Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseGalathiya 2:7 - IsiZulu 2020

7 Kepha kunalokho, sebebonile ukuthi nginikezwe ukushumayela ivangeli kwabangasokile njengokuba uPhethro enikezwe ukwenza kanjalo kwabasokayo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Kepha kunalokho, lapho bebona ukuthi ngithenjiwe ngevangeli kwabangasokiyo njengoPetru kwabasokayo,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

7 Kepha ngokuphambene, sebebonile ukuthi ngiphathiswe ivangeli labangasokile, njengalokho lenziwa kuPetru ivangeli labasokile;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Kepha ngokuphambene, sebebonile ukuthi ngiphathiswe ivangeli labangasokile, njengalokho lenziwa kuPetru ivangeli labasokile;

Gade chapit la Kopi




KwabaseGalathiya 2:7
20 Referans Kwoze  

Kepha iNkosi yathi kuye: “Hamba, ngokuba lo uyisitsha sami esikhethiweyo sokuphatha igama lami phambi kwabezizwe, emakhosini, nakubantu bakwa-Israyeli.


Ngamiselwa mina ukuba ngibe ngummemezeli nomphostoli walokho; ngikhuluma iqiniso, angisengi ezimithiyo; yebo, umfundisi wabezizwe ekukholweni naseqinisweni.


kodwa njengalokhu uNkulunkulu evumile ukuba siphathiswe ivangeli, ngakho-ke siyakhuluma, hhayi ukuba sithokozise abantu, kodwa uNkulunkulu ovivinya izinhliziyo zethu.


ukuba iNdodana yakhe ayambule kimi, ukuze ngishumayele ivangeli lakhe kwabezizwe, angizange ngibuze muntu ngaleso sikhathi.


Ngamiselwa lona ukuba ngibe ngummemezeli, umphostoli, nomfundisi,


ngokwevangeli lenkazimulo kaNkulunkulu odumisekayo, engaphathiswa lona mina.


Lapho bebona umusa engiwuphiweyo, uJakobe, noKhefase, noJohane: labo ababaziwa ngokuthi bayizinsika, banginika mina noBharnabha isandla sokunene sobudlelwano, ukuba thina sisebenze kwabezizwe, kodwa bona basebenze kwabasokileyo,


Bonani ukuthi ukubekezela kweNkosi kuyinsindiso, njengalokhu nomzalwane wethu othandekayo uPawula anilobela ngokuhlakanipha ayekuphiwe.


Ngokuba uma ngikwenza lokho ngokuthanda kwami, nginomvuzo, kodwa uma kungesikho ukuthanda kwami, khona kungumsebenzi engiwuphathisiweyo.


“Ngakho-ke makwazeke kini ukuthi le nsindiso kaNkulunkulu ithunyelwe kwabezizwe; bona-ke bayakulalela.”


Kepha bamphikisa, behlambalaza, wayesethintitha izingubo zakhe, wathi kubo: “Igazi lenu malibe phezu kwamakhanda enu, mina anginacala; kusukela manje ngizakuya kwabezizwe.”


Isixuku sonke sathula; salalela uBharnabha noPawula belanda ngezibonakaliso nangezimangaliso uNkulunkulu ayezenze ngabo kwabezizwe.


Ngikhuluma kini nina bezizwe, njengokuba ngingumphostoli kwabezizwe, ngidumisa umsebenzi wami,


okungaye samukela umusa nobuphostoli ukuze kube khona ukulalela kokukholwa ezizweni zonke ngenxa yegama lakhe,


Ngiyamangala ukuthi senimhlubuke ngokushesha okungaka owanibiza ngomusa kaKhristu, nina-ke seniya kwelinye ivangeli.


Kwathi emva kweminyaka emithathu, ngakhuphukela eJerusalema ukuze ngiyobonana noKhefase futhi ngazane naye. Ngahlala naye izinsuku ezili-15.


Kepha lapho uKhefase efika e-Antiyokhe, ngamelana naye ubuso nobuso, lokhu wayenecala.


Kepha lapho ngikubona lokhu ukuthi abahambi ngokufanele iqiniso levangeli, ngathi kuKhefase phambi kwabo bonke: “Uma wena ungumJuda uziphatha njengowezizwe, hhayi njengokwabaJuda, pho baphoqelwani abezizwe ukuba baphile njengabaJuda na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite