Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseGalathiya 2:20 - IsiZulu 2020

20 Ngiyaphila, kodwa akuseyimi ophilayo, kepha uKhristu ophila kimi, ngakho-ke ukuphila engikuphilayo manje enyameni, ngikuphila ngokukholwa yiNdodana kaNkulunkulu eyangithanda, yazinikela ngenxa yami.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 akuseyimi ophilayo, kepha uKristu uphila kimi; kodwa ukuphila engikuphilayo kalokhu enyameni ngikuphila ngokukholwa, okungukukholwa yiNdodana kaNkulunkulu eyangithandayo, yazinikela ngenxa yami.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

20 Ngibethelwe kanye noKristu, nokho ngiyaphila; nokho akumina, kodwa uKristu uphila kimi, nokuphila engikuphila manje enyameni ngikuphila ngokukholwa yiNdodana kaNkulunkulu eyangithandayo, yazinikela ngenxa yami.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Ngibethelwe kanye noKristu, nokho ngiyaphila; nokho akumina, kodwa uKristu uphila kimi, nokuphila engikuphila manje enyameni ngikuphila ngokukholwa yiNdodana kaNkulunkulu eyangithandayo, yazinikela ngenxa yami.

Gade chapit la Kopi




KwabaseGalathiya 2:20
65 Referans Kwoze  

Kepha abakaKhristu bayibethele imvelo eyonakeleyo nokuhuheka nezinkanuko zayo.


wafela bonke ukuze abaphilayo bangabe besaziphilela bona, kodwa baphilele Yena owabafelayo, wabuye wavuka.


Kodwa uma safa kanye noKhristu, siyakholwa ukuthi siyakuphila kanye naye,


Kepha mina makungabi bikho lutho olunye engizincoma ngalo, ngaphandle kwesiphambano seNkosi yethu uJesu Khristu, okungaye izwe selabethelwa kimi, nami kulo.


Zihloleni nina, nibone ukuthi nisekukholweni yini, zivivinyeni nina. Noma anazi yini ukuthi uJesu uKhristu ukini na? Uma kungenjalo, ningabokwaliwa.


futhi ninganikeli ngezitho zenu esonweni, ukuba zibe yizikhali zokungalungi, kodwa zinikeleni nina kuNkulunkulu njengabaphilayo, abavukile kwabafileyo; nezitho zenu nizinikeleni kuNkulunkulu, zibe yizikhali zokulunga,


owasifelayo; ukuba noma siqwashile noma silele, siphile kanye naye.


owazinikela ngenxa yethu, ukuze asihlenge ebubini bonke, azihlambululele isizwe esingesakhe, esinokushisekela imisebenzi emihle.


owazinikela ngenxa yezono zethu ukuze asisindise kulesi sikhathi samanje esibi ngokwentando kaNkulunkulu uBaba wethu.


ukuze bonke babe munye, njengalokhu Wena Baba ukimi, nami ngikuwe, ukuba nabo babe kithina, ukuze izwe likholwe ukuthi ungithumile.


Kepha kukho konke lokho, siyanqoba nokunqoba ngowasithandayo.


Kepha siyazi ukuthi iNdodana kaNkulunkulu isifikile, yasinika ukuqonda namandla ukuze simazi oyiqiniso. Sikuye oweqiniso, iNdodana yakhe, uJesu Khristu. Lo nguNkulunkulu weqiniso nokuphila okuphakade.


nihambe othandweni, njengoba uKhristu wasithanda, wazinikela ngenxa yethu, ukuba abe ngumnikelo; umhlatshelo, nephunga elimnandi kuNkulunkulu.


Ngingakwenza konke ngaye ongiqinisayo.


UKhristu ahlale ezinhliziyweni zenu ngokukholwa, ukuze nigxile, nisekelwe othandweni,


Kusobala manje ukuthi akekho umuntu olungisiswa ngomthetho phambi kukaNkulunkulu, ngokuba olungileyo uzakuphila ngokukholwa.


“Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade.


Kepha uma sihamba ekukhanyeni, njengalokhu Yena esekukhanyeni; sinenhlanganyelo omunye nomunye, negazi likaJesu iNdodana yakhe liyasihlambulula ezonweni zonke.


okuyibona uNkulunkulu athanda ukubazisa ukuthi iyini ingcebo yenkazimulo yale mfihlakalo phakathi kwabezizwe. Le mfihlakalo inguKhristu phakathi kwenu, ithemba lenkazimulo.


okungaye sinokungena ngokukholwa kulo musa esimi kuwo, sizigabisa ngethemba lenkazimulo kaNkulunkulu.


ngokuba ukulunga kukaNkulunkulu kwambulwa kulo, kuvela ngokukholwa kuya ekukholweni, njengalokhu kulotshiwe ukuthi: “Olungileyo uzakuphila ngokukholwa.”


Lokhu nifuna ubufakazi bokuthi nguKhristu yini okhuluma kimi, Yena akabuthakathaka ukubhekana nani, kodwa unamandla kini.


nakuJesu Khristu, ufakazi othembekileyo, izibulo labafileyo nombusi wamakhosi omhlaba. Kuye osithandayo nowasikhulula ezonweni zethu ngegazi lakhe,


nilindele iNdodana yakhe ivela ezulwini, ayivusa kwabafileyo, enguJesu, osihlengayo olakeni oluzayo.


“Mina ngingumelusi omuhle. Umelusi omuhle udela ukuphila kwakhe ngenxa yezimvu.


Njengokuba uBaba ophilayo ungithumile, nami ngiphila ngaye, kanjalo nalowo ongidlayo, naye uyakuphila ngami.


Bheka, ngimi ngasemnyango ngingqongqotha, uma umuntu ezwa izwi lami, avule umnyango, ngiyakungena kuye, ngidle naye, naye adle nami.


enimthanda ningambonanga, kuthi nakuba ningamboni manje, kodwa nikholwa nguye, nithokoza ngentokozo engenakuchazwa ngamazwi netusekayo,


njengalokhu iNdodana yomuntu ingezelanga ukukhonzwa, kodwa ukukhonza nokunikela ngokuphila kwayo, kube yisihlengo sabaningi.”


Akekho onothando olwedlula olokuba umuntu adele ukuphila kwakhe ngenxa yabangani bakhe.


sazi ukuthi umuntu akalungisiswa ngemisebenzi yomthetho, kodwa ngokukholwa kuphela kuJesu Khristu, nathi sikholwa kuJesu Khristu ukuba silungisiswe ngokukholwa kuKhristu, hhayi ngemisebenzi yomthetho, ngokuba ngemisebenzi yomthetho, akukho muntu oyakulungisiswa.


Nakuba siphila sisenyameni, kasilwi ngokwenyama,


Thina siyakholwa, futhi siyazi ukuthi Wena ungoNgcwele kaNkulunkulu.”


UNathaniyeli wamphendula, wathi: “Rabi, Wena uyiNdodana kaNkulunkulu, uyiNkosi ka-Israyeli.”


kungesikho ukuthi sinethwesa imithwalo ngenxa yokukholwa kwenu, kodwa siyizisebenzi ezibambisene nani ekujabuleni kwenu, ngokuba nimile ekukholweni.


Kwathi kungakapholi maseko, wayeseshumayela ngoJesu emasinagogeni, ukuthi Yena uyiNdodana kaNkulunkulu.


Madoda, thandani omkenu, njengalokhu noKhristu elithandile ibandla, wazinikela ngenxa yalo,


ngokuba sihamba ngokukholwa, hhayi ngokubona.


UYise uyayithanda iNdodana, ngakho-ke unikele konke ezandleni zayo.


Thina sibonile, futhi siyafakaza ukuthi uYise wayithuma iNdodana ukuba ibe nguMsindisi wezwe.


Besahamba endleleni, bafika emanzini. Umthenwa wathi: “Nanka phela amanzi; kwalani ukuba ngibhabhadiswe na?”


Kwase kufika umlingi, wathi kuye: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, yisho kulawa matshe abe yizinkwa.”


Mina ngingowothandiweyo wami, naye uyangilangazelela.


ukulunga kukaNkulunkulu okuvela ngokukholwa nguJesu Khristu kubo bonke abakholwayo, ngokuba akukho mehluko.


owanikelwa ngenxa yeziphambeko zethu, wavuswa ngenxa yokulungisiswa kwethu.


Ngokuba sisebuthakathaka, uKhristu wafela abangamesabi uNkulunkulu ngesikhathi esifaneleyo,


Kepha uNkulunkulu ubonakalisa ukusithanda kwakhe ngalokhu, ukuthi siseyizoni, uKhristu wasifela.


Uma uKhristu ekini, umzimba ufile ngenxa yesono, kodwa umoya ungukuphila ngenxa yokulunga.


Ngokuba akakho phakathi kwethu oziphilela yena, akakho nozifela yena;


Kepha ozihlanganisa neNkosi uyakuba moya munye nayo.


Uthando lukaKhristu luyasiqhubezela; lokhu sibona ukuthi munye owafela bonke, ngakho-ke bonke sebafa;


Njengokuba iqiniso likaKhristu likimi, ukuzincoma kwami anginakuphucwa khona ezifundeni e-Akhaya.


Ngokuba kimina ukuphila kunguKhristu, ukufa kuyinzuzo.


Ngokuba yilowo nalowo mphristi omkhulu, ugcotshelwe ukunikela ngeminikelo nemihlatshelo. Ngakho-ke kudingekile ukuba naye luqobo abe nakho okuthile azonikela ngakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite