Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseGalathiya 1:16 - IsiZulu 2020

16 ukuba iNdodana yakhe ayambule kimi, ukuze ngishumayele ivangeli lakhe kwabezizwe, angizange ngibuze muntu ngaleso sikhathi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 ukuba ayambule iNdodana yakhe kimi, ukuze ngiyishumayele phakathi kwabezizwe, khona lapho angibuzananga nenyama negazi,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

16 ukwembula iNdodana yakhe kimi, ukuze ngiyishumayele phakathi kwabezizwe; masinyane angibuzanga lutho ngenyama negazi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 ukwembula iNdodana yakhe kimi, ukuze ngiyishumayele phakathi kwabezizwe; masinyane angibuzanga lutho ngenyama negazi.

Gade chapit la Kopi




KwabaseGalathiya 1:16
30 Referans Kwoze  

UJesu waphendula, wathi kuye: “Ubusisiwe wena Simoni kaJona, ngokuba inyama negazi akukwambulelanga lokhu, kodwa uBaba osezulwini.


Ngokuba asibambene negazi nenyama, kodwa sibambene nemibuso, namandla, nababusi bezwe balobu bumnyama, nabomoya bobubi emkhathini.


Ngenxa yalokho, mina Pawula ngiyisiboshwa sikaKhristu uJesu ngenxa yenu, nina bezizwe.


Ngokuba nguNkulunkulu owathi: “Akuvele ukukhanya ebumnyameni kukhanye,” nguYena owakhanyisa ezinhliziyweni zethu ukuze zikhanyelwe wulwazi lwenkazimulo kaNkulunkulu ebusweni bukaKhristu.


Ngikhuluma kini nina bezizwe, njengokuba ngingumphostoli kwabezizwe, ngidumisa umsebenzi wami,


“Wathi kimi: ‘Hamba, ngokuba ngizakukuthuma kwabezizwe.’ ”


Kepha iNkosi yathi kuye: “Hamba, ngokuba lo uyisitsha sami esikhethiweyo sokuphatha igama lami phambi kwabezizwe, emakhosini, nakubantu bakwa-Israyeli.


Lindani, nikhuleke ukuze ningangeni ekulingweni; umoya uyavuma, kodwa umzimba ubuthakathaka.”


owathi ngoyise nonina: ‘Angibabonanga,’ wangabanaka abafowabo, akaze abanakekela abantwana bakhe. Ngokuba baligcina izwi lakho, basigcina isivumelwano sakho.


Ngakho-ke njengalokhu abantwana bahlanganyela igazi nenyama, naye uqobo wahlanganyela khona lokho, ukuze ngokufa kwakhe ambhubhise onamandla phezu kokufa; uSathane,


Ngamiselwa lona ukuba ngibe ngummemezeli, umphostoli, nomfundisi,


Ngamiselwa mina ukuba ngibe ngummemezeli nomphostoli walokho; ngikhuluma iqiniso, angisengi ezimithiyo; yebo, umfundisi wabezizwe ekukholweni naseqinisweni.


besivimbela ukuba sikhulume nabezizwe ukuze basindiswe. Ngalokho-ke bazinqwabela njalo izono zabo, kodwa ulaka selwehlele phezu kwabo ngokupheleleyo.


Kwathi emva kweminyaka eli-14, ngabuye ngakhuphukela eJerusalema, ngihamba noBharnabha noThithu.


Kanjalo thina kusukela manje, asisazi muntu ngokwenyama; nakuba besimazi uKhristu ngokwenyama, nokho manje asisamazi.


Bazalwane, ngisho lokhu ukuthi inyama negazi akuyukulidla ifa lombuso kaNkulunkulu, kanjalo nokubola akunakulidla ifa elingukungaboli.


Abayekanga ukufundisa nokushumayela ivangeli ngoKhristu uJesu imihla ngemihla, ethempelini nasemakhaya.


Kwathi kungakapholi maseko, wayeseshumayela ngoJesu emasinagogeni, ukuthi Yena uyiNdodana kaNkulunkulu.


okungaye samukela umusa nobuphostoli ukuze kube khona ukulalela kokukholwa ezizweni zonke ngenxa yegama lakhe,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite