangokwesithembiso sokuphila okukuKhristu uJesu,


Kepha uma ningabakaKhristu, seningabolibo luka-Abhrahama, niyizindlalifa ngokwesithembiso.


Ngokuba uma uvuma ngomlomo wakho ukuthi uJesu uyiNkosi, ukholwa enhliziyweni yakho ukuthi uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo, uyakusindiswa.


Ngakho-ke njengalokhu isono sangena emhlabeni ngamuntu munye, nangesono kwangena ukufa, ngokunjalo ukufa kwabehlela abantu bonke, ngokuba bonke bonile.


Ngokuba bonke bonile, basilalelwe yinkazimulo kaNkulunkulu.


Bona bathi: “Kholwa yiNkosi uJesu, yikhona uzakusindiswa, wena nendlu yakho.”


Kepha lezi zilotshiwe ukuba nikholwe ukuthi uJesu unguKhristu, iNdodana kaNkulunkulu, nokuthi nikholwe, nibe nokuphila egameni lakhe.


Ngokuba lokhu kuyintando kaBaba, ukuba yilowo nalowo obona iNdodana, akholwe yiyo, abe nokuphila okuphakade; Mina ngiyakumvusa ngomhla wokuphela.”


Yilokhu engikushoyo ukuthi isivumelwano esaqiniswa phambilini nguNkulunkulu, akukho mthetho obekwe emva kweminyaka engama-430 ongasesula noma usiqede, sona kanye nesithembiso.


ukuba isibusiso sika-Abhrahama ngoJesu Khristu sifinyelele kwabezizwe, ukuze samukeliswe isithembiso sikaMoya ngokukholwa.


Okholwayo abhabhadiswe uyakusindiswa, kodwa ongakholwayo uyakulahlwa.


ukulunga kukaNkulunkulu okuvela ngokukholwa nguJesu Khristu kubo bonke abakholwayo, ngokuba akukho mehluko.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite