Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseFilipi 3:10 - IsiZulu 2020

10 ukuze ngimazi Yena, namandla okuvuka kwakhe, ngibe nokuhlanganyela ezinhluphekweni zakhe, ngimfuze nangokufa kwakhe,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 ukuze ngimazi yena, namandla okuvuka kwakhe, nokuhlanganyela ezinhluphekweni zakhe, ngimfuze ngokufa kwakhe,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

10 ukuze ngimazi yena, namandla okuvuka kwakhe, nokuhlanganyela ezinhluphekweni zakhe, ngifaniswe nokufa kwakhe;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 ukuze ngimazi yena, namandla okuvuka kwakhe, nokuhlanganyela ezinhluphekweni zakhe, ngifaniswe nokufa kwakhe;

Gade chapit la Kopi




KwabaseFilipi 3:10
34 Referans Kwoze  

Ngiyaphila, kodwa akuseyimi ophilayo, kepha uKhristu ophila kimi, ngakho-ke ukuphila engikuphilayo manje enyameni, ngikuphila ngokukholwa yiNdodana kaNkulunkulu eyangithanda, yazinikela ngenxa yami.


Uma-ke singabantwana, siyizindlalifa futhi; izindlalifa zikaNkulunkulu, nezindlalifa kanye noKhristu, uma nje sihlupheka kanye naye, ukuze futhi sikhazimuliswe kanye naye.


Yebo impela, ngikushaya indiva ngenxa yobukhulu bokumazi uKhristu uJesu iNkosi yami, engilahlekelwe yikho konke ngenxa yakhe, ngikushaya izibi ukuze ngizuze uKhristu,


Ngalokho siyazi ukuthi siyamazi Yena, uma siyigcina imiyalo yakhe.


Ngakho-ke uma navuswa kanye noKhristu, funani okwaphezulu, lapho ekhona uKhristu, ehleli ngakwesokunene sikaNkulunkulu;


Manje ngiyathokoza ezinhluphekweni zami ngenxa yenu, ngokuba ngigcwalisa okusileleyo ezinhluphekweni zikaKhristu enyameni yami ngenxa yomzimba wakhe oyibandla,


Njengokuba izinhlupheko zikaKhristu ziziningi kithi, kanjalo nokududuzeka kwethu kuyaphuphuma ngoKhristu.


Makabongwe uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Khristu, owasizala kabusha ngokwesihawu sakhe esikhulu, ukuba sibe nethemba eliphilileyo ngokuvuka kukaJesu Khristu kwabafileyo,


Ngokuba wabethelwa esiphambanweni ngobuthakathaka, kodwa uyaphila ngamandla kaNkulunkulu. Ngokuba nathi sibuthakathaka kuye, kepha lapho sibhekene nani, sizakuphila kanye naye ngamandla kaNkulunkulu.


Kepha ogcina izwi lakhe, impela uthando lukaNkulunkulu luphelelisiwe kuye.


Ukuphila okuphakade yilokhu ukuba bazi Wena wedwa, Nkulunkulu oqinisileyo, nomthumileyo, uJesu Khristu.


Ngokuba labo ayebazi phambilini, wabamisa kwaphambilini ukuba bafane nesimo seNdodana yakhe, ukuze yona ibe yizibulo kubazalwane abaningi;


nophilayo. Ngangifile; manje ngiyaphila kuze kube phakade naphakade, futhi ngiphethe izihluthulelo zokufa nezeHayidesi.


Nani-ke ebenifile ngeziphambeko zenu nokungasokwa kwenyama yenu, wanenza ukuba niphile kanye naye, esithethelela zonke iziphambeko zethu.


size sifinyelele sonke ebunyeni bokukholwa nasekwazini iNdodana kaNkulunkulu, ebudodeni obupheleleyo, esilinganisweni sobukhulu bokuphelela kukaKhristu,


Nguye owasihlenga ekufeni okungaka, futhi oyakusiphephisa; sethembele kuye ukuthi uyakusihlenga.


Akekho ongangephuca ukuphila kwami, kodwa ngikudela ngokwami. Nginegunya lokukudela, negunya lokubuye ngikuthathe. Lo myalo ngiwamukele uvela kuBaba.”


Wathi kubo: “Kuyiqiniso, nizakusiphuza isitsha sami, kodwa ukuhlala ngakwesokunene nangakwesokhohlo sami, akusikho okwami ukuphana ngakho, kepha kungokwalabo abakulungiselelwe nguBaba.”


Usho kanje uSimakade, uthi: “Ohlakaniphileyo makangazishayi isifuba ngokuhlakanipha kwakhe, neqhawe malingazibongi ngobuqhawe balo, nocebileyo makangazibongi ngengcebo yakhe.


Ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Ngenxa yakho, sibulawa usuku lonke; sifana nezimvu zokuhlatshwa.”


Kusukela manje, mangingabe ngisakhathazwa muntu, ngokuba ngithwele emzimbeni wami izimpawu zikaJesu.


Ngibona kufanele, inqobo nje uma ngisaphila kuleli dokodo, ukuba nginivuselele ngokunikhumbuza,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite