Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseFilipi 4:9 - IsiZulu 2020

9 Enakufunda, nakwemukela, nakuzwa, nakubona kimi, kwenzeni konke lokho; uNkulunkulu wokuthula uyakuba nani.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 enakufunda, nakwamukela, nakuzwa, nakubona kimi, kwenzeni lokho; khona uNkulunkulu wokuthula uyakuba nani.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

9 Enikufundile, nakwamukela, nakuzwa, nakubona kimi, kwenzeni; khona uNkulunkulu wokuthula uyakuba nani.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Enikufundile, nakwamukela, nakuzwa, nakubona kimi, kwenzeni; khona uNkulunkulu wokuthula uyakuba nani.

Gade chapit la Kopi




KwabaseFilipi 4:9
36 Referans Kwoze  

Yibani ngabalenzayo izwi, ningabi ngabalizwayo nje kuphela, nizikhohlisa.


Bazalwane, ngilingiseni, futhi nibabhekisise abahamba njengathi esiyisibonelo kini.


Ngakho-ke bazalwane, khuthalani kakhulu ukuze nikhombise ukubizwa nokukhethwa kwenu. Phela uma nikwenza lokho, anisoze nakhubeka nakanye.


Uma nikwazi lokhu, nibusisiwe nxa nikwenza.


Ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke kuyakuzilondoloza izinhliziyo zenu nemicabango yenu kuKhristu uJesu.


Kepha uNkulunkulu wokuthula uzakumchoboza masinyane uSathane phansi kwezinyawo zenu. Umusa weNkosi yethu uKhristu mawube nani.


Elokugcina bazalwane, thokozani, nihlumeleleke, nigqugquzeleke, nibe namqondo munye, futhi nibe nokuthula; khona uNkulunkulu wothando nokuthula uyakuba nani.


“Ningibizelani nithi: ‘Nkosi, Nkosi,’ nibe ningakwenzi engikushoyo na?


Nibafundise ukukugcina konke enginiyale ngakho. Niyabona, Mina nginani izinsuku zonke, kuze kube sekupheleni kwezwe.”


“Akusibo bonke abathi kimi: ‘Nkosi, Nkosi,’ abayakungena embusweni wezulu, kodwa kuphela yilowo owenza intando kaBaba osezulwini.


Sinesibindi eNkosini ngani ukuthi lokhu esiniyala ngakho niyakukwenza, nokuthi nizakuqhubeka nikwenze.


Nani naba ngabalingisa thina neNkosi, ngokuba nanxa nahlushwa kanzima, kodwa nalemukela izwi ngenjabulo evela kuMoya oNgcwele,


Sengathi uNkulunkulu wokuthula, Yena uqobo, anganingcwelisa ngokupheleleyo, alondoloze umoya wenu wonke, nomphefumulo nomzimba, kungabi nasici ekufikeni kweNkosi yethu uJesu Khristu.


UNkulunkulu wokuthula makabe nani nonke. Amen.


Unina wayesethi ezincekwini: “Yenzani noma yini azakunitshela yona.”


Kepha waphendula, wathi kubo: “Umame nabafowethu yilabo abathi bangalizwa izwi likaNkulunkulu, balenze.”


Ngokuba nina bazalwane nalingisa amabandla kaNkulunkulu aseJudiya akuKhristu uJesu, ngokuba nani nahlushwa ngabesizwe sakini, njengalokhu nawo ahlushwa ngabaJuda.


Ngakho-ke noma niyadla, noma niyaphuza, noma nenzani nje, konke kwenzeleni udumo lukaNkulunkulu.


UMose wayesebiza wonke u-Israyeli, wathi kuye: “Yizwa, Israyeli, izimiso nezehlulelo engizisho ezindlebeni zakho namuhla ukuba uzifunde bese uqikelela ukuzenza.


Kepha vuka ungene emzini, uzakutshelwa lokho okumele ukwenze.”


Ungesabi, ngokuba Mina nginawe; ungabi naluvalo, ngokuba Mina nginguNkulunkulu wakho; ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza, yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.


INkosi mayibe nomoya wakho. Umusa ube nani.


ngokuba uNkulunkulu akasiye owesiphithiphithi, kodwa ungowokuthula, njengokuba kunjalo kuwo wonke amabandla abangcwele.


Nina ningabangani bami, inqobo nje uma nenza lokhu enginiyala ngakho.


nalokho esikucelayo Yena uyakusamukelisa khona, ngokuba siyigcina imiyalo yakhe, futhi senza okuthandekayo kuye.


“Intombi iyakukhulelwa, izale indodana; bayakuyiqamba igama bathi ngu-Immanuweli,” okusho ukuthi: “UNkulunkulu unathi.”


Cebani icebo, kodwa lizobhuntsha; bophani izwi libe linye, kodwa alinakuphumelela, ngokuba uNkulunkulu unathi.


Ngakho-ke ngiyanincenga ukuba ningilingise.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite