Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseFilipi 4:15 - IsiZulu 2020

15 Nina baseFiliphi niyazi ukuthi ekuqaleni kwevangeli, ngesikhathi ngiphuma eMakhedoniya, kwakungekho ngisho nelilodwa ibandla elahlanganyela nami maqondana nokupha nokwamukela, ngaphandle kwenu kuphela.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Niyazi nani nina baseFilipi ukuthi ekuqaleni kwevangeli ekuphumeni kwami eMakedoniya kwakungekho bandla nelilodwa elahlanganyela nami endabeni yokupha nokwamukela, kuphela nina nodwa,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

15 Nani-ke nina baseFilipi niyazi ukuthi ekuqaleni kwevangeli, ekusukeni kwami eMakedoniya, akukho bandla elahlanganyela nami endabeni yokupha nokwamukela, kuphela nina nodwa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Nani-ke nina baseFilipi niyazi ukuthi ekuqaleni kwevangeli, ekusukeni kwami eMakedoniya, akukho bandla elahlanganyela nami endabeni yokupha nokwamukela, kuphela nina nodwa.

Gade chapit la Kopi




KwabaseFilipi 4:15
12 Referans Kwoze  

ngenxa yokuhlanganyela kwenu evangelini, kusukela ngosuku lokuqala kuze kube manje.


Sebephumile ejele, bangena kwaLidiya, kwathi sebebabonile abazalwane, babakhuthaza, base behamba.


Kepha uGehazi, inceku ka-Elisha, umuntu kaNkulunkulu, wathi: “Bheka, inkosi yami imyekile uNahamani, lo wase-Aramu, ngokungemukeli ezandleni zakhe akulethayo; ngifunga ngiyagomela kuSimakade, ngiyakugijima, ngimlandele, ngithathe noma yini kuye.”


Kepha, wathi: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade, angiyukwamukela lutho.” Wamncenga ukuba asamukele, kodwa wenqaba.


Ngokuba kwaba kuhle kwabaseMakhedoniya nabase-Akhaya ukuba banikelele abampofu okuthile kwabangcwele baseJerusalema.


Nakuba kufanele ukuba ngicabange kanjalo ngani nonke, ngokuba nisenhliziyweni yami nonke, lokhu nina nonke nihlanganyele nami emseni, ekuboshweni kwami, ekulivikeleni nasekuliqiniseni ivangeli.


Bazalwane, ngithanda ukuba nazi ukuthi lokho okwangehlelayo kugcine sekuqhubekisela phambili ivangeli.


Abanye bashumayela ngothando, bazi ukuthi ngimiselwe ukuvikela ivangeli.


Ngakho-ke bathandekayo bami, njengalokhu nalalela ngezikhathi zonke, hhayi nje uma ngikhona, kodwa ikakhulu manje njengokuba ngingekho; fezani ukusindiswa kwenu ngokwesaba nangokuthuthumela.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite