Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseGalathiya 2:9 - IsiZulu 2020

9 Lapho bebona umusa engiwuphiweyo, uJakobe, noKhefase, noJohane: labo ababaziwa ngokuthi bayizinsika, banginika mina noBharnabha isandla sokunene sobudlelwano, ukuba thina sisebenze kwabezizwe, kodwa bona basebenze kwabasokileyo,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 bathi ukubona umusa engiwuphiweyo, oJakobe noKhefase noJohane, ababaziswa ngokuthi bayizinsika, banika mina noBarnaba isandla sokunene sokuhlangana ukuba thina siye kwabezizwe, kepha bona baye kwabasokayo,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

9 Kwathi oJakobe, noKhefase, noJohane, ababebonakala beyizinsika, bebona umusa engiwuphiweyo, banika mina noBarnaba isandla sokunene sokuhlangana; ukuze siye kwabezizwe, bona baye kwabasokile.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Kwathi oJakobe, noKhefase, noJohane, ababebonakala beyizinsika, bebona umusa engiwuphiweyo, banika mina noBarnaba isandla sokunene sokuhlangana; ukuze siye kwabezizwe, bona baye kwabasokile.

Gade chapit la Kopi




KwabaseGalathiya 2:9
32 Referans Kwoze  

Ngokuba ngomusa engiwuphiweyo ngithi kulowo nalowo kini akangazicabangi ukuthi mkhulu, kunalokho afanele ukukucabanga; kodwa acabange kube ngokuqonda, njengalokhu uNkulunkulu abele yilowo nalowo isilinganiso sokukholwa.


Onqobayo ngiyakumenza insika ethempelini likaNkulunkulu wami, futhi akasoze aphuma khona. Ngiyakuloba kuye igama likaNkulunkulu wami, negama lomuzi kaNkulunkulu wami, iJerusalema elisha elehla ezulwini livela kuNkulunkulu wami, negama lami elisha.


Ngakhuphuka ngenxa yesambulo, ngabalandisa ivangeli engilishumayelayo phakathi kwabezizwe. Kepha lokho ngakukhuluma sesisodwa nalabo abadumileyo, funa mhlawumbe ngigijimele ize, noma sengaligijimela.


okungaye samukela umusa nobuphostoli ukuze kube khona ukulalela kokukholwa ezizweni zonke ngenxa yegama lakhe,


Lokho esikubonileyo, sakuzwa, sinishumayeza khona nani, ukuba nibe nenhlanganyelo nathi. Kepha thina sinenhlanganyelo noYise naneNdodana yakhe, uJesu Khristu.


Mina engimncinyane kunabo bonke abangcwele, ngaphiwa lo musa wokushumayeza abezizwe ivangeli lengcebo kaKhristu engaphenyekiyo.


Kepha uma ngilibala, yazi ukuthi abantu kumele baziphathe kanjani endlini kaNkulunkulu, eyibandla likaNkulunkulu ophilayo, insika nesisekelo seqiniso.


engiyisebenzelayo futhi ngokukhandleka, ngilwa ngokusebenza kwakhe okusebenza kimi ngamandla.


nakhiwe phezu kwesisekelo sabaphostoli nabaphrofethi, uKhristu uJesu uqobo eyitshe legumbi,


Yiwona asinxusela kakhulu ecela umusa wokuba ahlanganyele ekukhonzeni abangcwele;


Kepha ngomusa kaNkulunkulu ngiyikho engiyikho, futhi umusa wakhe kimi awubanga yize, kodwa ngasebenza kakhulu kunabo bonke; kodwa kungesimina, kepha kungumusa kaNkulunkulu okimi.


Nokho nginilobela kokunye ngesibindi ukuze nginikhumbuze ngenxa yomusa engiwuphiwe nguNkulunkulu,


Besathule, kwakhuluma uJakobe, wathi: “Madoda, bazalwane, ngilaleleni.


Kuthe sebeludingide kabanzi, kwase kusukuma uPhethro, wathi kubo: “Madoda, bazalwane, niyazi ukuthi kade uNkulunkulu angikhetha phakathi kwenu ukuba abezizwe bezwe izwi levangeli ngomlomo wami, bakholwe.


Kwathi uJosefa owaqanjwa ngabaphostoli ngokuthi uBharnabha, okusho ukuthi indodana ekhuthazayo, engumLevi waseKhuphro ngokuzalwa,


Nami-ke ngithi kuwe: Wena unguPhethro; phezu kwaleli dwala ngiyakulakha ibandla lami; amasango eHayidese awayukulahlula.


Wasuka lapho wafumana uJehonadaba, indodana kaRekhabhi ezomhlangabeza; wayesembingelela, wathi kuye: “Ngabe kulungile yini enhliziyweni yakho njengoba kunjalo kweyami na?” UJehonadaba wathi: “Yebo.” UJehu wayesethi: “Uma-ke kunjalo, letha isandla sakho.” Waselula isandla sakhe, wayesemgibelisa enqoleni yakhe.


UJesu wathuma uPhethro noJohane, wathi: “Hambani niyosilungisela iPhasika ukuba sidle.”


Wamyisa kuJesu. UJesu wambheka, wathi: “Wena unguSimoni kaJona; usuzakubizwa ngokuthi uKhefase,” okusho ukuthi ngokuhunyushwa, uPhethro.


Esebathulisile ngesandla, wabalandisa ukuthi iNkosi imkhiphe kanjani ejele, wathi: “Bikelani uJakobe nabazalwane ngalokho.” Waphuma, waya kwenye indawo.


Ngokuba ngicabanga ukuthi angehluke ngalutho kulabo baphostoli abaziwa kakhulu.


Sengize ngaba yisiwula; nina ningiphoqile. Ngokuba mina kufanele ngabe nginconywa yinina. Angisilele ngalutho kubaphostoli abaqavile kakhulu, noma ngingento yalutho.


ukuba iNdodana yakhe ayambule kimi, ukuze ngishumayele ivangeli lakhe kwabezizwe, angizange ngibuze muntu ngaleso sikhathi.


Kwathi emva kweminyaka emithathu, ngakhuphukela eJerusalema ukuze ngiyobonana noKhefase futhi ngazane naye. Ngahlala naye izinsuku ezili-15.


Kwathi emva kweminyaka eli-14, ngabuye ngakhuphukela eJerusalema, ngihamba noBharnabha noThithu.


Ngokuba uma kukhona ozishaya utho abe engelutho, uyazikhohlisa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite